2 kaJohane 1:5-6
2 kaJohane 1:5-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha manje ngiyakunxusa nkosikazi, kungekungathi ngikulobela umyalo omusha, kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni owokuba sithandane. Uthando yilolu-ke, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo, njengalokho nawuzwa kwasekuqaleni, okumelwe sihambe ngawo.
2 kaJohane 1:5-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Manje ngiyakuncenga, nkosikazi, kungengathi ngikulobela umyalo omusha, kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni ukuba sithandane. Yilokhu uthando, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo wokuba nihambe kuwo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.
2 kaJohane 1:5-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nakalokhu ngiyakunxusa, nkosikazi, kungengokungathi ngikulobela umyalo omusha kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni ukuba sithandane. Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.
2 kaJohane 1:5-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)