2 kaPetru 2:21-22
2 kaPetru 2:21-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba bebengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazi bafulathele umyalo ongcwele abawunikwayo. Kodwa kubehlele kubo njengokwesaga esiqinisileyo esithi: Inja ibuyela emahlanzweni ayo; nengulube egeziweyo ekubhidlizeni odakeni.
2 kaPetru 2:21-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba kwakungcono kubo ukuthi kabazange bayazi indlela yokulunga kunokuba bathi sebeyazi baphenduke bafulathele umyalo ongcwele ababewunikiwe. Kwenzekile kubo njengokusho kwesaga esiqinisileyo, esithi: “Inja yabuyela emhlanzweni wayo,” nesithi: “Ingulube igezwe qede yabuye yazibhixa odakeni.”
2 kaPetru 2:21-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe. Kubehlele njengokwesaga esiqinisileyo esithi: “Inja yabuyela ebuhlanzweni bayo,” nokuthi: “Ingulube igezwe qede yaphindela ukuzibhixa odakeni.”
2 kaPetru 2:21-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)