2 uSamuweli 2:1-32

2 uSamuweli 2:1-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi emveni kwalokho uDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngingenyukela yini komunye wemizi yakwaJuda na?” USimakade wathi: “Yenyuka.” UDavide wathi: “Ngenyukele kumuphi na?” Yena wathi: “EHebhroni.” UDavide wenyuka lapho namakhosikazi akhe omabili, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abhigayili waseKharimeli, umkaNabali. UDavide wenyuka namadoda ayenaye, kwaba yileyo naleyo nabomndeni wayo; bahlala emizaneni eHebhroni. Abantu bakwaJuda bafika, bamgcoba khona lapho uDavide ukuba abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Base bembikela bethi: “Ngabantu baseJabheshi Gileyadi abangcwabe uSawule.” UDavide wayesethumela izithunywa kubantu baseJabheshi Gileyadi, wathi kubo: “USimakade makanibusise, ngokuba nikhombise isihawu enkosini yenu uSawule, nayingcwaba. Manje sengathi uSimakade anganenzela isihawu nokwethembeka, nami ngizonenzela okuhle ngenxa yalokhu enikwenzileyo. Manje-ke maziqine izandla zenu, nime isibindi, ngokuba uSawule, inkosi yenu, usekhotheme. Indlu yakwaJuda ingigcobile ukuba ngibe yinkosi yayo.” U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi, wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke. U-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eqala ukubusa kwa-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yayilandela uDavide. Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebhroni endlini yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. U-Abhineri, indodana kaNeri, nezinceku zika-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, basuka eMahanayimi, baya eGibheyoni. UJowabe, indodana kaZeruya nezinceku zikaDavide, baphuma, bahlangana nabo ngasechibini eGibheyoni. Bahlala phansi, abanye ngakulolu hlangothi lwechibi, abanye bahlala ngakolunye. U-Abhineri wathi kuJowabe: “Ake zisukume izinsizwa, zizwane amandla phambi kwethu.” UJowabe wathi: “Mazisukume.” Zase zisukuma zaphumela eshashalazini, zabalwa zaze zaba li-12 ohlangothini luka-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule wakwaBhenjamini, zaba li-12 ezincekwini zikaDavide. Zabambana ngezihluthu, yileyo naleyo yagwaza enye ohlangothini, zawa kanyekanye. Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiHelikhathi Hazurimi, iseGibheyoni. Impi yayinzima kakhulu ngalolo lusuku; u-Abhineri namadoda akwa-Israyeli behlulwa yizinceku zikaDavide. Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaZeruya, uJowabe, u-Abhishayi no-Asaheli. U-Asaheli wayewunyazi egijimisa okwensephe endle. U-Asaheli wamhubha u-Abhineri, akaze achezukela kwesokunene noma kwesokhohlo ekumlandeleni. U-Abhineri waqalaza emuva, wayesethi: “Ngabe nguwe, Asaheli na?” Wamphendula wathi: “Yebo, yimina.” U-Abhineri wathi kuye: “Chezuka uye ngakwesokudla noma ngakwesokunxele, uthathe enye yezinsizwa, uzithathele kuyo impango.” Kepha u-Asaheli akazange achezuke, waqhubeka wamhubha. U-Abhineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Chezuka ungabe usangihubha; yini ufune ukuba ngikucekele phansi na? Ngiyombhekelwa ngubani umfowethu uJowabe na?” Kepha wenqaba ukuchezuka. U-Abhineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, umkhonto waze wayophumela ngemuva. Wawela lapho, wafa. Bonke abafika endaweni lapho u-Asaheli ayewele khona, wafa, babema bathule du! U-Jowabe no-Abhishayi bamhubha u-Abhineri. Bafinyelela entabeni i-Ama, eyayimaqondana neGiya, ngendlela ebheke ehlane iGibheyoni, lapho ilanga seliyozilahla kunina. Abantu bakwaBhenjamini babuthana emva kuka-Abhineri, baba liviyo elilodwa; bama esiqongweni segquma elithile. U-Abhineri wayesememeza uJowabe, wathi: “Inkemba iyakubhubhisa njalo njalo yini na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni? Kuyoze kube nini ngaphambi kokuba ubayale abantu ukuba babuye ekuhubheni abafowabo na?” UJowabe wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, ukuba ubungakhulumanga, abantu bonke bebeyobe sebekuyekile kusasa ukuhubha abafowabo.” UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bama, ababe besabahubha abakwa-Israyeli, futhi ababange besalwa. U-Abhineri nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, badabula e-Araba, bawela iJordani, basidabula sonke isifunda iBhithroni, baze bayofinyelela eMahanayimi. UJowabe wabuya ekuhubheni u-Abhineri. Wayesebahlanganisa bonke abantu, kodwa kwabonakala ukuthi zili-19 izinceku zikaDavide ezafayo, ezingatholakalanga no-Asaheli. Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBhenjamini nabakwa-Abhineri abangama-360. Bamthatha u-Asaheli, bamngcwaba elibeni likayise eBhethlehema. UJowabe namadoda ayenawo base behamba ubusuku bonke, kwathi kuqambe kusa babe sebeseHebhroni.

2 uSamuweli 2:1-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi emva kwalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngenyukele yini komunye wemizi yakwaJuda na?” UJehova wathi kuye: “Yenyuka.” Wathi uDavide: “Ngenyukelephi na?” Wathi: “EHebroni.” Wayesenyukela khona uDavide nabafazi bakhe ababili, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli. Abantu bakhe ababe noDavide wabenyusa, kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe; bahlala emizaneni yaseHebroni. Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.” UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova, ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela. Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso, nami nginibuyisele lowo musa, ngokuba niyenzile leyo nto. Ngalokho maziqine izandla zenu, nibe nesibindi, ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.” U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi, wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke. U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane ekuqaleni kwakhe ukubusa phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yamlandela uDavide. Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika-Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni. UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi. U-Abineri wathi kuJowabe: “Ake zisuke izinsizwa, ziqakulizane phambi kwethu.” UJowabe wathi: “Mazisuke.” Zase zisuka, zawela ngamanani, eziyishumi nambili kwaBenjamini naku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, neziyishumi nambili ziyizinceku zikaDavide. Zabambana ngekhanda, zagwaza ngenkemba ohlangothini lwezimelene nazo, zawa kanyekanye; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hasurimi eliseGibeyoni. Kwakuyimpi enzima ngalolo suku; u-Abineri wahlulwa kanye nabantu bakwa-Israyeli phambi kwezinceku zikaDavide. Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe. U-Asaheli wamxosha u-Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri. U-Abineri wabheka emuva, wathi: “Ungu-Asaheli na?” Wathi: “Yimi.” U-Abineri wayesethi kuye: “Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe.” Kepha u-Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni. U-Abineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?” Wala nokho ukuchezuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, waze waphuma emuva umkhonto; wawela khona, wafela khona lapho; kwathi bonke abafika endaweni u-Asaheli awele kuyo wafa, bema. Kepha oJowabe no-Abishayi bamxosha u-Abineri; ilanga lashona befike ngasegqumeni lase-Ama elingaphambi kweGiya ngasendleleni yasehlane laseGibeyoni. Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni segquma elithile. U-Abineri wayesememeza kuJowabe, wathi: “Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?” UJowabe wathi: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ubungakhulumanga, ngempela abantu bonke bebeyakube sebenyukile kusasa ekuxosheni abafowabo.” UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u-Israyeli, futhi ababe besalwa. U-Abineri nabantu bakhe badabula i-Araba bonke lobo busuku, bawela iJordani, badabula lonke iBitroni, bafika eMahanayimi. UJowabe wabuya ekumxosheni u-Abineri; lapho esebuthile bonke abantu, kwasilala kuzo izinceku zikaDavide abantu abayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli. Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBenjamini nabaka-Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha. Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise elaliseBetlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, kwasa beseHebroni.

2 uSamuweli 2:1-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngemva kwalokho uDavida wabuza kuJehova wathi: “Ngingenyukele yini komunye wemizi yakoJuda? INkosi yasisithi kuye: Vuka. UDavide wathi: “Ngikhuphukele ngaphi na? Wathi: “EHebroni!” UDavide wenyukela khona, kanye nabafazi bakhe ababili, o-Ahinohama waseJizreyeli, no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli. UDavide wayesethuma amadoda akhe aye naye ukuba akhuphuke, kube yilowo nalowo nendlu yakhe, ahlala emizini yaseHebroni. Amadoda akwaJuda afika amgcoba lapho uDavide abe yinkosi phezu kwendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide, bathi: “Ngamadoda aseJabeshi eGileyadi ammbela uSawule.” UDavide wathuma izithunywa kubantu baseJabeshi kwaGileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova ukuba nenze lomusa enkosini yenu kuSawule, nammbela. Manje uJehova unibonisile umusa nokwethembeka, futhi ngizokubuyisela lomusa kini, ngoba nenzile le nto. Manje izandla zenu maziqiniswe, zibe nesibindi, ngokuba inkosi yenu uSawule ifile, nendlu yakwaJuda nayo ingigcobile ngibe yinkosi phezu kwayo. Kepha u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi kaSawule, wathatha u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamyisa eMahanayimi; wamenza inkosi kwaGileyadi, naseAsiriya, naseJizreyeli, nakuEfrayimi, nakuBenjamini, nakuIsrayeli wonke. U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane lapho eqala ukubusa phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka emibili. Kodwa indlu yakwaJuda yamlandela uDavide. Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. U-Abineri, indodana kaNeri, nezinceku zika-Ishi Bosheti, indodana kaSawule, baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni. UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma, bahlangana echibini laseGibeyoni; bahlala phansi, omunye engapha kokugeza omunye engapha kokugeza. U-Abineri wayesethi kuJowabe: “Mazisukume izinsizwa, zidlale phambi kwethu; Wathi uJowabe: “Mabasuke.” Kwase kusuka kwadabula ngokwenani eliyishumi nambili lakwaBenjamini lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule, nezinceku eziyishumi nambili zikaDavide. Futhi babamba yilowo nalowo umngane wakhe ngekhanda futhi wamgwaza inkemba yakhe ohlangothini lwakhe; ngalokho bawa phansi kanyekanye. Ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hassurimi eseGibeyoni. Futhi kwaba khona impi enzima kakhulu ngalolo suku; u-Abineri namadoda akwa-Israyeli babulawa phambi kwezinceku zikaDavide. Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaSeruya, uJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayelula ezinyaweni zakhe njengemfene. U-Asaheli wamxosha u-Abineri; ekuhambeni kwakhe, akaphendukanga ku-Abineri ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. U-Abineri wayesebheka emva kwakhe, wathi: “Wena u-Asaheli na?” Wathi: “Nginguye.” U-Abineri wayesethi kuye: “Phendukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo sakho, ubambe enye yezinsizwa, uzithathele izikhali zayo.” Kodwa u-Asaheli akazange aphambuke ekumlandeleni. U-Abineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Suka ekungisukeleni; kungani kufanele ngikushaye phansi? ngingabumisa kanjani ubuso bami kuJowabe umfowenu na? Kodwa wala ukuphambuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza ngengemuva lomkhonto ngaphansi kombambo lwesihlanu, kwaze kwaphuma umkhonto emva kwakhe; wawela khona lapho, wafela khona lapho. OJowabe no-Abishayi nabo bamxosha u-Abineri, lashona ilanga befika entabeni yase-Ama engaphambi kweGiya endleleni eya ehlane laseGibeyoni. Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni sentaba. U-Abineri wayesembiza uJowabe, wathi: “Inkemba izophela kuze kube phakade na? Anazi yini ukuthi ekugcineni kuyoba umunyu? koze kube nini ungayaleli abantu ukuba babuye ekulandeleni abafowabo na? Wayesethi uJowabe: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ungakhulumanga, abantu bebeyakukhuphuka nokukhuphuka ekuseni, kube yilowo nalowo kubafowabo emva kwakhe.” UJowabe wayesevuthela icilongo, bonke abantu bema, ababe besaxosha u-Israyeli, ababe besalwa. U-Abineri nabantu bakhe badabula ethafeni lobo busuku bonke, bawela iJordani, badabula iBitroni yonke, bafika eMahanayimi. UJowabe wabuya emva kuka-Abineri, wababizela ndawonye bonke abantu, kwadabula amadoda ayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli ezincekwini zikaDavide. Kepha izinceku zikaDavide zabulala abanye bakwaBenjamini nabakwa-Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha. Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise eliseBhetlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, bafika eHebroni ekuseni kakhulu.