2 AmaKhosi 22:1-20

2 AmaKhosi 22:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka engama-31 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJedida, indodakazi ka-Adayiya waseBhozikhathi. Wenza okulungile emehlweni kaSimakade, wahamba ngayo yonke indlela uDavide, ukhokho wakhe, ayehambe ngayo, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo. Kwathi ngonyaka we-18 wokubusa kwenkosi uJosiya, inkosi uJosiya yathumela uShafani, indodana ka-Azaliya kaMeshulamu, umbhali, endlini kaSimakade, wathi: “Yenyukela kuHilikiya, umphristi omkhulu, uthi makabale imali yonke esendlini kaSimakade eqoqwe ngabalindiminyango kubantu, mayinikwe izisebenzi ezimiselwe ukwenza umsebenzi endlini kaSimakade; mayinikwe izisebenzi ezisendlini kaSimakade ukuze zilungise izimfa endlini kaSimakade, ababazi, abakhi, abakha ngamatshe, ukuze bathenge imithi namatshe abaziweyo kokulungisa indlu. Nokho akuyukubuzwa midanti ngokusebenzisa kwabo imali ababeyamukele, ngokuba umsebenzi wabo babewenza ngokwethembeka.” UHilikiya, umphristi omkhulu, wathi kuShafani, umbhali: “Bheka, ngithole incwadi yomthetho endlini kaSimakade.” UHilikiya wayinika uShafani leyo ncwadi, ukuba ayifunde. UShafani, umbhali, waya enkosini, wafike wayethulela umbiko othi: “Izinceku zakho ziyithululile imali eyatholakala endlini, zayinika izisebenzi ezimiselwe ukwenza umsebenzi endlini kaSimakade.” UShafani, umbhali, wabika enkosini, ukuthi: “UHilikiya, umphristi, unginike incwadi.” UShafani wayeseyifunda phambi kwenkosi. Kwathi lapho inkosi iwezwa amazwi ayesencwadini yomthetho, yaklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala uHilikiya, umphristi, u-Ahikamu, indodana kaShafani, u-Akhibhori, indodana kaMikhaya, uShafani, umbhali no-Asaya, inceku yenkosi, yathi kubo: “Hambani ningibuzele kuSimakade, mina nabantu naye wonke uJuda, maqondana namazwi ale ncwadi etholakeleyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaSimakade esivuthelayo. Okhokho bethu abawalalelanga amazwi ale ncwadi, ukuze benze njengakho konke okulotshwe ngathi kuyo.” UHilikiya umphristi, u-Ahikamu, u-Akhibhori, uShafani, no-Asaya baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo, owayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili, bakhuluma naye. Wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Yishoni kumuntu onithumele kimi nithi: usho kanje uSimakade uthi: ngiyokwehlisela okubi kule ndawo naphezu kwabakhe kuyo, njengokusho kwawo wonke amazwi encwadi eyifundile inkosi yakwaJuda, ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo. Intukuthelo yami iyakuyivuthela le ndawo, futhi ayiyukucinywa.’ Kepha enkosini yakwaJuda enithumileyo ukuba nibuze kuSimakade, niyothi kuyo: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: amazwi owezwileyo, ngenxa yokuba inhliziyo yakho ithambile, wazithoba phambi kukaSimakade, ngesikhathi uwezwa, lokho engakukhuluma kule ndawo nakwabakhileyo kuyo, ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, wawusuklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, nami ngikuzwile, kusho uSimakade. Ngakho-ke ngiyokubuthela kokhokho bakho, ubuthelwe edlinzeni lakho ngokuthula, amehlo akho awayukukubona konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Base bebuyisela enkosini lelo lizwi.

2 AmaKhosi 22:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema; igama likanina lalinguJedida indodakazi ka-Adaya waseBosikati. Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela yonke kaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo. Kwathi ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya inkosi yathuma uShafani indodana ka-Asaliya kaMeshulamu, umbhali, endlini kaJehova, yathi: “Yenyukela kuHilikiya umpristi omkhulu ukuba abale imali eyiswe endlini kaJehova, iqoqwe ngabalindimnyango kubantu, bayibeke esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova, bakhokhele ngayo abasebenza umsebenzi wasendlini kaJehova ukulungisa izimfa zendlu, ababazi, nabakhi, nabakha ngamatshe, nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa indlu. Nokho akubalelwananga nabo ngemali eyabekwa esandleni sabo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.” UHilikiya, umpristi omkhulu, wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wanika uShafani leyo ncwadi, wayifunda. UShafani umbhali waya enkosini, waletha umbiko enkosini, wathi: “Izinceku zakho zithululile imali eyafunyanwa endlini, zayibeka esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova.” UShafani umbhali wayitshela inkosi, wathi: “UHilikiya umpristi unginike incwadi.” UShafani wayifunda phambi kwenkosi. Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho, yaziklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala uHilikiya umpristi, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Akibori indodana kaMikhaya, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, ithi: “Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabantu, naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi.” Base behamba uHilikiya umpristi, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo – wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili – bakhuluma kuye. Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Tshelani umuntu onithume kimi ukuthi: Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi aleyo ncwadi eyifundile inkosi yakwaJuda, ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo; intukuthelo yami iyakuvuthela le ndawo, ayiyikucinywa.’ Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo, ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova. Ngalokho bheka, ngiyakukubuthela koyihlo ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.

2 AmaKhosi 22:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema. Igama likanina lalinguJedida, indodakazi ka-Adaja, waseBoskati. Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zonke zikaDavide uyise, akaphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya inkosi yathuma uShafani indodana ka-Asaliya kaMeshulamu, umbhali, endlini kaJehova ukuba ithi: Khuphukela kuHilikiya umpristi omkhulu, ukuze aqoqe isiliva elilethwa endlini kaJehova, abaliqoqile abalindisango babantu. Mabayinikele esandleni sabenzi bomsebenzi abangamele indlu kaJehova; bayinike abenza umsebenzi wendlu kaJehova ukulungisa izimfa zendlu; kubabazi, nakubakhi, nakubakhi, nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa indlu. Kodwa emalini eyayiphiwe esandleni sabo kababalelwanga, ngoba benza ngokuthembeka. Wayesethi umpristi omkhulu uHilikiya kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wamnika uShafani incwadi, wayifunda. UShafani umbhali wafika enkosini, wayibikela inkosi, wathi: “Izinceku zakho zabutha imali eyafunyanwa endlini, zayinika esandleni sabaphathi bomsebenzi.” endlini kaJehova. UShafani umbhali wayibikela inkosi, wathi: “Umpristi uHilikiya unginikile incwadi.” UShafani wayifunda phambi kwenkosi. Kwathi inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho, yaklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala uHilikiya umpristi, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Akibori indodana kaMikaya, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi: Hambani, ningibuze kuJehova, mina nabantu, noJuda wonke ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo; ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba kabalalelanga. Njengamazwi ale ncwadi, senze njengakho konke okulotshiweyo ngathi. Umpristi uHilikiya, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva, kaHarihasi, umlindi wezingubo; (manje wayehlala eJerusalema ekolishi;) bakhuluma naye. Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi encwadi inkosi yakwaJuda eyayifunda. Ngokuba bangishiyile, bashunqisa abanye onkulunkulu, ukuze bangidlalise ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; ngakho-ke ulaka lwami luyovuthela le ndawo, futhi ngeke lucime. Kepha enkosini yakwaJuda owayithuma ukubuza kuJehova, wothi kuyo: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owazwileyo; Ngokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaJehova, lapho usuzwile engikukhulume ngale ndawo nabakhileyo kuyo, ukuthi bayakuba yihlane nesiqalekiso, izingubo zakho zidatshulwe, zakhala izinyembezi emehlweni akho. Mina; nami nginizwile,” usho uJehova. Ngakho-ke bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula; amehlo enu kawayikubona konke okubi engizakwehlisela phezu kwalendawo. Baphinde babikela inkosi.