2 uSamuweli 12:1-14

2 uSamuweli 12:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye wathi: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu. Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu, kepha empofu yayingenalutho, inexhukazana elilodwa eliselincane nje kuphela, eyayilithengile, yalondla. Lakhulela kuyo nakubantwana bayo; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo, lalala esifubeni sayo; lalinjengendodakazi kuyo. “Kwafika isihambi endodeni ecebileyo, yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukulungisela leso sihambi esasiyivakashele, kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela isihambi.” UDavide wathukuthela kakhulu ngenxa yalowo muntu, wathi kuNathani: “Ngifunga ngiyagomela kuSimakade, umuntu owenze lokho umelwe wukufa. Ixhukazana uyakulibuyisela seliphindwe kane ngenxa yokuba enze lokho, futhi engabanga nasihawu.” UNathani wathi kuDavide: “Nguwe kanye lowo muntu. Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi kuwe: ‘Ngakugcoba waba yinkosi ka-Israyeli, ngakusindisa esandleni sikaSawule. Ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi bayo wacamela kubo, ngakunika indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda. Uma lokho kukuncane bengiyakukwenezela ngokunye okuningi. Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni, ngakho-ke inkemba ayiyukusuka endlini yakho kuze kube phakade, ngokuba ungedelele, wathatha umka-Uriya, umHithi, waba ngumkakho.’ “Usho kanje uSimakade uthi: ‘Bheka, ngiyokuvusela ubutha endlini yakho, ngithathe abafazi bakho ubuka, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabo emini kwabha. Wena wakwenza lokhu ekusithekeni, kodwa Mina ngizokwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke emini kwabha!’ ” UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuSimakade.” UNathani wathi kuDavide: “USimakade usisusile isono sakho, awuyukufa. Noma kunjalo-ke, ngenxa yaleso senzo wenze ukuba izitha zikaSimakade zimhlambalaze, ngakho umntwana ozozalwa uzokufa.”

2 uSamuweli 12:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu. Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu, kepha empofu yayingenalutho, inexhukazana lilinye elincane nje kuphela, eyayilithengile yalondla; lakhulela kuyo nakubantwana bayo; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo, lalala esifubeni sayo, lalinjengendodakazi kuyo. “Kwase kufika isihambi endodeni ecebileyo, yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukusilungisela leso sihambi esasifike kuyo, kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela umuntu owayefike kuyo.” Intukuthelo kaDavide yavutha kakhulu ngalowo muntu, wathi kuNathani: “Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho ufanele ukufa; uyakulibuyisa ixhukazana, liphindwe kane, ngokuba enze lokho nangokuba wayengenasihawu.” UNathani wathi kuDavide: “Nguwe lowo muntu. Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngakugcoba ube yinkosi phezu kuka-Israyeli, ngakophula esandleni sikaSawule, ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho, ngakupha indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda; uma lokho bekukuncane, ngangiyakukwenezela lokhu nalokho. Udeleleleni izwi likaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na? Ubulele u-Uriya umHeti ngenkemba, wathatha umkakhe abe ngumkakho, wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni. Ngalokho inkemba ayiyikusuka endlini yakho, ngokuba ungidelele, wathatha umka-Uriya umHeti ukuba abe ngumkakho.’ “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe abafazi bakho phambi kwamehlo akho, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabafazi bakho ekukhanyeni kwaleli langa. Ngokuba wena wakwenza ngasese, kepha mina ngiyakukwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke naphambi kwelanga.’ ” UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.” UNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa. Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”

2 uSamuweli 12:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJehova wathuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye; omunye ecebile, omunye empofu. Indoda ecebile yayinezimvu nezinkomo eziningi. Kodwa indoda empofu yayingenalutho, ngaphandle kwewundlu elilodwa lensikazi elincane eyalithenga futhi yalikhulisa, futhi lakhula kanye nayo nabantwana bayo; ladla okwalo, laphuza endebeni yalo, lalala esifubeni sakhe, lalinjengendodakazi kuye. Kwase kufika isihambi endodeni ecebileyo, kodwa yaziyeka emhlambini wayo nasezinkomeni zayo, ukuze inakekele isihambi esifike kuyo; kodwa wathatha iwundlu lomyanga, walilungisela lowo owayeza kuye. Intukuthelo kaDavide yamvuthela lowo muntu; wathi kuNathani: Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho uyakufa nokufa. Kumelwe alibuyisele iwundlu ngokuphindwe kane, ngoba yenze le nto nangenxa yokuthi yayingenasihawu. UNathani wasesithi kuDavida: Nguwe lowomuntu. Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngakugcoba ube yinkosi kwa-Israyeli, ngakusindisa esandleni sikaSawule; Ngakunika indlu yenkosi yakho nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho, ngakunika indlu yakwa-Israyeli noJuda; uma bekukuncane kakhulu, bengiyakukunika okunye nokunye. Kungani udelele umyalo kaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na? wambulala u-Uriya umHeti ngenkemba, wathatha umkakhe waba ngumkakhe, wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni. Manje-ke inkemba ayisoze yasuka endlini yakho; ngoba ungidelele, wathatha umkaUriya umHethi waba ngumkakho. Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe omkekho phambi kwamehlo akho, ngibanike umakhelwane wakho, alale nawomkekho phambi kwamehlo aleli langa. Ngoba wena wakwenza ngasese, kodwa mina ngizakwenza lokhu phambi kukaIsrayeli wonke laphambi kwelanga. UDavida wasesithi kuNathani: Ngonile eNkosini. UNathani wayesethi kuDavide: “UJehova usesusile isono sakho; aniyikufa. Kodwa ngenxa yalesi senzo unikeze izitha zikaJehova isizathu esikhulu sokuhlambalaza, nomntwana omzalelwayo uyakufa nokufa.