2 iziKronike 5:13-14
2 iziKronike 5:13-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade. Abaphristi abakwazanga ukuba ngaphakathi ukuze bakhonze, ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.
2 iziKronike 5:13-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova, baze bangema abapristi ukukhonza ngenxa yefu; ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.
2 iziKronike 5:13-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho abashaya amacilongo nabahlabeleli bemunye, benza izwi elilodwa lokudumisa nokudumisa uJehova; lapho bephakamisa amazwi abo ngamacilongo nangamasimbali nangezinsimbi, bemdumisa uJehova, bethi: “Ngokuba muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngokuba indlu yagcwala ifu, indlu kaJehova; Abapristi babengenakuma ukukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.