2 kaPetru 2:5-22

2 kaPetru 2:5-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu; nemizi yaseSodoma neGomora wayahlulela wayichitha ngokuyiphendula umlotha, eyenza ibe yisiboniso kubo abangayikumesaba uNkulunkulu; noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa – ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo, ehlala phakathi kwabo, wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho – iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe, ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa, bedelela ubukhosi; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo, kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi. Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo, bamukele umvuzo wokungalungi. Labo bathi ukutamasa emini kungukujabula; bayizisihla nezinsolo, bezitika ekukhohliseni kwabo bedla nani; benamehlo agcwele ukuphinga nangayeki izono, bayenga imiphefumulo engaqinile, benenhliziyo ejwayele ukufisa, abantwana bokuqalekiswa, beshiya indlela eqondileyo beduka, belandela indlela kaBalami kaBeyori owathanda umvuzo wokungalungi, kepha waba nokusolwa ngenxa yokweqa kwakhe umthetho: imbongolo eyisimungulu yakhuluma ngezwi lomuntu, yanqabela ukuhlanya komprofethi. Labo bayimithombo engenamanzi nezinkungu eziqhutshwa yisiphepho, abagcinelwe ubumnyama bobumnyama. Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka; bebathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho. Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala. Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe. Kubehlele njengokwesaga esiqinisileyo esithi: “Inja yabuyela ebuhlanzweni bayo,” nokuthi: “Ingulube igezwe qede yaphindela ukuzibhixa odakeni.”

2 kaPetru 2:5-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

futhi engaliyekanga izwe elidala, kodwa wamsindisa uNowa umshumayeli wokulunga, eletha uzamcolo ezweni labangamesabi uNkulunkulu; Wayilahla imizi yaseSodoma neyaseGomora, wayichitha, wayichitha, ephendula imizi yaseSodoma neyaseGomora ibe yisibonelo kwabangayikumesaba uNkulunkulu; Wakhulula uLothi olungileyo, owayecunulwe yihambo engcolileyo yababi. (Ngokuba lowo olungileyo ehlezi phakathi kwabo, ngokubona nangokuzwa, imihla ngemihla wawuhlupha umphefumulo wakhe olungileyo ngemisebenzi yabo engafanele;) INkosi iyakwazi ukukhulula ezilingweni abamesabayo, nokugcinela abangalungile usuku lokwahlulelwa, bajeziswe; Kodwa ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokungcola, bedelela ukubusa. Bayagabadela, bazicabangela bona, abesabi nokukhuluma kabi ngezithunzi; Kodwa izingilosi, lezizinkulu ngamandla langokuqina, kazilethi icala lokuthuka phambi kweNkosi. Kepha laba, njengezilwane ezingenangqondo, ezizalelwe ukubanjwa zibhujiswe, bahlambalaza abangaziqondiyo; futhi bayobhubha nokubhubha ekonakaleni kwabo; njalo bayakwamukeliswa umvuzo wokungalungi, njengabathi kuyintokozo ukwenza impinda emini. bangamabala nezisihla, bedlala ngenkohliso yabo, besidla nani; Banamehlo agcwele ukuphinga, abangayeki esonweni; bekhohlisa imiphefumulo engazinzile: nenhliziyo efundiswe ukuhaha; izingane eziqalekisiwe: abayishiyile indlela eqondileyo baduka belandela indlela kaBalami indodana kaBosori owathanda inkokhelo yokungalungi; Kodwa wasolwa ngobubi bakhe: ubabhemi oyisimungulu wakhuluma ngelizwi lomuntu wenqabela ukuhlanya komprofethi. Laba bayimithombo engenamanzi, amafu aqhutshwa yisiphepho; abagcinelwe inkungu yobumnyama kuze kube phakade. Ngokuba bekhuluma amazwi okuyize okuyize, babayenga ngezinkanuko zenyama, ngamanyala, labo ababesesindile kulabo abahamba ngokuduka. bebathembisa inkululeko, bona ngokwabo bayizigqila zokubhubha; Ngokuba uma sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, babuye bahilelwe yikho, bahlulwe, isiphetho sabo sibi kunokuqala. Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba bebengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazi bafulathele umyalo ongcwele abawunikwayo. Kodwa kubehlele kubo njengokwesaga esiqinisileyo esithi: Inja ibuyela emahlanzweni ayo; nengulube egeziweyo ekubhidlizeni odakeni.

2 kaPetru 2:5-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)

engawuyekanga nomhlaba wasemandulo, kodwa walondoloza uNowa, ummemezeli wokulunga, owayengowesishiyagalombili emkhunjini, mhla ehlisa uzamcolo emhlabeni walabo ababengamesabi uNkulunkulu. Imizi iSodoma neGomora uNkulunkulu wayilahla ngecala, wayeseyingqongqisa ngomlilo, yaba ngumlotha. Wayenza yaba yisibonelo salokho okuzakubehlela labo abangayikumesaba uNkulunkulu. Kepha wamhlenga uLothi owayelungile, owayekhathazwe ngamanyala axakile ayenziwa ngabangenamthetho. Ngokuba leyo ndoda elungileyo, eyayihlala phakathi kwabangalungile, nsuku zonke yadatshukiswa ukuzwa nokubona izenzo zabo ezimbi zokungamesabi uNkulunkulu. Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa, ikakhulu labo abenza izinto ezixakile behudulwa yizinkanuko zabo ezimbi futhi bedelela nabasemagunyeni. Banesibindi futhi bangabaphikeleli abangesabi ukuhleba abenkazimulo, nakuba izingelosi zibedlula ngobuqhawe nangamandla, kodwa azibahlebi ngokuletha izehlulelo ezimelene nabo eNkosini. Kepha laba bantu bafana nezilwane ezingenangqondo, izidalwa eziphila ngokwemvelo, ezizalelwe ukuba zibanjwe zibulawe. Bakhuluma kabi ngalokho abangakuqondi, kepha nabo bayakubhujiswa bashabalale njengazo. Bayakwemukeliswa isijezo esifanele ukwenza kwabo okubi. Bacabanga ukuthi ukutamasa nokuminza imini yonke kungukujabula, kepha bayizisihla nehlazo bezitika ekuzikhohliseni kwabo, okunenza nibe namahloni uma bedla nani. Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo. Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile. Kepha wasolwa ngesiphambeko sakhe. Imbongolo engakhulumi yakhuluma ngezwi lomuntu, yanqanda isenzo sokuhlanya somphrofethi. Laba bayimithombo eshileyo nenkungu epheshulwa yisiphepho, bagcinelwe isigayegaye sobumnyama. Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo. Babathembisa inkululeko, kodwa bona luqobo bayizigqila zenkohlakalo, phela lokho okumehlulayo umuntu, uyisigqila sakho. Ngokuba lapho sebephunyukile ekungcoleni kwaleli lizwe ngokwazi iNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu kodwa baphinde babanjwa yikho, kwabehlula, futhi isiphetho sabo sibasibi kakhulu kunesiqalo. Ngokuba kwakungcono kubo ukuthi kabazange bayazi indlela yokulunga kunokuba bathi sebeyazi baphenduke bafulathele umyalo ongcwele ababewunikiwe. Kwenzekile kubo njengokusho kwesaga esiqinisileyo, esithi: “Inja yabuyela emhlanzweni wayo,” nesithi: “Ingulube igezwe qede yabuye yazibhixa odakeni.”

2 kaPetru 2:5-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

futhi engaliyekanga izwe elidala, kodwa wamsindisa uNowa umshumayeli wokulunga, eletha uzamcolo ezweni labangamesabi uNkulunkulu; Wayilahla imizi yaseSodoma neyaseGomora, wayichitha, wayichitha, ephendula imizi yaseSodoma neyaseGomora ibe yisibonelo kwabangayikumesaba uNkulunkulu; Wakhulula uLothi olungileyo, owayecunulwe yihambo engcolileyo yababi. (Ngokuba lowo olungileyo ehlezi phakathi kwabo, ngokubona nangokuzwa, imihla ngemihla wawuhlupha umphefumulo wakhe olungileyo ngemisebenzi yabo engafanele;) INkosi iyakwazi ukukhulula ezilingweni abamesabayo, nokugcinela abangalungile usuku lokwahlulelwa, bajeziswe; Kodwa ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokungcola, bedelela ukubusa. Bayagabadela, bazicabangela bona, abesabi nokukhuluma kabi ngezithunzi; Kodwa izingilosi, lezizinkulu ngamandla langokuqina, kazilethi icala lokuthuka phambi kweNkosi. Kepha laba, njengezilwane ezingenangqondo, ezizalelwe ukubanjwa zibhujiswe, bahlambalaza abangaziqondiyo; futhi bayobhubha nokubhubha ekonakaleni kwabo; njalo bayakwamukeliswa umvuzo wokungalungi, njengabathi kuyintokozo ukwenza impinda emini. Bangamabala nezisihla, bedlala ngenkohliso yabo, besidla nani; Banamehlo agcwele ukuphinga, abangayeki esonweni; bekhohlisa imiphefumulo engazinzile: nenhliziyo efundiswe ukuhaha; izingane eziqalekisiwe: abayishiyile indlela eqondileyo baduka belandela indlela kaBalami indodana kaBosori owathanda inkokhelo yokungalungi; Kodwa wasolwa ngobubi bakhe: ubabhemi oyisimungulu wakhuluma ngelizwi lomuntu wenqabela ukuhlanya komprofethi. Laba bayimithombo engenamanzi, amafu aqhutshwa yisiphepho; abagcinelwe inkungu yobumnyama kuze kube phakade. Ngokuba bekhuluma amazwi okuyize okuyize, babayenga ngezinkanuko zenyama, ngamanyala, labo ababesesindile kulabo abahamba ngokuduka. Bebathembisa inkululeko, bona ngokwabo bayizigqila zokubhubha; Ngokuba uma sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, babuye bahilelwe yikho, bahlulwe, isiphetho sabo sibi kunokuqala. Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba bebengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazi bafulathele umyalo ongcwele abawunikwayo. Kodwa kubehlele kubo njengokwesaga esiqinisileyo esithi: Inja ibuyela emahlanzweni ayo; nengulube egeziweyo ekubhidlizeni odakeni.