2 kwabaseKorinte 11:23-29
2 kwabaseKorinte 11:23-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bayizikhonzi zikaKristu na? (Ngikhuluma njengesiwula) mina kakhulu; ekukhandlekeni okuchichima kakhulu, ngemivimbo engaphezu kwesilinganiso, ematilongweni kaningi, nasekufeni kaningi. KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo engamashumi amane kushiya owodwa. Ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini; ekuhambeni njalo, ezingozini zamanzi, ezingozini zabaphangi, ezingozini ngabakithi, ezingozini ngabezizwe, engozini emzini, engozini enkangala, engozini olwandle, engozini phakathi kwabazalwane bamanga. Ekukhandlekeni nasezinhlungwini, nasekulindeni kaningi, endlaleni nasekomeni, nasekuzileni ukudla kaningi, emakhazeni nasekuhambeni-ze. Ngaphandle kwalokho okungehlelayo imihla ngemihla yikukhathalela onke amabandla. Ngubani obuthakathaka, ngingabi buthakathaka nami? ngubani okhubekiswayo, mina ngingashi na?
2 kwabaseKorinte 11:23-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya – ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi. KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo, kushiywa munye emashumini amane; ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini; ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga, ngokukhandleka nangokukhathazeka, kaningi ngokuqwasha ebusuku, ngokulamba nangokoma, kaningi ngokuzila ukudla, nasemakhazeni nangokuhambaze; ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla. Ngubani obuthakathaka ngingebuthakathaka nami na? Ngubani okhubekiswayo kungavuthi kimi na?
2 kwabaseKorinte 11:23-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bayizikhonzi zikaKhristu na? Ngikhulumisa okohlanya, ngokuba mina ngiyisikhonzi ukwedlula bona. Ngasebenza ngokuzikhandla okukhulu kunabo, ngaboshwa izikhawu eziningi kunabo, ngashaywa kaningi impela, ngaba phakathi kokufa kaningi. KubaJuda, ngabhaxatshulwa imivimbo engama-40, amahlandla ayisihlanu, kusala kuphela owodwa ema-40. Ngashaywa ngezinduku izikhathi ezintathu, ngakhandwa kanye ngamatshe, izikhathi ezintathu ngalinyalelwa ngumkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini. Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga. Ngokusebenza nangokukhandleka, ngiqwashile kaningi ebusuku, ngokulamba, ngokoma, ngokuzila ukudla izikhathi eziningi, ngokuququdwa ngamakhaza, nangokuhamba ze. Ngaphandle kwalokhu, ngihlale ngiphansi kokucindezelwa imihla yonke ngenxa yokukhathazeka kwami ngamabandla wonke. Ngubani obuthakathaka, nami ngingabi buthakathaka na? Ngubani okhubekiswayo, ngingamzweli ubuhlungu na?
2 kwabaseKorinte 11:23-29 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)