2 uSamuweli 11:1-24
2 uSamuweli 11:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka. UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane. Omunye wathi: “Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?” UDavide wathuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya. Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.” UDavide wayesethumela kuJowabe ngokuthi: “Thuma kimi u-Uriya umHeti.” UJowabe wamthuma u-Uriya kuDavide. Esefikile kuye u-Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe, nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani. UDavide wayesethi ku-Uriya: “Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho.” U-Uriya waphuma endlini yenkosi, kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini. Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe. UDavide esetsheliwe ukuthi u-Uriya akehlelanga endlini yakhe, uDavide wathi ku-Uriya: “Awubuyi ekuhambeni yini? Awehlelanga ngani endlini yakho na?” U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.” Wayesethi uDavide ku-Uriya: “Hlala lapha nanamuhla; kusasa ngiyakukuvumela ukuba uhambe.” U-Uriya wayesehlala eJerusalema lolo suku nolulandelayo. Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe. Kwathi ekuseni uDavide wamlobela uJowabe incwadi, wayithuma ngesandla sika-Uriya. Waloba encwadini ukuthi: “Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.” Kwathi uJowabe esahlozinga umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho azi ukuthi kukhona amadoda anamandla. Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe; kwawa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti. UJowabe wayesethuma wamtshela uDavide zonke izindaba zempi; wasiyala isithunywa ngokuthi: “Lapho uqedile ukuyitshela inkosi zonke izindaba zempi, kuyakuthi uma kuvuka intukuthelo yenkosi, ithi kuwe: ‘Nisondeleleni kangako emzini ukulwa na? Beningazi yini ukuthi bebeyakucibishela besogangeni na? Ngubani owabulala u-Abimeleki indodana kaJerubesheti na? Angithi owesifazane esogangeni wamphonsa ngembokodwe, wafa eThebesi, na? Nisondeleleni kangako ogangeni na?’ uthi: ‘Inceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.’ ” Sase sihamba isithunywa, safika samtshela uDavide konke esasikuthunyelwe nguJowabe. Isithunywa sathi kuDavide: “Amadoda ayesehlula, asiphumela endle, kepha sawaficezela kwaze kwaba sesikhaleni sesango. Abacibishelayo bacibishela izinceku zakho besogangeni; ezinye izinceku zenkosi zifile, nenceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.”
2 uSamuweli 11:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi. Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle. UDavide wathumela, wabuza ngalo wesifazane, wathi: “Lo akusiye yini uBhathisheba, indodakazi ka-Eliyamu ongumka-Uriya, umHithi na?” UDavide wathumela izithunywa ukuba zimlande, wafika kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile ekungcoleni kwakhe, wayesebuyela ekhaya. Owesifazane wakhulelwa, wathumela ukuba kuyobikelwa uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.” UDavide wayesethumela kuJowabe, ethi: “Thumela kimi u-Uriya, umHithi.” UJowabe wamthumela u-Uriya kuDavide. U-Uriya wafika kuye, uDavide wayesebuza ukuthi unjani uJowabe, nokuthi impi ihamba kanjani. UDavide wathi ku-Uriya: “Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho.” U-Uriya waphuma esigodlweni senkosi, inkosi yamthumelela isipho. Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe. UDavide esebikelwe ukuthi u-Uriya akehlelanga endlini yakhe, uDavide wathi ku-Uriya: “Awuhambanga yini indlela ende na? Pho, kungani ungehlelanga endlini yakho?” U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, u-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni. Inkosi yami, uJowabe nezinceku zenkosi yami, bakanise endle. Pho mina ngingangena kanjani endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Ngifunga ngiyagomela phambi kwakho, angisoze ngakwenza lokho.” UDavide wathi ku-Uriya: “Hlala lapha namuhla nangomuso, ngizokuphindisela emuva.” U-Uriya wahlala eJerusalema ngalolo lusuku nangomuso. UDavide wambiza futhi, wadla phambi kwakhe, waphuza waze wadakwa, waphuma ebusuku wayolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, akazange ehlele endlini yakhe. Kwathi ekuseni uDavide walobela uJowabe incwadi, wayiphathisa u-Uriya. Encwadini wayebhale wathi: “Mmiseni u-Uriya phambili, lapho impi ishisa khona, bese niyahlehla ukuze abulawe, afe.” Ngesikhathi uJowabe esewuvimbezela umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho ayazi ukuthi kunamadoda anamandla. Amadoda akulowo muzi aphuma ukuzolwa noJowabe. Kwafa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; kwafa no-Uriya, umHithi. UJowabe wathumela, wambikela konke uDavide ngempi. Wayala isithunywa, wathi kuso: “Lapho usuqedile ukubikela inkosi ngezindaba zonke zempi, kuyothi lapho kuvuka ulaka, ithi kuwe: ‘Nisondeleleni kangako emzini ngesikhathi niwuhlasela na? Beningazi yini ukuthi bazoniciba besongangeni? Ngubani owabulala u-Abimelekhi, indodana kaJerubheshethi na? Akubanga yini ngowesifazane owagingqela kuye itshe lokusila esogangeni, wafela eThebezi na? Nisondeleleni ogangeni, na?’ “Uyokuthi: ‘Inceku yakho u-Uriya umHithi, nayo ifile.’ ” Isithunywa sahamba, safika sambikela uDavide konke uJowabe ayesithume khona. Isithunywa sathi kuDavide: “Amadoda ayesehlula, aphumela kithi, kepha sawaficezela kwaze kwaba sesikhaleni sesango. Ababeciba ngemicibisholo besogangeni, baziciba izinceku zakho; ezinye zezinceku zenkosi zifile, nenceku yakho u-Uriya, umHithi nayo ifile.”
2 uSamuweli 11:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi umnyaka usuphelile, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukulwa, uDavida wathuma uJowabi lenceku zakhe kanye laye loIsrayeli wonke; babulala abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba. Kodwa uDavida wasala eJerusalema. Kwathi sekuhlwile, uDavide wavuka embhedeni wakhe, wahamba phezu kophahla lwendlu yenkosi; ephezu kophahla wabona owesifazane emgeza; owesifazane wayemuhle kakhulu ebukeka. UDavide wayesethumela wabuza kowesifazane. Omunye wathi: “Lo akasiye uBati Sheba indodakazi ka-Eliyamu umka-Uriya umHeti na? UDavide wayesethuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye; ngoba wayesehlanjululwe ekungcoleni kwakhe, wabuyela endlini yakhe. Owesifazana wakhulelwa, wathumela watshela uDavida wathi: Ngikhulelwe. UDavida wasethumela kuJowabi esithi: Thumela kimi uUriya umHethi. UJowabe wayesethuma u-Uriya kuDavide. U-Uriya esefikile kuye, uDavida wambuza ukuthi kwakunjani kuJowabi, lokuthi abantu baqhuba njani, lokuthi impi iphumelele njani. UDavida wasesithi kuUriya: Yehlela endlini yakho, ugeze inyawo zakho. U-Uriya waphuma endlini yenkosi, futhi ukudla okuningi kwenkosi kwamlandela. Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe. Kwathi sebebikela uDavida besithi: U-Uriya kehlelanga endlini yakhe, uDavida wasesithi kuUriya: Kawusuki yini ekuhambeni kwakho? pho, ungehlelanga ngani endlini yakho? U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo no-Israyeli noJuda bahlala ematendeni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami bakanise endle; ngiyakungena endlini yami ukuba ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? uma niphila, nokuphila komphefumulo wenu, angiyikuyenza le nto. UDavida wasesithi kuUriya: Hlala lapha lalamuhla, kusasa ngizakukhulula. U-Uriya wahlala eJerusalema ngalolo suku nangakusasa. UDavide wambiza, wadla, waphuza phambi kwakhe; wadakwa, kwathi kusihlwa waphuma ukuba alale embhedeni wakhe nezinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe. Kwathi ekuseni uDavide walobela uJowabe incwadi, wayithumela ngesandla sika-Uriya. Waloba encwadini, wathi: “Mbekeni u-Uriya ngaphambili empini enzima kakhulu, nisuke kuye, ukuze ahlulwe, afe.” Lapho uJowabe ebona umuzi, wamqondisa u-Uriya endaweni azi ukuthi kukhona amadoda anesibindi. Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe, kwawa amadoda ezinceku zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti. Emva kwalokho uJowabe wathumela watshela uDavide konke mayelana nempi; Wasesiyala isithunywa, wathi: “Nxa usuqedile ukuyitshela inkosi izindaba zempi, Uma intukuthelo yenkosi ivuka, ithi kuwe: “Nisondeleleni kangaka emzini ngokulwa na?” Beningazi yini ukuthi bebeyakucibishela odongeni na? Ngubani owanqoba u-Abimeleki indodana kaJerubhesheti na? Angithi owesifazana wamjikijela ilitshe lokuchola esodongeni, waze wafa eThebesi? usondeleleni odongeni? uthi: Inceku yakho u-Uriya umHeti ifile. Khona-ke isithunywa sahamba safika samtshela uDavide konke uJowabe ayesithume kona. Isithunywa sathi kuDavide: “Bheka, amadoda asehlula, aphuma eza kithi endle, saba nawo kwaze kwaba sekungeneni kwesango; Abacibishelayo bacibishela izinceku zakho besegangeni; kwafa ezinye zezinceku zenkosi, inceku yakho u-Uriya umHeti yafa nayo.