2 kwabaseKorinte 1:8-9
2 kwabaseKorinte 1:8-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sasicindezelekile ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila. Kepha thina ngokwethu sasinesigwebo sokufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo
2 kwabaseKorinte 1:8-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bazalwane, asithandi ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sabhekana nobunzima obungaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila. Thina ngokwethu sazibonela ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembele kuNkulunkulu ovusa abafileyo.
2 kwabaseKorinte 1:8-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila. Yebo, thina ngokwethu sasizizwele ukuthi sinqunyelwe ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo
2 kwabaseKorinte 1:8-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)