2 kwabaseKorinte 1:1-4
2 kwabaseKorinte 1:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte nakubo abangcwele bonke abakulo lonke lase-Akhaya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
2 kwabaseKorinte 1:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte kanye nabangcwele bonke abakulo lonke elase-Akhaya. Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, noNkulunkulu wenduduzo yonke; osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sibe lamandla okududuza labo abasosizini lonke, ngenduduzo esiduduzwa ngayo thina ngokwethu nguNkulunkulu.
2 kwabaseKorinte 1:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte kanye nabangcwele bonke abakulo lonke elase-Akhaya. Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, noNkulunkulu wenduduzo yonke; osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sibe lamandla okududuza labo abasosizini lonke, ngenduduzo esiduduzwa ngayo thina ngokwethu nguNkulunkulu.
2 kwabaseKorinte 1:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane, kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte nabo bonke abangcwele abakulo lonke i-Akhaya: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu. Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wobubele bonke, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduzayo osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, noma ngabe lunjani, ngenduduzo esiduduzwe ngayo nathi nguNkulunkulu.