2 AmaKhosi 6:14-17
2 AmaKhosi 6:14-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yathumela khona amahhashi, izinqola, nempi enkulu; bafika ebusuku, bazungeza umuzi nxazonke. Inceku yomuntu kaNkulunkulu yavuka ekuseni, yaphuma; bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwuzungezile umuzi. Inceku yakhe yathi kuye: “Maye, nkosi! Siyakwenzenjani na?” Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.” U-Elisha wakhuleka, wathi: “Simakade, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” USimakade wawavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo zika-Elisha nxazonke.
2 AmaKhosi 6:14-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wathuma khona amahhashi, nezinqola, nempi enkulu; bafika ebusuku, bakaka umuzi nxazonke. Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni, saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi. Yayisithi inceku kuye: “Maye, nkosi! Sesiyakwenze njani?” Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.” U-Elisha wakhuleka, wathi: “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.
2 AmaKhosi 6:14-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho wathumela lapho amahhashi, nezinqola, nebutho elikhulu lempi, bafika ebusuku bawuhaqa umuzi. Inceku yomuntu kaNkulunkulu yasivuka ekuseni kakhulu, yaphuma, khangela-ke, ibutho lalihanqile umuzi, linamabhiza lezinqola. Inceku yakhe yathi kuye: “Maye, nkosi yami! sizokwenza kanjani. Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.” U-Elisa wakhuleka wathi: “Nkosi, vula amehlo akhe ukuba abone.” UJehova wawavula amehlo ensizwa; wabheka, bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zika-Elisha.