2 kuThimothewu 2:1-26

2 kuThimothewu 2:1-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngakho-ke wena mntanami, qina emseni okuKhristu uJesu. Lokho okuzwile kimi phambi kofakazi abaningi, kwedlulisele kubantu abathembekileyo, abafanele ukufundisa abanye. Hlanganyela nami ekuhluphekeni njengebutho elihle likaKhristu. Akekho othi esebenza njengebutho alibale yiminako yalokhu kuphila, kodwa ulwela ukuthokozisa lowo ombuthileyo. Kanjalo futhi uma umuntu esemncintiswaneni, akanikwa umqhele uma engayilandelanga imithetho yokuncintisana. Kufanele ukuba umlimi osebenzayo kube nguye othola isabelo sezithelo zokuqala. Kucabangisise lokhu engikushoyo, ngokuba iNkosi iyakukunika ukuba uziqonde zonke lezi zinto. Khumbula uJesu Khristu owavuswa kwabafileyo, owolibo lukaDavide, ngokwevangeli lami, engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. Ngakho-ke ngibekezelela konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKhristu uJesu, nenkazimulo yaphakade. Lithembekile leli lizwi elithi: ngokuba uma safa naye, siyakuphila futhi naye. Uma sikhuthazela, siyakubusa futhi sikanye naye; uma simphika naye uyakusiphika. Uma singethembekile, Yena uhlala ethembekile, ngokuba akakwazi ukuziphika. Bakhumbuze ngalokhu, futhi ubaxwayise phambi kukaNkulunkulu ukuba bangaqophisani ngamazwi, ngokuba lokho akusizi ngalutho, kodwa kukhubekisa abalaleleyo. Khuthalela ukuba uziveze wethembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esilifundisa siliqonde izwi leqiniso. Kepha kugweme ukukhuluma kwezwe okuyize, ngokuba kubhebhezela ukungamesabi uNkulunkulu, kuthi ukukhuluma kwabo kubhibhe njengesilonda somuna esibhucukayo, okukhona kulabo oHimenewu noFiletu, abaphambukileyo eqinisweni, bethi ukuvuka kwabafileyo sekwedlulile, futhi bachitha ukholo lwabanye. Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.” Kepha endlini enkulu akuhlali kuphela izitsha zegolide nezesiliva, kodwa nezokhuni nezebumba; ezinye ngezihloniphekileyo, ezinye ngezingahloniphekile. Ngakho-ke uma umuntu ezihlanza kulezi zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekileyo, esingcwelisiweyo, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe wonke umsebenzi omuhle. Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo. Kodwa ziqhelelanise empikiswaneni engubuwula nengenangqondo, wazi ukuthi lokho kudala ukulwa. Inceku yeNkosi ayifanele ukulwa, kodwa ifanele ibe mnene kubo bonke, ibe nekhono lokufundisa, ibekezele, ibayale ngomoya omnene abamelene nayo, hleze uNkulunkulu abanike ithuba lokuphenduka, baze balivume iqiniso, basanguluke engqondweni, baphunyuke ogibeni lukaSathane, ababambe ngalo ukuze benze intando yakhe.

2 kuThimothewu 2:1-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu; lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye. Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu. Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye. Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho. Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala. Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke. Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami, engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade. Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi; uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika; uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika. Bakhumbuze ngalokho, ufakaze phambi kukaNkulunkulu ukuba bangalwi ngamazwi, okungasizi lutho, okuyincithakalo kwabezwayo. Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso. Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu, nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo, abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu abadukileyo mayelana neqiniso, bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile, bechitha ukukholwa kwabanye. Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.” Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo; ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle. Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo. Kepha ukuphikisana kobuwula nokokungazi ukunqabe, wazi ukuthi kuzala ukulwa; inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela, ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso, basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.

2 kuThimothewu 2:1-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngakho wena, ndodana yami, qina emuseni okuKristu Jesu. Lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abanengi, lokho kubeke ebantwini abathembekileyo abazakuba lamandla okufundisa labanye. Ngakho wena khuthazelela ubunzima njengebutho elihle likaJesu Kristu. Akakho osempini ozifaka ezindabeni zalokhu kuphila; ukuze amthokozise omkhethileyo ukuba yisosha. Futhi uma umuntu encintisana, kathweswa umqhele, ngaphandle kokuthi encintisana ngokomthetho. Umlimi osebenzayo umelwe ukuba ngesabelo kuqala izithelo. Nakana engikushoyo; iNkosi ikunike ukuqedisisa ezintweni zonke. Khumbula ukuthi uJesu Kristu wavuswa kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami; engihlupheka ngakho kuze kube sekuboshweni njengomenzi wokubi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. Ngakho ngibekezelela izinto zonke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze labo bazuze usindiso olukuKristu Jesu, kanye lenkazimulo yaphakade. Likholekile izwi elithi: Ngokuba uma safa kanye naye, siyakuphila futhi kanye naye; uma sibekezela, siyakubusa kanye naye; uma simphika, naye uyakusiphika; Uma singakholwa, yena uhlala ethembekile, angeziphike. Bakhumbuze ngalezo zinto, ubayale phambi kweNkosi ukuthi bangaphikisani ngamazwi, okungasizi lutho, kodwa kubhubhise abezwayo. Khuphela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso. Kepha inkulumo-ze eyize xwaye kuyo, ngokuba bayokwanda ekungahloniphi uNkulunkulu. Nezwi labo liyakudla njengesilonda esibhibhayo, okuphakathi kwabo uHimenewu noFiletu; Asebedukile ngeqiniso, besithi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile; futhi ichitha ukholo lwabanye. Nokho isisekelo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu: INkosi iyabazi abangabayo. Futhi, Wonke obiza ibizo likaKristu kadede ebubini. Kepha endlini enkulu azikho izitsha zegolide nezesiliva kuphela, kodwa nezemithi nezebumba; lezinye ngezodumo, labanye ziyihlazo. Ngakho-ke uma umuntu ezihlanza kulezizinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esilungele umninindlu, esilungiselwe yonke imisebenzi emihle. Kepha balekela izinkanuko zobusha, kepha ulandele ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo emhlophe. Kodwa imibuzo yobuwula leyabangafundileyo uyigweme, wazi ukuthi izala ukuxabana. Inceku yeNkosi akufanele ilwe; kodwa abe mnene kubo bonke, ekwazi ukufundisa, ngokubekezela, Ubayala ngobumnene labo abamelana labo; uma mhlawumbe uNkulunkulu ebanika ukuphenduka ekulazini iqiniso; nokuba balulame ogibeni lukaSathane, ababanjwe nguye ngentando yakhe.

2 kuThimothewu 2:1-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)