2 kaPetru 1:2-11
2 kaPetru 1:2-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu. Njengokuba sinikiwe zonke izinto eziqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu, ngamandla akhe obuNkulunkulu, ngokumazi Yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni. Ngaleso sizathu-ke, khuthalelani ukwengeza ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ubunkulunkulu, ebunkulunkulwini ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando. Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini futhi zivamile, ziyakunenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Khristu. Ngokuba ongenazo lezo zinto uyimpumputhe, ebona kalufifi, esikhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zayo zakudala. Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye. Ngokuba ngokwenza kanjalo, niyakuphiwa ilungelo elipheleleyo lokungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu.
2 kaPetru 1:2-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokwazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu; njengalokhu amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibizela enkazimulweni nasebuhleni. Ngakho siphiwe izithembiso ezinkulu kakhulu leziligugu, ukuze ngalezo libe ngabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, libalekele ukonakala okusemhlabeni ngenkanuko. Ngakho-ke yenzani inkuthalo yonke, nezeleni ubuhle ekukholweni kwenu; nasebuhleni ukwazi; nasolwazini ukuzithiba; nasekuzithibeni ukubekezela; nasekubekezeleni ukumesaba uNkulunkulu; Ekumesabeni uNkulunkulu ububele bobuzalwane; nasethandweni lobuzalwane uthando. Ngokuba uma lezizinto zikhona kini, zivama, zinenza ukuba ningabi-inyumba nabangatheli ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu. Kodwa ongelazo lezizinto uyisiphofu, kaboni ekhatshana, njalo ukhohliwe ukuthi wahlanjululwa ezonweni zakhe zakudala. Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; Ngoba ngokunjalo lizaphiwa ngokwengezelelwa ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu loMsindisi uJesu Kristu.

2 kaPetru 1:2-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu. Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko, ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando. Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu, ngokuba okungekho kuye lezo zinto uyimpumputhe, ebona kalufifi, ekhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zakhe zokuqala. Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka. Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu.
2 kaPetru 1:2-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)