2 kaJohane 1:6-9
2 kaJohane 1:6-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Yilokhu uthando, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo wokuba nihambe kuwo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni. Ngokuba abakhohlisi abaningi bangenile ezweni, abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile enyameni. Lo ungumkhohlisi nomphikukristu. Ziqapheleni ukuthi singalahlekelwa yizinto esizisebenzileyo, kodwa ukuze samukele umvuzo opheleleyo. Lowo oweqayo, njalo engahlali emfundisweni kaKristu, kalaNkulunkulu; Lowo ohlala emfundisweni kaKristu unabo bobabili uYise neNdodana.
2 kaJohane 1:6-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uthando yilolu-ke, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo, njengalokho nawuzwa kwasekuqaleni, okumelwe sihambe ngawo. Baningi abakhohlisi abaphumele ezweni; labo abangavumi ukuthi uJesu Khristu uze emhlabeni waba ngumuntu. Lowo osho kanjalo ungumkhohlisi nomphikukhristu. Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa yilokho esikusebenzeleyo, kunalokho namukele umvuzo opheleleyo. Lowo oweqisayo, engemi esifundisweni sikaKhristu, akanaye uNkulunkulu; kodwa ohlezi esifundisweni, unaye uYise neNdodana.
2 kaJohane 1:6-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni. Ngokuba abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu. Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo. Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.
2 kaJohane 1:6-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)