2 uSamuweli 11:11-17
2 uSamuweli 11:11-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, u-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni. Inkosi yami, uJowabe nezinceku zenkosi yami, bakanise endle. Pho mina ngingangena kanjani endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Ngifunga ngiyagomela phambi kwakho, angisoze ngakwenza lokho.” UDavide wathi ku-Uriya: “Hlala lapha namuhla nangomuso, ngizokuphindisela emuva.” U-Uriya wahlala eJerusalema ngalolo lusuku nangomuso. UDavide wambiza futhi, wadla phambi kwakhe, waphuza waze wadakwa, waphuma ebusuku wayolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, akazange ehlele endlini yakhe. Kwathi ekuseni uDavide walobela uJowabe incwadi, wayiphathisa u-Uriya. Encwadini wayebhale wathi: “Mmiseni u-Uriya phambili, lapho impi ishisa khona, bese niyahlehla ukuze abulawe, afe.” Ngesikhathi uJowabe esewuvimbezela umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho ayazi ukuthi kunamadoda anamandla. Amadoda akulowo muzi aphuma ukuzolwa noJowabe. Kwafa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; kwafa no-Uriya, umHithi.
2 uSamuweli 11:11-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.” Wayesethi uDavide ku-Uriya: “Hlala lapha nanamuhla; kusasa ngiyakukuvumela ukuba uhambe.” U-Uriya wayesehlala eJerusalema lolo suku nolulandelayo. Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe. Kwathi ekuseni uDavide wamlobela uJowabe incwadi, wayithuma ngesandla sika-Uriya. Waloba encwadini ukuthi: “Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.” Kwathi uJowabe esahlozinga umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho azi ukuthi kukhona amadoda anamandla. Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe; kwawa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti.
2 uSamuweli 11:11-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo no-Israyeli noJuda bahlala ematendeni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami bakanise endle; ngiyakungena endlini yami ukuba ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? uma niphila, nokuphila komphefumulo wenu, angiyikuyenza le nto. UDavida wasesithi kuUriya: Hlala lapha lalamuhla, kusasa ngizakukhulula. U-Uriya wahlala eJerusalema ngalolo suku nangakusasa. UDavide wambiza, wadla, waphuza phambi kwakhe; wadakwa, kwathi kusihlwa waphuma ukuba alale embhedeni wakhe nezinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe. Kwathi ekuseni uDavide walobela uJowabe incwadi, wayithumela ngesandla sika-Uriya. Waloba encwadini, wathi: “Mbekeni u-Uriya ngaphambili empini enzima kakhulu, nisuke kuye, ukuze ahlulwe, afe.” Lapho uJowabe ebona umuzi, wamqondisa u-Uriya endaweni azi ukuthi kukhona amadoda anesibindi. Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe, kwawa amadoda ezinceku zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti.