2 kuThimothewu 3:14-17
2 kuThimothewu 3:14-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha wena hlala ezintweni ozifundileyo waqiniselwa kuzo, wazi ukuthi wazifunda kubani; lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu. Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni; ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.
2 kuThimothewu 3:14-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha wena hlala ezintweni ozifundileyo waqiniselwa kuzo, wazi ukuthi wazifunda kubani; lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu. Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni; ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.
2 kuThimothewu 3:14-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kodwa wena bambelela kulokho okufundile nowakukholwa, wazi ukuthi ukufunde kobani, nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu. Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, ukusola, ukuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, ahlonyiselwe yonke imisebenzi emihle.
2 kuThimothewu 3:14-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha wena yima kulokho okufundile nowaqiniseka kukho, wazi ukuthi ukufunde kobani, nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu. Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.