2 AmaKhosi 25:1-30

2 AmaKhosi 25:1-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kukaZedekiya, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwayo, kwafika uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, eJerusalema nayo yonke impi yakhe. Bakanisa maqondana nalo; bakha khona udonga lokuvimbezela, nxazonke. Umuzi bawuvimbezela kwaze kwaba ngunyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, inkosi. Ngosuku lwesishiyagalolunye yayibhokile indlala emzini, kwakungekho kudla kubantu bezwe. Wonke amabutho awufohla umuzi ngalobo busuku, abaleka ngendlela yesango elaliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, amabutho ahamba ngendlela ese-Araba. Impi yamaKhaledi yayixosha inkosi, yayifica emathafeni eJerikho, yonke impi yayo yahlakazeka, yayishiya. Ayibamba inkosi ayiletha enkosini yaseBhabhele, eRibhila, ayehlulela. Amadodana kaZedekiya abulawa phambi kwakhe, uZedekiya amkhipha amehlo, ambopha ngamaketanga, amyisa eBhabhele. Ngenyanga yesihlanu, ngosuku lwesikhombisa lwayo, okwakungunyaka we-19 wenkosi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika eJerusalema uNebuzaradani, induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBhabhele. Washisa ngomlilo indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, nazo zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo. Induna yabalindi, nayo yonke impi yamaKhaledi eyayinayo, yadiliza izingange eJerusalema, nxazonke. Abanye abantu abasala emzini, nalabo abahlubukayo, bahlubukela ngasohlangothini lwenkosi yaseBhabhele, nesixuku esiseleyo, uNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumba bonke. Kepha ababempofu balelo lizwe, induna yabalindi yabashiya ukuba banakekele izivini namasimu. Izinsika zethusi ezazisendlini kaSimakade, izinqe zolwandle lwethusi okwakusendlini kaSimakade, akuhlephula amaKhaledi, alithwala ithusi aya nalo eBhabhele. Amabhodwe, izimfologo, izizenze, izinkezo, nezitsha zethusi, ababekhonza ngakho, akuthatha. Imicengezi yomlilo, izitsha zegolide lodwa, nezesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha. Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinqe uSolomoni ayekwenzele indlu kaSimakade, isisindo sethusi okwakwenziwe ngalo zonke lezi zinto sasingenakulinganiswa. Ukuphakama kwensika eyodwa kwakungamakhubhithi ali-18; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakungamakhubhithi amathathu. Kwakukhona nenetha namahananadi phezu kwesihloko, nxazonke, konke kwakungokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni. Induna yabalindi yathumba uZeraya, umphristi omkhulu, uZefaniya, umphristi wesibili, abalindimnyango abathathu, yathumba emzini induna eyayibekwe ukwengamela amabutho, abantu abayisihlanu ababesondelene nenkosi abatholwa emzini, umbhali womkhuzi wempi eyayibala abantu ezweni, kwatholakala ezweni abantu abangama-60 ababehlala emzini. UNebuzaradani, induna yabalindi, yabathumba yabayisa enkosini yaseBhabhele, eRibhila. Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulalela khona eRibhila, eHamathi. UJuda waya ekuthunjweni esuswa ezweni lakubo. UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wabeka uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba abe ngumbusi phezu kwensali yakwaJuda ayeyishiyile ezweni. Zonke izinduna zempi nabantu bezwa ukuthi inkosi yaseBhabhele ibeke uGedaliya waba ngumbusi ezweni, zase ziya kuGedaliya eMizipha: u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, noJohanani, indodana kaKhareya, noZeraya, indodana kaThanihumethi waseNethofa, noJahazaniya, indodana yomMahakha, nabantu babo. UGedaliya wafunga kubo nakubantu babo, wathi: “Ningazesabi izinceku zamaKhaledi; hlalani ezweni, nikhonze enkosini yaseBhabhele ukuze kunihambele kahle.” Kwathi ngenyanga yesikhombisa kwafika u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya ka-Elishama ongowozalo lwasebukhosini, ehamba namadoda alishumi, wafika washaya uGedaliya waze wafa kanye nabaJuda namaKhaledi ayenabo eMizpha. Bonke abantu, abancane, nabadala, nabakhuzi bempi basuka babalekela eGibhithe, ngokuba babesaba amaKhaledi. Kwathi ngonyaka wama-37 athunjwa uJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga ye-12, ngosuku lwama-27 lwayo, u-Evili Merodaki, inkosi yaseBhabhele, ngonyaka wakhe wokuqala eyinkosi, wamkhulula ejele uJehoyakini, inkosi yakwaJuda. Wakhuluma kahle naye, wabeka isihlalo sakhe saba phezu kwezihlalo zamakhosi ayenaye eBhabhele. Wamkhumula izingubo ayezigqoka ejele, wadla naye njalo, zonke izinsuku zokuphila kwakhe. Isabelo sakhe ayesiphiwa yinkosi, sasiyisabelo esimiyo semihla ngemihla, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.

2 AmaKhosi 25:1-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke. Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumnyaka weshumi nanye wenkosi uSedekiya. Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe. Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi ahamba ngendlela yase-Araba. Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yayifica emathafeni aseJeriko, yonke impi yayo yahlakazeka. Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila; ayahlulela. Abulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe, akhipha amehlo kaSedekiya, ambopha ngamaketanga, amyisa eBabele. Ngenyanga yesihlanu ngolwesikhombisa lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema. Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo. Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke. Abanye abantu ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba. Kepha induna yabalindi yashiya abantu bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu. Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi, nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula, athuthela ithusi lakho eBabele. Amakhanzi, namafosholo, nezizenze, nezinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngazo akuthatha. Nemicengezi yomlilo, nezitsha, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha. Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinqe uSolomoni ayekwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa. Ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo ezintathu; kwakukhona nenetha namapomegranati* phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakungokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni. Induna yabalindi yathatha uSeraya umpristi omkhulu, noZefaniya umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu; yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi, nabantu abayisihlanu kwababesebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe, nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa emzini. UNebuzaradani induna yabalindi wabathatha, wabayisa enkosini yaseBabele eRibila. Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo. Abantu abaseleyo ezweni lakwaJuda abashiyiwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, phezu kwabo wenza uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani abe ngumbusi. Zonke izinduna zempi, zona nabantu bazo, sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya umbusi ezweni, zaya kuGedaliya eMispa: u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani indodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti waseNethofa, noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo. UGedaliya wafunga kubo nakubantu babo, wathi kubo: “Ningesabi izinceku zamaKaledi; hlalani ezweni, niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.” Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama wozalo lwenkosi, abantu abayishumi benaye, wamshaya uGedaliya waze wafa, kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa. Abantu bonke, abancane nabakhulu, nezinduna zempi basuka baya eGibithe, ngokuba besaba amaKaledi. Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini inkosi yakwaJuda ngenyanga yeshumi nambili ngolwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga, u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele, ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe, waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni, wakhuluma kahle kuye, wabeka isihlalo sakhe phezu kwezihlalo zamakhosi ayenaye eBabele. Waguqula izingubo zakhe zasetilongweni; wadla njalo phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Isabelo sakhe sasiyisabelo esimiyo semihla ngemihla, asiphiwa yinkosi zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.

2 AmaKhosi 25:1-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe, wafika eJerusalema, wamisa ngakulo; akha izinqaba ngakulo nxazonke. Umuzi wavinjezelwa kwaze kwaba ngumnyaka weshumi nanye wenkosi uSedekiya. Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga yesine indlala yaba namandla emzini, kwakungekho sinkwa kubantu bezwe. Umuzi wabhodlozwa, wonke amadoda empi abaleka ebusuku ngesango eliphakathi kwezingange ezimbili ezingasensimini yenkosi; amaKaledi ayemelene nomuzi nxazonke, inkosi yahamba yaya ethafeni. Ibutho lempi lamaKaledi layixosha inkosi, layifica emathafeni aseJeriko, yonke impi yayo yahlakazeka, yasuka kuyo. Bayibamba inkosi, bayiyisa enkosini yaseBabele eRibila; basebemahlulela. Abulala amadodana kaZedekiya phambi kwamehlo akhe, amkhipha amehlo kaSedekiya, ambopha ngamaketanga ethusi, amyisa eBabele. Ngenyanga yesihlanu, ngosuku lwesikhombisa lwenyanga, okungukuthi, ngonyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBhabhiloni, uNebuzaradani, induna yemilindankosi, inceku yenkosi yaseBhabhiloni, wafika eJerusalema; Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi nazo zonke izindlu zaseJerusalema nendlu yabo bonke abakhulu ngomlilo. Yonke impi yamaKaledi eyayinenduna yemilindankosi yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke. Bonke abanye abantu ababesele emzini kanye nababaleki ababehlubuke enkosini yaseBhabhiloni kanye nensali yesixuku uNebusaradani induna yabalindi wabathumba. Kodwa induna yabalindi yatshiya abanye kwabampofu belizwe ukuthi babe ngabalimi lezivini. Izinsika zethusi ezazisendlini kaJehova, nezitsha zokugezela nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova, amaKaledi akuphahlaza, alithatha kuzo ithusi, alisa eBabele. Amakhanzi, namafosholo, nezinkezo, nezinkezo, nezitsha zonke zethusi ababekhonza ngazo akuthatha. Induna yemilindankosi yazithatha imicengezi yomlilo nezitsha nakho konke okwakungokwegolide, igolide nesiliva, okuyisiliva. Izinsika ezimbili, nolwandle olulodwa, nezinqola zokuwasha uSolomoni azenzela indlu kaJehova; ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa. Ukuphakama kwenye insika kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili, isihloko phezu kwayo sasiyithusi, nokuphakama kwesihloko kwakuyizingalo ezintathu; amabele nezinsingo nxazonke phezu kwesihloko, konke kwakungokwethusi; Induna yabalindi yathatha uSeraya umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindisango abathathu. Emzini yathatha induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi, lamadoda amahlanu ayesebusweni benkosi afunyanwa emzini, kanye lombhali webutho, owayeyinkosi. Abantu bezwe namadoda angamashumi ayisithupha kubantu bezwe abafunyanwa emzini; UNebuzaradani induna yabalindi walithatha, waliyisa enkosini yaseBabele eRibila. Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Ngalokho uJuda wasuswa ezweni lakubo. Kepha abantu abasala ezweni lakwaJuda, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, abashiyile, wabeka phezu kwabo uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, indodana kaShafani, ukuba abe yisikhulu. Kwathi lapho zonke izinduna zamabutho, zona namadoda azo, sezizwile ukuthi inkosi yaseBhabhiloni imise uGedaliya umbusi, zafika kuGedaliya eMispa: u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani, indodana kaKhareya, noSeraya, Indodana. KaThanhumethi umNethofa, noJahazaniya indodana yomMahagathi, bona namadoda abo. UGedaliya wafunga kubo nakubantu babo, wathi kubo: “Ningesabi ukuba yizinceku zamaKaledi; hlalani ezweni, nikhonze inkosi yaseBabele; futhi uzophila. Kodwa ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli indodana kaNethaniya indodana ka-Elishama wozalo lwenkosi wafika wabulala amadoda ayishumi kanye naye noGedaliya, wafa, kanye namaJuda namaKhaledi ayenaye eMispa. Bonke abantu, abancane nabakhulu, nezinduna zempi, basuka baya eGibithe, ngokuba babewesaba amaKaledi. Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi nambili, ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga, u-Evilimerodaki, inkosi yaseBabele, ngonyaka aqala ngawo. Ukubusa, ukuphakanyiswa. Inhloko kaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ephuma etilongweni; Wakhuluma kahle kuye, wabeka isihlalo sakhe sobukhosi ngaphezu kwezihlalo zobukhosi zamakhosi ayenaye eBabele; Wakhumula izingubo zakhe zasetilongweni, wadla isinkwa phambi kobuso bakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Isabelo sakhe sasiyisabelo esimiyo njalo, asiphiwa yinkosi, isabelo sezinsuku zonke, zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.