2 kwabaseKorinte 5:1-5
2 kwabaseKorinte 5:1-5 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini. Ngokuba kulokhu siyabubula, silangazelela ukwembeswa indlu yethu evela ezulwini; uma-ke sembethe, asiyikufunyanwa sinqunu. Ngokuba thina esikuleli dokodo siyabubula sisindwa; Kepha yena owasenzela khona lokho nguNkulunkulu, owasipha futhi isibambiso sikaMoya.
2 kwabaseKorinte 5:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini. Ngenxa yalokho siyabubula, silangazelela ukuba sembathiswe indlu yethu yasezulwini, ukuze sithi sesiyikhumulile, singafunyanwa sihamba ze. Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo siyabubula, siyasindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa, kodwa ukwembathiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila. Kepha owasenzela lokho nguNkulunkulu, owasipha futhi isibambiso esinguMoya.
2 kwabaseKorinte 5:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini. Ngenxa yalokho siyabubula, silangazelela ukwelakanyiswa ngendlu yethu yasezulwini, ngokuba sembethe yona, asiyikufunyanwa sihamba ze. Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo sibubula, sisindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa kodwa ukwelakanyiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila. Kepha owasenzela khona lokho nguNkulunkulu owasipha isibambiso esinguMoya.
2 kwabaseKorinte 5:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)