2 kwabaseKorinte 1:12-24
2 kwabaseKorinte 1:12-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu. Ngokuba asinilobeli okunye, kuphela lokho enikufundayo nenikuqonda kahle; ngiyethemba futhi ukuthi niyakukuqonda kahle kuze kube sekugcineni, njengalokho nisiqondile okwenxenye ukuthi siyiqholo lenu, njengalokhu nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu. Nginalelo themba ngangifuna ukuza kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokwesibili, ngidlule ngakini, ngiye eMakedoniya, ngibuye ngize kini sengivela eMakedoniya, ngiphelekezelwe yinina sengiya eJudiya. Pho-ke, bengidlala nje ngisahlose lokho na? Lokho engikuhlosayo ngikuhlosa ngokwenyama yini, ukuze kimina kube nguyebo yebo, kanye noqhabo qhabo, na? Kepha njengokuba uNkulunkulu ethembekile, nezwi lethu kini alisiye uyebo kanye noqhabo. Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo. Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani, kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen futhi, kudunyiswe uNkulunkulu ngathi. Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, nguNkulunkulu, owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu. Kepha mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami ukuthi ngenziwa ukuniphephisa ukuba ngingaphindanga ngize eKorinte, kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.
2 kwabaseKorinte 1:12-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba ukuthokoza kwethu yilokhu, ubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi ngobuqotho nangobuqotho bukaNkulunkulu, sihambe ngokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu, kakhulu kinina kakhulu. Ngokuba asinilobeli okunye, kuphela lokho enikufundayo nenikuqondayo; futhi ngiyethemba ukuthi niyakuvuma kuze kube sekupheleni; njengalokho nasivuma nganxanye, ukuthi siyikuzibonga kwenu, njengalokhu nani ningabethu ngosuku lweNkosi uJesu. Ngokunalokho nginethemba, bengihlose ukuza kini ngaphambili, ukuze nizuze okwesibili; ngidlule kini ngiye eMakedoniya, ngibuye ngize kini ngivela eMakedoniya, ningiphelezele ngibheke eJudiya. Ngakho-ke lapho ngicabanga kanjalo, ngenza ubuwula na? Noma lokho engikuhlosileyo ngihlose ngokwenyama yini ukuba kimi kube uyebo, yebo, noqhabo? Kodwa njengoba uNkulunkulu eqinisile, ilizwi lethu kini lalingesiye uyebo loqhabo. Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, eyashunyayelwa kini yithina, mina noSilvanu noThimothewu, yayingesiye uyebo noqhabo, kodwa kuyo inguyebo. Ngokuba zonke izithembiso zikaNkulunkulu kuye zinguyebo, futhi kuyena zingu-Amen, kube inkazimulo kaNkulunkulu ngathi. Osiqinisayo kanye nani kuKristu, nosigcobileyo, nguNkulunkulu; owasibeka uphawu futhi, wasinika isibambiso sikaMoya enhliziyweni zethu. Futhi ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami, ukuthi ukuniyeka angikafiki eKorinte. Kungesikho ukuthi sibusa ukholo lwenu, kodwa singabasizi bentokozo yenu, ngoba nimi ngokukholwa.
2 kwabaseKorinte 1:12-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

2 kwabaseKorinte 1:12-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu. Ngokuba asinilobeli lutho olunye ngaphandle kwalokho enikufundayo, noma enikwaziyo. Ngiyethemba futhi ukuthi niyakukwazi ngokupheleleyo kuze kube sekugcineni, njengalokhu nisazile ingxenye, ukuthi siyiqholo lenu, kanjalo-ke nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu. Ngenxa yaleli themba, ngahlela ukuba ngize kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokuphindiwe, ngokunivakashela kwami; okokuqala ngiya eMakhedoniya, okwesibili nalapho sengibuya eMakhedoniya ngize kini, bese ngiphelezelwa yini uma sengiya eJudiya. Ngabe ngangidlala yini uma ngihlela ukwenza lokho na? Noma kumbe izinto engizihlelayo ngikwenza lokho ngokwenyama ngilindele ukuthi yebo, yebo, noma qha, qha, ngesikhathi esifanayo na? Kepha njengalokhu uNkulunkulu ethembekile, izwi lethu kini alisiye uyebo noqhabo. Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uJesu Khristu eyashunyayelwa yithi kini: mina, noSilvanu, noThimothewu, ayisiye uyebo noqhabo, kodwa kuYena, kuhlala kunguyebo. Nakuba izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kakhulu, kuYena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen; kudunyiswe uNkulunkulu ngathi. Kepha nguNkulunkulu osimise kanye nani kuKhristu, nowasigcobayo, nguye futhi owasibeka uphawu, nowasipha uMoya oyisibambiso ezinhliziyweni zethu. Mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami, ukuthi nganginiphephisa ngokuba ngingaphindi ngize eKhorinte, kungesikho ukuthi sinethwesa imithwalo ngenxa yokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi ezibambisene nani ekujabuleni kwenu, ngokuba nimile ekukholweni.