2 kuThimothewu 3:1-15

2 kuThimothewu 3:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema. Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo, befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso. NjengoJane noJambre bamelana noMose, kanjalo laba bamelana neqiniso, abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni. Kepha abasayikuqhubekela phambili; ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengokuba kwaba njalo nobabo. Kepha wena walandela isifundiso sami nokuziphatha, nomgomo, nenkolo, nokubheka kade, nothando, nokubekezela, nokuzingelwa, nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu naseListra; ukuzingelwa okunje ngakhuthazela kukho, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke. Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa. Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa. Kepha wena yima kulokho okufundile nowaqiniseka kukho, wazi ukuthi ukufunde kobani, nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.

2 kuThimothewu 3:1-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Yazi futhi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima. Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abahahayo, nabazidlayo, nabazidlayo, nabathukayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabangangcwele; ngaphandle kokuthanda imvelo, abaphula isivumelwano, abahlebi, abangafuni ukuzithiba, abanolaka, abadeleli abalungileyo, Abakhapheli, abalukhuni, abakhukhumeleyo, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu; benesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla ako bewaphika; Ngokuba kulaba kukhona abanyebelezela ezindlini, bathumbe abesifazane abayiziwula abasindwa yizono, abaholwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo; Njalo befunda, kodwa bengabe besakwazi ukufinyelela olwazini lweqiniso. Njengoba uJane loJambre bamelana loMozisi, ngokunjalo laba bamelana leqiniso, abantu abalengqondo eyonakeleyo, abalamandla ekukholweni. Kodwa kabayikuqhubekela phambili, ngoba ubuthutha babo buzakuba sobala kubo bonke, njengoba kwaba njalo obabo. Kodwa wena usuyazile ngokugcwele imfundiso yami, indlela yokuphila, inhloso, ukholo, ukubekezela, uthando, ukubekezela, Ukushushiswa, nezinhlupheko, eza kimi e-Antiyokiya, e-Ikoniyu, eListra; ukuzingelwa okungaka ngakubekezelela, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke. Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa. Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa. Kepha wena hlala ezintweni ozifundileyo waqiniselwa kuzo, wazi ukuthi wazifunda kubani; lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.

2 kuThimothewu 3:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kepha yazi lokhu, ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika izikhathi ezinzima. Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abathandimali, abazigabisayo, abazidlayo, abahlambalazayo, abangabalaleli abazali, abangabongiyo, abahlazisayo, abangenalo uthando, abangavumi ukubuyisana, abahlebayo, abangenakuzithiba, abayizidlwangudlwangu, abazonda okuhle, abangabakhapheli, abanamawala, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema. Ngokuba kulabo kukhona abacathama bangene ezindlini, bathumbe abesifazane abangenasimilo abanyinyithekiswa yizono, beqhutshwa yizinkanuko ezinhlobonhlobo. Bafunda njalo, kodwa abafinyeleli ekwazini iqiniso. Njengokuba uJane noJambre bamelana noMose, kanjalo nalaba bamelana neqiniso, bangabantu abangqondo yabo yonakele, abehlulekayo ekukholweni. Kepha abayikuqhubekela phambili, ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengalokhu baba kanjalo nobalawo madoda. Kodwa wena walandela ngokucophelela imfundiso yami, ukuziphatha, umgomo, ukukholwa, ukubekezela, uthando, ukuhlupheka, ukuhlushwa nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokhiya, e-Ikhoniyu naseListra. Izinhlupheko engazihluphekayo, ngazibekezelela, iNkosi yangikhulula kukho konke. Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu bekuKhristu uJesu, bayakuzingelwa. Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe. Kodwa wena bambelela kulokho okufundile nowakukholwa, wazi ukuthi ukufunde kobani, nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.

2 kuThimothewu 3:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)