2 uSamuweli 22:26-51
2 uSamuweli 22:26-51 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kothembekileyo, uzibonakalisa ethembekile; kumuntu oqotho, uziveza eqotho. Kohlanzekileyo, uzibonakalisa ehlanzekile; koyisigwegwe, azibonakalise enenkani. Uyabasindisa abantu abathobekileyo, kodwa amehlo akho akulabo abaqhoshayo ukuze ubathobise. Wena Simakade uyisibani sami; uSimakade uyabuguqula ubumnyama bami bube ngukukhanya. Ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange. Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaSimakade lihlanzekile; Yena uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye. “Ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaSimakade, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; indlela yami uyenza iqonde. Yena wenza izinyawo zami zibe njengezendlunzelakazi, angimise ezindaweni eziphakemeyo. Ufundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho; ukungilalela kwakho, kungikhulise kakhulu. Wandise izinyathelo zami, ukuze amaqakala ami angaxegi. “Ngazixosha izitha zami, ngazibhubhisa; angibuyanga ngingakaziqedi nya. Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zehluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami. Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami. Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula. Bakhala, kepha akubanga bikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kodwa akabaphendulanga. Ngabashaya ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabadovadova njengodaka emgwaqweni. “Wangikhulula ekulweni kwabantu; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bayakungikhonza. Abafokazi bazithoba phansi kwami; banele bezwa nje ngami, bangihlonipha. Abafokazi badangala, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela. “USimakade uyaphila malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu, idwala lensindiso yami. UNkulunkulu onginika impindiselo, othobise izizwe phansi kwami. Ungikhiphe ezitheni zami, wangiphakamisela phezu kwabangivukelayo, wangihlenga kumuntu oyisidlova. Ngakho-ke ngizokubonga Simakade phakathi kwabezizwe, ngilihubele igama lakho. Uyenza insindiso ibe nkulu kakhulu enkosini; umenzele umusa uDavide, ogcotshiweyo wakho, nabozalo lwakhe, kuze kube phakade.”
2 uSamuweli 22:26-51 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile; kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho; kohlanzekileyo uyazibonakalisa ehlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani. Uyasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise. Ngokuba wena uyisibani sami, Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange. Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. “Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; uyenza indlela yami ilunge, yena owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami; ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho; ubumnene bakho bungikhulisile. Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi. “Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi. Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami. Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami. Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula. Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula. Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini. “Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza. Abafo bazithoba phansi kwami; banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela. Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela. “UJehova usekhona malidunyiswe idwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami, uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami; ongikhiphile ezitheni zami, wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu. Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho. Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”
2 uSamuweli 22:26-51 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Konesihawu uyakuba nomusa, kolungileyo uzibonakalisa uqotho. Kohlanzekileyo uyozibonakalisa uhlanzekile; futhi kokungalungile uzobonisa ukucasuka kwakho. Abantu abacindezelweyo bayakukhulula, kepha amehlo akho aphezu kwabazidlayo, ukuze ubawise. Ngoba wena Jehova uyisibani sami, futhi uJehova uyokhanyisa ubumnyama bami. Ngoba ngawe ngadabula iqembu lezigelekeqe, ngoNkulunkulu wami ngeqa umduli. UNkulunkulu yena, indlela yakhe iphelele; izwi likaJehova lihloliwe; Uyisihlangu kubo bonke abamethembayo. Ngoba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? UNkulunkulu ungamandla ami namandla, wenza indlela yami iphelele. Wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzele, ungimisa ezindaweni zami eziphakemeyo. Uzifundisa izandla zami ukulwa; ukuze izingalo zami zephule umnsalo wensimbi. Wanginika isihlangu sensindiso yakho, nobumnene bakho bungikhulisile. Uzandisile izinyathelo zami phansi kwami; ukuze izinyawo zami zingasheleli. Ngazixosha izitha zami, ngazichitha; futhi angiphendukanga ngaze ngabaqeda. Ngaziqeda, ngazilimaza, ukuze zingavuki; yebo, zawa phansi kwezinyawo zami. Ngoba ungibhincise amandla okulwa; abangivukele wehlisele phansi kwami. Futhi unginikile intamo yezitha zami, ukuze ngichithe abangizondayo. Babheka, kepha kwakungekho msindisi; kuJehova, kepha akabaphendulanga. Ngabashaya bancane njengothuli lomhlaba, ngabagxoba njengodaka lwasemgwaqweni, ngabasakaza. Futhi wangisindisa ekuxabaneni kwabantu bami, wangilondoloza njengenhloko yezizwe; abantu engingabazi bayongikhonza. Abezizwe bayakuzithoba kimi; ngokushesha nje lapho bekuzwa, bayongilalela Mina. Abafokazi bayakunyamalala, besatshwe ezindaweni zabo eziseduze. UJehova uyaphila; futhi libusisiwe idwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wedwala lensindiso yami. UNkulunkulu ongiphindiselelayo, owehlisela abantu phansi kwami; Ongikhipha ezitheni zami; Ungiphakamisile phezu kwabangivukelayo; Wangikhulula kumcindezeli. Ngalokho ngiyakukubonga, Jehova, phakathi kwezizwe, ngihubele igama lakho. Ungumbhoshongo wensindiso yenkosi yakhe, uhawukela ogcotshiweyo wakhe, kuDavide nakuyo inzalo yakhe kuze kube phakade.