2 kwabaseKorinte 5:17-19
2 kwabaseKorinte 5:17-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; bheka, sekuvele okusha. Zonke izinto zivela kuNkulunkulu, owasenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana; okuwukuthi uNkulunkulu ekuKristu, enza izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo; futhi ubeke kithi izwi lokubuyisana.
2 kwabaseKorinte 5:17-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba uma umuntu ekuKhristu, uyisidalwa esisha, okwakuqala kudlulile; sekuvele okusha. Konke lokho kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKhristu, wasinika inkonzo yokubuyisana, okungukuthi, uNkulunkulu ekuKhristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko, ebeka kithi izwi lokubuyisana.
2 kwabaseKorinte 5:17-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha. Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana, ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana.
2 kwabaseKorinte 5:17-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)