2 kwabaseKorinte 9:11-13
2 kwabaseKorinte 9:11-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
licetshiswe ezintweni zonke kukho konke ukuphana, okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu. Ngokuba ukukhonza kwalo kukhonza akugcwalisi ukuswela kwabangcwele kuphela, kodwa futhi kuvame ukubonga okuningi kuNkulunkulu; Ngobufakazi balokhu kukhonza bayakhazimulisa uNkulunkulu ngenxa yokuthobela kwenu isivumo senu evangelini likaKristu, nangenxa yokupha kwenu ukuphana kwenu kubo nakubo bonke abantu
2 kwabaseKorinte 9:11-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ukuze nithi nicetshisiwe kokuningi nibe ngabaphanayo, okuyakuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu. Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo, akuqedi nje ukweswela kwabangcwele, kodwa kwenza ukuba kuvame ukubonga uNkulunkulu kwabaningi. Ngokuvivinyeka kwale nkonzo, abantu badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela, nangokuvuma kwenu ivangeli likaKhristu, nangenxa yokuphana kubo, nakubo bonke abanye
2 kwabaseKorinte 9:11-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu. Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi, lokhu ngokuvivinyeka kwale nkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivangeli likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke
2 kwabaseKorinte 9:11-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)