2 AmaKhosi 6:24-33
2 AmaKhosi 6:24-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi emveni kwalokho uBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu, waqoqa yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya. Kwaba khona indlala enkulu eSamariya. Balivimbezela, ikhanda lembongolo laze lathengiswa ngezinhlamvu zesiliva ezingama-80, nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu zesiliva eziyisihlanu. Kwathi lapho inkosi yakwa-Israyeli izihambela nje phezu kogange, kwamemeza owesifazane kuyo, wathi: “Siza, nkosi yami, nkosi.” Kepha yathi: “Uma uSimakade engakusizi, mina ngingalutholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini?” Yayisithi inkosi kuye: “Siyini isikhalo sakho na?” Wathi: “Lo wesifazane wathi kimi: ‘Sinike indodana yakho ukuba siyidle namuhla, eyami indodana siyakuyidla kusasa.’ “Ngakho-ke sayipheka indodana yami, sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: ‘Sinike indodana yakho ukuba siyidle;’ wayeyifihlile indodana yakhe.” Kwathi inkosi isizwile amazwi alowo wesifazane, yaklebhula izingubo zayo isahamba phezu kogange; abantu bayibona; yayembethe indwangu eyisaka ngaphansi kwezembatho emzimbeni wayo. Yathi: “UNkulunkulu makenze kanjalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafathi, liyakube lisekuye namuhla.” Yayisithumela isithunywa phambi kwayo; u-Elisha wayehleli endlini yakhe, namalunga ehleli naye; kepha singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukuze kunqunywe ikhanda lami na? Bhekani, kuyokuthi lapho sifika isithunywa nivale umnyango nisicindezele ngawo. Kanti izigi zenkosi yaso azikho yini emva kwaso na?” Esakhuluma nawo, inkosi yehlela kuye, yathi: “Uyabona-ke, lobu bubi buvela kuSimakade. Pho kungani kusamele ngimlinde uSimakade na?”
2 AmaKhosi 6:24-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi emva kwalokho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, wabutha yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya. Kwaba khona indlala enkulu eSamariya; bheka, balivimbezela kwaze kwathengiswa ngekhanda lembongolo ngezinhlamvu ezingamashumi ayisishiyagalombili zesiliva nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu eziyisihlanu zesiliva. Kwathi inkosi yakwa-Israyeli idlula phezu kogange, kwamemeza kuyo owesifazane, wathi: “Siza, nkosi yami, nkosi.” Kepha yathi: “Uma uJehova engakusizi, mina ngingatholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini na?” Yayisithi inkosi kuye: “Unani na?” Wathi: “Lo wesifazane wathi kimi: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, sidle indodana yami kusasa.’ Sase siyipheka indodana yami, sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle;’ wayeseyifihlile indodana yakhe.” Kwathi inkosi isizwile amazwi alo wesifazane, yaklebhula izingubo zayo isadlula phezu kogange; abantu babuka, bheka, yayinendwangu yamasaka phansi emzimbeni wayo. Yathi: “UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, liyakube lisekuye namuhla.” Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; kepha, singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo, nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?” Esakhuluma nawo, bheka, inkosi yehlela kuye; yathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?”
2 AmaKhosi 6:24-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngasemuva uBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wabutha yonke impi yakhe, wenyuka wavimbezela iSamariya. Kwase kuba khona indlala enkulu eSamariya; bheka, balivimbezela kwaze kwathengiswa ikhanda lembongolo ngamashekeli angamashumi ayisishiyagalombili esiliva, nengxenye yesine yenkemba yamathonsi ejuba ngamashekeli ayisihlanu esiliva. Kwathi inkosi yakwa-Israyeli idlula phezu komduli, owesifazane wamemeza kuye, wathi: “Siza, nkosi yami, nkosi! Wathi: “Uma uJehova engakusizi, mina ngiyakukusiza ngani na?” esitezini noma emshinini wokukhandela? Inkosi yasisithi kuye: Ulani? Wathi: “Lo wesifazane wathi kimi: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, futhi kusasa sizodla indodana yami.’ Sayipheka indodana yami, sayidla; ngangomuso ngathi kuye: Letha indodana yakho ukuba siyidle; wayifihla indodana yakhe. Kwathi inkosi isizwile amazwi owesifazana, yaklebhula izembatho zayo; wadlula odongeni, abantu bakubona, bheka, wayenengubo yesaka phezu kwenyama yakhe ngaphakathi. Wathi: “UNkulunkulu makenze lokhu, enezele, lapho ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, limi phezu kwakhe namuhla.” Kepha u-Elisha wayehlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; Inkosi yasithuma indoda phambi kwayo, kodwa ingakafiki kuye isithunywa, yathi kubadala: Liyabona yini ukuthi lendodana yombulali ithume ukususa ikhanda lami? Bhekani, lapho isithunywa sifika, nivale umnyango, nisigcine emnyango. Ingabe umsindo wezinyawo zenkosi yakhe awukho ngemva kwakhe? Esakhuluma nabo, kwafika isithunywa kuye, sathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisalindeni uJehova na?