2 iziKronike 6:1-42

2 iziKronike 6:1-42 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona wakhuluma uSolomoni, wathi: “UJehova ushilo ukuthi uyakuhlala esigayegayeni. Kepha ngikwakhele indlu yokuhlala, indawo yokuhlala kwakho kuze kube phakade.” Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, lonke ibandla lakwa-Israyeli lalimi. Yathi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi: ‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli ezweni laseGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli, kodwa ngikhethe iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho, ngakhetha noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.’ “Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba: ‘Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho; kepha wena awuyikwakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’ “UJehova uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kuka Jehova, ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. Ngiwumisile lapho umphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nabantwana bakwa-Israyeli.” Wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe, ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu* lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu; walimisa phakathi negceke, wema kulo, wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini, ethi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe ezulwini noma emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo, ogcine nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo; yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho usukugcwalisile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla. “Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.’ Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, maliqiniseke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide. “Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na? Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, uzwe ukukhala nokukhuleka, inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla, ukuba amehlo akho avulekele le ndlu ubusuku nemini, indawo owasho ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo. Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukukhuleka bebhekene nale ndawo, ukuzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele. “Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu, mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kuphindiselwe konecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe. “Uma abantu bakho u-Israyeli benqotshwa yisitha, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, banxuse kuwe kule ndlu, mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika bona nawoyise. “Lapho izulu livaliwe, imvula ingekho, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bebhekene nale ndawo, balivume igama lakho, baphenduke esonweni sabo, ngokuba uyabajezisa, mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthume imvula ezweni lakho obanike abantu bakho libe yifa labo. “Uma kukhona indlala ezweni, noma kukhona isifo, noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo, bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yakhe nosizi lwakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu, mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe zonke, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabantwana babantu ukuba bakwesabe, bahambe ngezindlela zakho zonke izinsuku zokuhamba kwabo ezweni owalinika obaba. “Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, abesefika ukukhuleka kule ndlu, mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u-Israyeli, nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho. “Uma abantu bakho bephuma impi ukulwa nezitha zabo ngendlela obathuma ngayo, bese bekhuleka kuJehova bebhekene nalo muzi owukhethileyo nale ndlu engiyakhele igama lakho, mawuzwe wena ezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume. “Uma bona kuwe ngokuba akukho muntu ongoniyo bese wubathukuthelela wena, ubanikele esitheni, ukuze ababathumbayo babamukisele ezweni lesitha, likude noma liseduze, kepha bese becabanga ezweni lapho bethunjelwe khona, baphenduke, banxuse kuwe ezweni lababathumbayo ngokuthi: ‘Sonile, senzile ngokuphambeneyo, saziphatha kabi;’ uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lokuthunjwa kwabo, lapho bebathumbele khona, bakhuleke bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise, nomuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho, mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume, uthethelele abantu bakho abonile kuwe. “Ngalokho, Nkulunkulu wami, amehlo akho mawavulekele, nezindlebe zakho maziwulalele umkhuleko owenziwa kule ndawo. “Ngalokho: Vuka, Jehova Nkulunkulu, uze endaweni yakho yokuphumula, wena nomphongolo wamandla akho; abapristi bakho, Jehova Nkulunkulu, mabembathiswe ukusindiswa, nabathembekileyo bakho mabathokoze ngokuhle. Jehova Nkulunkulu, ungafulatheli ogcotshiweyo wakho; khumbula umusa wakho kuDavide inceku yakho.”

2 iziKronike 6:1-42 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Khona uSolomoni wakhuluma, wathi: “USimakade ushilo ukuthi uyakuhlala esigayegayeni. Kepha mina ngikwakhele indlu yokuphakama kwakho, indawo oyakuhlala kuyo kuze kube phakade.” Inkosi yayisiphenduka, yabusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, lonke ibandla lakwa-Israyeli lalimi. Yathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide, ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi: ‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli, kodwa ngilikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe lapho, ngimkhethile noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami, u-Israyeli.’ “Kwakusenhliziyweni kaDavide, ubaba, ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli indlu, kepha uSimakade wathi kuDavide, ubaba: ‘Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho. Kepha wena awuyukuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalo lwakho, yiyo eyokwakhela igama lami indlu.’ “USimakade uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba ngingenile esikhundleni sikaDavide, ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaSimakade, ngilakhele igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. Ngiwubekile lapho umphongolo okukuwo isivumelwano sikaSimakade asenza nabantu bakwa-Israyeli.” USolomoni wema phambi kwe-althare likaSimakade, phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe. USolomoni wayakhe ibhesituli lethusi, walibeka phakathi negceke: ubude balo bungamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi bona bungamakhubhithi amathathu. Wema kulo, waguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli. Welulela izandla zakhe ngasezulwini, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, akekho uNkulunkulu emazulwini nasemhlabeni onjengawe; Wena ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho, ngayo yonke inhliziyo yazo, ogcine nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakusho kuyo, yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho ukufezile ngesandla sakho namuhla. “Manje Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakukhuluma kuyo uthi: ‘Akuyukwesweleka muntu kuwe, phambi kwami, oyohlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli. Uma nje abozalo lwakho beqaphela indlela yabo, ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokhu wena uhambile phambi kwami.’ “Ngakho-ke Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, maliqiniswe izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho, uDavide. “Ngabe uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Izulu namazulu amazulu angekwanele; pho kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo na? Wubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Simakade Nkulunkulu wami, uzwe ukukhala kokunxusa nomkhuleko inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho. Amehlo akho mawayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owakhuluma ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka kule ndawo. Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho, u-Israyeli, abayakukhuleka kule ndawo, uzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele. “Uma umuntu ona omunye, kufuneka ukuba enze isifungo, bese eza ezofunga phambi kwe-althare lakho kule ndlu, mawuzwe usezulwini, uthathe izinyathelo, wehlulele izinceku zakho, owonileyo alahlwe yicala, ajeze ngobubi bakhe, kuthi olungileyo limthethe, azuze ngangokulunga kwakhe. “Uma abantu bakho, u-Israyeli, benqotshwa yisitha ngenxa yokuba bonile kuwe, bese bephenduka bebuyela kuwe, bavume igama lakho, bakhuleke, banxuse kuwe bekule ndlu, mawuzwe wena usezulwini, uthethelele isono sabantu bakho, u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika bona nokhokho babo. “Lapho izulu livaliwe, kungekho mvula, ngenxa yokuba bonile kuwe, bese bekhuleka bebheke kule ndawo, bavume igama lakho, baphenduke esonweni sabo, ngoba uyabajezisa, mawuzwe Wena usezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho, u-Israyeli. Uyakubaqondisa endleleni enhle abayakuhamba ngayo, uthumele imvula ezweni lakho owabanika lona abantu bakho ukuba libe yifa labo. “Uma kuba khona indlala ezweni, noma imbo, noma ukuhwamuka, nesikhutha, isikhonyane, umswenya noma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma inhlupheko yahlobo luni nasifo sini, bese kuzwakala noma ngabe luhlobo luni lomkhuleko noma ukunxusa okuyokwenziwa noma ngubani noma yibo bonke abantu bakho, u-Israyeli, abayokwazi ukubeka inhlupheko noma usizi lwabo kuwe, kube yilowo nalowo elulele izandla zakhe kule ndlu, mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, kube yilowo nalowo umuphe ngokwezindlela zakhe zonke. Nguwe owazi inhliziyo yakhe ngokuba nguwe kuphela owazi izinhliziyo zabantwana babantu. Ngakho-ke mabakwesabe, bahambe ngezindlela zakho zonke izinsuku zokuphila kwabo ezweni owalinika okhokho bethu. “Kuyakuthi uma owezizwe ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, evela ezweni elikude, ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, afike akhuleke kule ndlu, mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke ukukhala owezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba balazi iGama lakho, bakwesabe Wena njengabantu bakho, u-Israyeli, nokuba bazi futhi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibizwe ngeGama lakho. “Uma abantu bakho bephuma impi ukuyokulwa nezitha zabo ngendlela obathuma ngayo, bese bekhuleka kuwe bebheke kulo muzi owukhethileyo nale ndlu engiyakhele iGama lakho, mawuzwe Wena usezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, uyimele indaba yabo. “Uma bona kuwe, ngoba akukho muntu ongoni, bese ubathukuthelela, ubanikele esitheni, sibathumbe sibayise ezweni laso, elikude noma eliseduze, bese becabanga belapho ezweni abathunjelwe kulo, baphenduke, banxuse kuwe besezweni lokuthunjwa kwabo, bathi: ‘Sonile, senze okuphambeneyo, saziphatha kabi.’ “Uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo, nangawo wonke umphefumulo wabo besezweni abathunjelwe kulo, bakhuleke kuwe bebheke ngasezweni lakubo owalinika okhokho babo, nomuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho, mawuzwe umkhuleko wabo nokunxusa kwabo usezulwini, indawo yakho yokuhlala, uyimele indaba yabo, ubathethelele abantu bakho abonileyo kuwe. “Ngakho-ke Nkulunkulu wami, amehlo akho mawabheke, nezindlebe zakho zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo. “Manje, sukuma Simakade Nkulunkulu, uze endaweni yakho yokuphumula Wena nomphongolo wakho wamandla. Abaphristi bakho Simakade Nkulunkulu, abaphristi bakho mabembathiswe insindiso, nabathembekile bakho bathokoze ngokuhle. Simakade Nkulunkulu, ungamfulatheli ogcotshiweyo wakho. Khumbula umusa wakho kuDavide inceku yakho.”

2 iziKronike 6:1-42 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wayesethi uSolomoni: “UJehova wathi uyakuhlala ebumnyameni. Kodwa ngikwakhele indlu nendawo yokuhlala kuze kube phakade. Inkosi yasiphendulela ubuso bayo, yabusisa lonke ibandla lika-Israyeli, inhlangano yonke yakwa-Israyeli yasukuma. Wathi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owagcwalisa ngezandla zakhe lokho akukhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ethi: Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami ezweni laseGibithe, angikhethanga muzi phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba ngakhe indlu ukuba igama lami libe khona lapho; futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli. Kepha ngikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho; ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli. Kwakukhona enhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. Kodwa uJehova wathi kubaba uDavida: Ngoba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela ibizo lami indlu, wenza okuhle ngoba kwakusenhliziyweni yakho. Kodwa akumelwe uyakhe indlu; kepha indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu. Ngalokho uJehova waligcwalisa izwi lakhe alikhulumayo, ngokuba ngavuka ekamelweni likababa uDavide, ngahlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli, njengalokho uJehova ethembisile, ngase ngilakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. Ngawufaka kulo umphongolo, okukhona kuwo isivumelwano sikaJehova asenza nabantwana bakwa-Israyeli. Wema phambi kwe-altare likaJehova phambi kobuso balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe. USolomoni wenza isaka lethusi, ubude balo buyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo buyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu, walumisa phakathi negceke; wema phezu kwalo, waguqa phambi kwebandla lonke. Ka-Israyeli futhi welulela izandla zakhe ezulwini, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho uNkulunkulu onjengawe ezulwini nasemhlabeni; ogcina isivumelwano nohawukela izinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo. Wena owagcina encekwini yakho ubaba uDavide lokho owakuthembisa kuye; futhi wakhuluma ngomlomo wakho wakugcwalisa ngesandla sakho njengoba kunjalo namuhla. Ngakho-ke, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina encekwini yakho, ubaba uDavide, lokho owakuthembisa kuye ngokuthi: ‘Akuyikuntula muntu emehlweni ami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli; nokho ukuze abantwana benu baqaphele indlela yabo ukuhamba emthethweni wami, njengalokho nahamba phambi kwami. Ngakho-ke, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, malifezeke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide. Kodwa ingabe ngempela uNkulunkulu uyohlala nabantu emhlabeni? bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo! Bheka-ke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, ukuba uzwe ukukhala nomkhuleko inceku yakho ewukhulekayo phambi kwakho. Ukuze amehlo akho avuleke imini nobusuku ngale ndlu, ngendawo othe uyakubeka kuyo igama lakho kuyo; ukuze uzwe umkhuleko inceku yakho ewukhulekayo kule ndawo. Khona-ke lalela ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukucela kule ndawo; lalela indawo yakho yokuhlala, usezulwini; uma uzwa, thethelela. Uma umuntu ona kumakhelwane wakhe, kufungiswe kuye isifungo sokumfungisa, bese kufika isifungo phambi kwe-altare lakho kule ndlu; Yizwa usezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho ngokuphindisela omubi, ubuyisele indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe; nangokulungisisa olungileyo, ngokumnika njengokulunga kwakhe. Uma abantu bakho u-Israyeli behlakulelwa isitha, ngokuba bonile kuwe; ngiyobuya, balivume igama lakho, bakhuleke, bancenge phambi kwakho kule ndlu; Yizwa usezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owabanika lona kanye nawoyise. Lapho izulu livaliwe, imvula ingekho, ngokuba bonile kuwe; kodwa uma bekhuleka kulendawo futhi bevuma igama lakho futhi bephenduka esonweni sabo uma ubacindezela; Yizwa usezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, ngokuba ubafundise indlela enhle abamelwe ukuhamba ngayo; unise imvula ezweni lakho olinike abantu bakho njengefa. Uma kukhona ukuswelakala ezweni, uma kukhona isifo, uma kukhona umlilo noma isikhutha, izinkumbi nezinkumbi; uma izitha zabo zibavimbezela emizini yezwe lakubo; noma yikuphi ukulimala noma yisiphi isifo esingaba khona: Noma yimuphi umkhuleko nanoma yikuphi ukunxusa okuyokwenziwa ngomunye noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli lapho beyokwazi, kube yilowo nalowo ubuhlungu bakhe nosizi lwakhe futhi elule izandla zakhe kule ndlu; Yizwa-ke usemazulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, uphindisele yilowo nalowo njengazo zonke izindlela zakhe owazi inhliziyo yakhe; (Ngokuba Wena wazi izinhliziyo zabantwana babantu;) ukuze bakwesabe, bahambe ezindleleni zakho zonke izinsuku zokuphila kwabo ezweni owalinika obaba. “Futhi ngomfokazi ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, ovela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu, nesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo; uma beza ukukhuleka kule ndlu; Khona-ke lalela usezulwini, lapho uhlala khona, wenze njengoba nje umfokazi ememeza kuwe; ukuze zonke izizwe zomhlaba zilazi ibizo lakho, zikwesabe, njengabantu bakho uIsrayeli, njalo zazi ukuthi ibizo lakho liyabizwa phezu kwalendlu engiyakhileyo. Uma abantu bakho bephuma ukulwa nezitha zabo endleleni oyakubathuma ngayo, bakhuleke kuwe bebheke kulo muzi owukhethileyo, nasendlini engiyakhele igama lakho; Yizwa-ke usezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubamela indaba yabo. Uma bonile kuwe (ngokuba akakho ongoni) bese ubathukuthelela, ubakhulule phambi kwezitha zabo, babathumbe babayise ezweni elikude noma eliseduze; Kepha uma bezicabangela ezweni abathunjelwe kulo njengeziboshwa, baphenduke, bakhuleke kuwe ezweni lokuthunjwa kwabo, bathi: ‘Sonile, senzile okubi, senzile; Uma bebuyela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lokuthunjwa kwabo, lapho bethunjelwe khona, bekhuleka endleleni yezwe labo owalinika oyise, nasemzaneni owabanika wona. Oyikhethile, nendlu engiyakhele iGama lakho; Yizwa usemazulwini, yebo, usendaweni yakho yokuhlala, umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubamele indaba yabo, uthethelele abantu bakho abonile kuwe. Manje, Nkulunkulu wami, ake amehlo akho avuleke, izindlebe zakho zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo. Vuka manje, Jehova Nkulunkulu, endaweni yakho yokuphumula, wena nomphongolo wamandla akho; abapristi bakho, Jehova Nkulunkulu, mabembathe insindiso, nabathandwayo bakho bajabule kokuhle. O Jehova Nkulunkulu, ungafulatheli ubuso bogcotshiweyo wakho; khumbula umusa wenceku yakho uDavide.