2 uSamuweli 4:4
2 uSamuweli 4:4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJonathani, indodana kaSawule, yayinendodana elunyonga. Yayineminyaka emihlanu lapho kuzwakala izindaba ngoSawule noJonathani zivela eJizreyeli, ngakho-ke umzanyana wayo wayithatha, wabaleka nayo. Ngesikhathi ephuthuma ebaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo kwakunguMefibhoshethi.
2 uSamuweli 4:4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo. Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha, wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.
2 uSamuweli 4:4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ezinyaweni zakhe. Wayeneminyaka eyisihlanu lapho kufika umbiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli, umzanyana wakhe wamphakamisa, wabaleka; kwathi lapho ebaleka ngokuphangisa, wawa waba yisishosha. Igama lakhe lalinguMefibosheti.