2 uSamuweli 2:8-32

2 uSamuweli 2:8-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)

U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi, wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke. U-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eqala ukubusa kwa-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yayilandela uDavide. Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebhroni endlini yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. U-Abhineri, indodana kaNeri, nezinceku zika-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, basuka eMahanayimi, baya eGibheyoni. UJowabe, indodana kaZeruya nezinceku zikaDavide, baphuma, bahlangana nabo ngasechibini eGibheyoni. Bahlala phansi, abanye ngakulolu hlangothi lwechibi, abanye bahlala ngakolunye. U-Abhineri wathi kuJowabe: “Ake zisukume izinsizwa, zizwane amandla phambi kwethu.” UJowabe wathi: “Mazisukume.” Zase zisukuma zaphumela eshashalazini, zabalwa zaze zaba li-12 ohlangothini luka-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule wakwaBhenjamini, zaba li-12 ezincekwini zikaDavide. Zabambana ngezihluthu, yileyo naleyo yagwaza enye ohlangothini, zawa kanyekanye. Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiHelikhathi Hazurimi, iseGibheyoni. Impi yayinzima kakhulu ngalolo lusuku; u-Abhineri namadoda akwa-Israyeli behlulwa yizinceku zikaDavide. Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaZeruya, uJowabe, u-Abhishayi no-Asaheli. U-Asaheli wayewunyazi egijimisa okwensephe endle. U-Asaheli wamhubha u-Abhineri, akaze achezukela kwesokunene noma kwesokhohlo ekumlandeleni. U-Abhineri waqalaza emuva, wayesethi: “Ngabe nguwe, Asaheli na?” Wamphendula wathi: “Yebo, yimina.” U-Abhineri wathi kuye: “Chezuka uye ngakwesokudla noma ngakwesokunxele, uthathe enye yezinsizwa, uzithathele kuyo impango.” Kepha u-Asaheli akazange achezuke, waqhubeka wamhubha. U-Abhineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Chezuka ungabe usangihubha; yini ufune ukuba ngikucekele phansi na? Ngiyombhekelwa ngubani umfowethu uJowabe na?” Kepha wenqaba ukuchezuka. U-Abhineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, umkhonto waze wayophumela ngemuva. Wawela lapho, wafa. Bonke abafika endaweni lapho u-Asaheli ayewele khona, wafa, babema bathule du! U-Jowabe no-Abhishayi bamhubha u-Abhineri. Bafinyelela entabeni i-Ama, eyayimaqondana neGiya, ngendlela ebheke ehlane iGibheyoni, lapho ilanga seliyozilahla kunina. Abantu bakwaBhenjamini babuthana emva kuka-Abhineri, baba liviyo elilodwa; bama esiqongweni segquma elithile. U-Abhineri wayesememeza uJowabe, wathi: “Inkemba iyakubhubhisa njalo njalo yini na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni? Kuyoze kube nini ngaphambi kokuba ubayale abantu ukuba babuye ekuhubheni abafowabo na?” UJowabe wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, ukuba ubungakhulumanga, abantu bonke bebeyobe sebekuyekile kusasa ukuhubha abafowabo.” UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bama, ababe besabahubha abakwa-Israyeli, futhi ababange besalwa. U-Abhineri nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, badabula e-Araba, bawela iJordani, basidabula sonke isifunda iBhithroni, baze bayofinyelela eMahanayimi. UJowabe wabuya ekuhubheni u-Abhineri. Wayesebahlanganisa bonke abantu, kodwa kwabonakala ukuthi zili-19 izinceku zikaDavide ezafayo, ezingatholakalanga no-Asaheli. Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBhenjamini nabakwa-Abhineri abangama-360. Bamthatha u-Asaheli, bamngcwaba elibeni likayise eBhethlehema. UJowabe namadoda ayenawo base behamba ubusuku bonke, kwathi kuqambe kusa babe sebeseHebhroni.

2 uSamuweli 2:8-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kepha u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi kaSawule, wathatha u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamyisa eMahanayimi; wamenza inkosi kwaGileyadi, naseAsiriya, naseJizreyeli, nakuEfrayimi, nakuBenjamini, nakuIsrayeli wonke. U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane lapho eqala ukubusa phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka emibili. Kodwa indlu yakwaJuda yamlandela uDavide. Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. U-Abineri, indodana kaNeri, nezinceku zika-Ishi Bosheti, indodana kaSawule, baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni. UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma, bahlangana echibini laseGibeyoni; bahlala phansi, omunye engapha kokugeza omunye engapha kokugeza. U-Abineri wayesethi kuJowabe: “Mazisukume izinsizwa, zidlale phambi kwethu; Wathi uJowabe: “Mabasuke.” Kwase kusuka kwadabula ngokwenani eliyishumi nambili lakwaBenjamini lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule, nezinceku eziyishumi nambili zikaDavide. Futhi babamba yilowo nalowo umngane wakhe ngekhanda futhi wamgwaza inkemba yakhe ohlangothini lwakhe; ngalokho bawa phansi kanyekanye. Ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hassurimi eseGibeyoni. Futhi kwaba khona impi enzima kakhulu ngalolo suku; u-Abineri namadoda akwa-Israyeli babulawa phambi kwezinceku zikaDavide. Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaSeruya, uJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayelula ezinyaweni zakhe njengemfene. U-Asaheli wamxosha u-Abineri; ekuhambeni kwakhe, akaphendukanga ku-Abineri ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. U-Abineri wayesebheka emva kwakhe, wathi: “Wena u-Asaheli na?” Wathi: “Nginguye.” U-Abineri wayesethi kuye: “Phendukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo sakho, ubambe enye yezinsizwa, uzithathele izikhali zayo.” Kodwa u-Asaheli akazange aphambuke ekumlandeleni. U-Abineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Suka ekungisukeleni; kungani kufanele ngikushaye phansi? ngingabumisa kanjani ubuso bami kuJowabe umfowenu na? Kodwa wala ukuphambuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza ngengemuva lomkhonto ngaphansi kombambo lwesihlanu, kwaze kwaphuma umkhonto emva kwakhe; wawela khona lapho, wafela khona lapho. OJowabe no-Abishayi nabo bamxosha u-Abineri, lashona ilanga befika entabeni yase-Ama engaphambi kweGiya endleleni eya ehlane laseGibeyoni. Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni sentaba. U-Abineri wayesembiza uJowabe, wathi: “Inkemba izophela kuze kube phakade na? Anazi yini ukuthi ekugcineni kuyoba umunyu? koze kube nini ungayaleli abantu ukuba babuye ekulandeleni abafowabo na? Wayesethi uJowabe: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ungakhulumanga, abantu bebeyakukhuphuka nokukhuphuka ekuseni, kube yilowo nalowo kubafowabo emva kwakhe.” UJowabe wayesevuthela icilongo, bonke abantu bema, ababe besaxosha u-Israyeli, ababe besalwa. U-Abineri nabantu bakhe badabula ethafeni lobo busuku bonke, bawela iJordani, badabula iBitroni yonke, bafika eMahanayimi. UJowabe wabuya emva kuka-Abineri, wababizela ndawonye bonke abantu, kwadabula amadoda ayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli ezincekwini zikaDavide. Kepha izinceku zikaDavide zabulala abanye bakwaBenjamini nabakwa-Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha. Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise eliseBhetlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, bafika eHebroni ekuseni kakhulu.

2 uSamuweli 2:8-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi, wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke. U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane ekuqaleni kwakhe ukubusa phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yamlandela uDavide. Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika-Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni. UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi. U-Abineri wathi kuJowabe: “Ake zisuke izinsizwa, ziqakulizane phambi kwethu.” UJowabe wathi: “Mazisuke.” Zase zisuka, zawela ngamanani, eziyishumi nambili kwaBenjamini naku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, neziyishumi nambili ziyizinceku zikaDavide. Zabambana ngekhanda, zagwaza ngenkemba ohlangothini lwezimelene nazo, zawa kanyekanye; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hasurimi eliseGibeyoni. Kwakuyimpi enzima ngalolo suku; u-Abineri wahlulwa kanye nabantu bakwa-Israyeli phambi kwezinceku zikaDavide. Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe. U-Asaheli wamxosha u-Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri. U-Abineri wabheka emuva, wathi: “Ungu-Asaheli na?” Wathi: “Yimi.” U-Abineri wayesethi kuye: “Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe.” Kepha u-Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni. U-Abineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?” Wala nokho ukuchezuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, waze waphuma emuva umkhonto; wawela khona, wafela khona lapho; kwathi bonke abafika endaweni u-Asaheli awele kuyo wafa, bema. Kepha oJowabe no-Abishayi bamxosha u-Abineri; ilanga lashona befike ngasegqumeni lase-Ama elingaphambi kweGiya ngasendleleni yasehlane laseGibeyoni. Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni segquma elithile. U-Abineri wayesememeza kuJowabe, wathi: “Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?” UJowabe wathi: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ubungakhulumanga, ngempela abantu bonke bebeyakube sebenyukile kusasa ekuxosheni abafowabo.” UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u-Israyeli, futhi ababe besalwa. U-Abineri nabantu bakhe badabula i-Araba bonke lobo busuku, bawela iJordani, badabula lonke iBitroni, bafika eMahanayimi. UJowabe wabuya ekumxosheni u-Abineri; lapho esebuthile bonke abantu, kwasilala kuzo izinceku zikaDavide abantu abayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli. Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBenjamini nabaka-Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha. Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise elaliseBetlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, kwasa beseHebroni.