2 uSamuweli 5:1-25

2 uSamuweli 5:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Zonke izizwe zakwa-Israyeli zeza kuDavide eHebhroni, zathi kuye: “Uyabona, thina siyithambo lakho nenyama yakho. Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ” Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli. UDavide waqala ukubusa eseneminyaka engama-39; wabusa iminyaka engama-40. Wabusa uJuda eHebhroni iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Wabusa u-Israyeli noJuda wonke iminyaka engama-33 eJerusalema. Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema bayokulwa namaJebusi ayakhe kulelo lizwe. AmaJebusi athi kuDavide: “Ngeke ungene lapha; uyakuxoshwa yizimpumputhe nezinyonga.” Ayethi: “UDavide ngeke angene lapha.” UDavide nokho wayidla inqaba iZiyoni, eseyingumuzi kaDavide manje. UDavide wathi ngalolo lusuku: “Noma ngubani obulala amaJebusi, makasuke emseleni wamanzi ahlasele izinyonga nezimpumputhe, labo abazonda uDavide, naye futhi abazondayo. Ngalokho kuyothiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga aziyukungena endlini.’ ” UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke, kusukela eMilo kuya ngaphakathi. UDavide waya ngokuya edlondlobala, ngoba uSimakade uNkulunkulu Wamabandla wayenaye. UHiramu, inkosi yaseThire, wathumela izithunywa kuDavide, nemisedari, nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide isigodlo. UDavide wakuqonda ukuthi uSimakade wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uwuphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe, u-Israyeli. UDavide wabuye wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, ngesikhathi esefikile khona evela eHebhroni. Bamzalela uDavide amadodana namadodakazi. Nanka amagama alabo abazalelwa eJerusalema: uShamuwa, uShobhabhi, uNathani, uSolomoni, uJibhari, u-Elishuwa, uNefegi, uJathiya, u-Elishama, u-Eliyada no-Elifelethi. AmaFilisti ezwa ukuthi uDavide ugcotshiwe waba yinkosi kwa-Israyeli, enyuka wonke ayomfuna. UDavide wezwa ngalokho, wayesehlela enqabeni. AmaFilisti afika lapho, ayeseviva eSigodini samaRefa. UDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngenyuke yini ngihlasele amaFilisti na? Uzowanikela yini esandleni sami?” USimakade wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngizowanikela impela amaFilisti esandleni sakho.” UDavide wawahlasela eBhali Pherazimi, wawanqoba khona lapho amaFilisti. UDavide wayesethi: “USimakade uzithelekele izitha zami ngibuka, njengokufohla kwamanzi.” Ngakho-ke wayibiza leyo ndawo ngokuthi yiBhali Pherazimi. AmaFilisti ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bazithatha, bahamba nazo. AmaFilisti abuye enyuka futhi, afika aviva esigodini samaRefa. UDavide wabuza kuSimakade, Yena wathi: “Ungenyuki, gega ngemuva kwawo, uwathelekele maqondana nezihlahla zebhalisamu. Uyakuthi lapho uzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zezihlahla zebhalisamu, uphangise, ngokuba uSimakade uyobe ephumile, engaphambi kwakho, ukubhubhisa impi yamaFilisti.” UDavide wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile, wawabhubhisa amaFilisti kusukela eGebha kuze kuyofika eGezeri.

2 uSamuweli 5:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho. Ngesikhathi esidlulileyo, uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.’ ” Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli. UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane. EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda. Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: “Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga,” ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha. UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide. UDavide wathi ngalolo suku: “Yilowo nalowo ochitha amaJebusi makasukele emseleni wamanzi izinyonga nezimpumputhe lezo ezizondwa ngumphefumulo kaDavide; ngalokho kuthiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga azinakungena endlini.’ ” UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi. UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye. UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide indlu. UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli. UDavide wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi. Nanka amagama abazalelwa eJerusalema: oShamuwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni, noJibari, no-Elishuwa, noNefegi, noJafiya, no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti. Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni. AmaFilisti esefikile ahlakazeka esiGodini samaRefa. UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?” UJehova wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.” UDavide wafika eBali Pherasimi, uDavide wawachitha khona; wathi: “UJehova ufohlile ezitheni zami phambi kwami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.* Ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bahamba nazo. AmaFilisti abuye enyuka, ahlakazeka esiGodini samaRefa. Lapho uDavide ebuza kuJehova, wathi yena: “Awuyikwenyuka; gwegwesa emva kwawo, uwafikele malungana namajikijolo. Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.” UDavide wenze njalo njengalokho uJehova emyalile, wachitha amaFilisti kusukela eGeba kuze kufike eGezeri.

2 uSamuweli 5:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Zonke izizwe zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zakhuluma zathi: “Bheka, siyithambo lakho nenyama yakho. Nakudala uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha u-Israyeli, wabangenisa; uJehova wathi kuwe: ‘Kumelwe unakekele abantu bami u-Israyeli, futhi wena kumelwe ube umbusi phezu kuka-Israyeli. Ayesefika onke amadoda amakhulu akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova, amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli. UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amane. EHebroni wabusa phezu kukaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu phezu kuka-Israyeli wonke noJuda. Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema kumaJebusi akhileyo kulelo zwe, bakhuluma kuDavide, bathi: “Uma ungabasusi abayizimpumputhe nezinyonga, aniyikungena lapha; Kepha uDavide wayithumba inqaba yaseSiyoni; kungumuzi kaDavide. UDavide wathi ngalolo suku: “Yilowo nalowo ogibela umgodi wokugwedla, abulale amaJebusi, nezinyonga, nezimpumputhe, ezondwa umphefumulo kaDavide, yena abe yinhloko nenduna; Ngakho bathi: “Izimpumputhe nezinyonga abayikungena endlini.” UDavide wahamba wayohlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha inhlangothi zonke, ethabathela eMilo nangaphakathi. UDavide waqhubeka ekhula, futhi uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye. UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari, nababazi, nabakhi, bamakhela uDavide indlu. UDavida wasebona ukuthi uJehova wayemmisile ukuthi abe yinkosi phezu kukaIsrayeli lokuthi wawuphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe uIsrayeli. UDavide wathatha ezinye izancinza nabesifazane eJerusalema ngemva kokufika kwakhe evela eHebroni, uDavide wazalelwa amadodana namadodakazi amaningi. Lawa angamagama abazalelwa wona eJerusalema; oSamuwa noShobabi noNathani noSolomoni, noJibhari, no-Elishuwa, noNefegi, noJafiya, no-Elishama no-Eliyada no-Elifeleti. Kwathi amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavida abe yinkosi phezu kukaIsrayeli, wonke amaFilisti enyuka ukumdinga uDavida; uDavide wezwa, wehlela entabeni enqabeni. AmaFilisti afika, ahlakazeka esigodini samaRefa. UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngenyukele kumaFilisti na? uzowanikela esandleni sami na? UJehova wathi kuDavide: “Sukuma, ngokuba ngiyakuwanikela nokuwanikela amaFilisti esandleni sakho. UDavide wafika eBali Pherasimi, uDavide wawachitha khona, wathi: “UJehova wafohla phambi kwami njengomfula phezu kwezitha zami; ngalokho wabiza leyo ndawo ngokuthi iBali-Pherasimi. Ashiya izithombe zawo lapho, uDavide nabantu bakhe bazishisa. AmaFilisti abuye akhuphuka, ahlakazeka esigodini samaRefa. UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Awunakukhuphuka; kodwa zungeza ngemva kwabo, ufike phezu kwabo phezu kwezihlahla zamabhamuli. Kuzakuthi-ke uma uzwa umsindo wokusunduza ezihlokweni zezihlahla zikamalibhele, uzijabulise; ngokuba lapho uJehova uyakuphuma phambi kwakho ukuba ahlule impi yamaFilisti. UDavide wenza njengalokho uJehova emyalile; wanqoba amaFilisti kusukela eGeba kwaze kwaba seGezeri.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo