2 kuThimothewu 1:3-7
2 kuThimothewu 1:3-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kokhokho ngonembeza omhlophe, ngokuba ngingaphezi ukukukhumbula emikhulekweni yami ubusuku nemini; Ngifisa kakhulu ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo; Nxa ngikhumbula ukholo lwakho olungazenzisiyo olwahlala kuqala kugogo wakho uLowisi lakunyoko uYunike; ngiyaqiniseka ukuthi nakuwe. Ngalokho ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikuwe ngokubeka izandla zami. Ngokuba uNkulunkulu akasinikanga umoya wokwesaba; kodwa ngamandla, lothando, lengqondo ephilileyo.
2 kuThimothewu 1:3-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kokhokho ngonembeza omhlophe, ngokuba ngingaphezi ukukukhumbula emikhulekweni yami ubusuku nemini; Ngifisa kakhulu ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo; Nxa ngikhumbula ukholo lwakho olungazenzisiyo olwahlala kuqala kugogo wakho uLowisi lakunyoko uYunike; ngiyaqiniseka ukuthi nakuwe. Ngalokho ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikuwe ngokubeka izandla zami. Ngokuba uNkulunkulu akasinikanga umoya wokwesaba; kodwa ngamandla, lothando, lengqondo ephilileyo.
2 kuThimothewu 1:3-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo ngonembeza omsulwa kusukela kokhokho, njengokuba ngikukhumbula njalo emikhulekweni yami ubusuku nemini, ngilangazelela ukukubona; ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo. Lokho kungikhumbuza ukukholwa kwakho okungenakho ukuzenzisa, okwaqala kugogo wakho uLuwisi nakunyoko uYunisi, futhi nginesiqiniseko sokuthi kukhona nakuwe. Ngakho-ke ngiyakukhumbuza ukuba usivuselele njalo isipho somusa sikaNkulunkulu esikuwe owasithola ngokubekwa yimi izandla. Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kodwa owamandla, owothando, nowokuzithiba.
2 kuThimothewu 1:3-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe, njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini, ngilangazelela ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo, ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena. Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami. Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.