2 iziKronike 20:22-25
2 iziKronike 20:22-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lapho sebeqala ukuhalalisa nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseSeyiri, ababefikele uJuda, banqotshwa. Abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nabakhileyo entabeni yaseSeyiri ukuba babachithe, babaqothule; sebebaqedile abakhileyo eSeyiri basiza, kwaba yilowo nalowo, ngokubulalana bodwa. UJuda esefike embonisweni wasehlane, babheka isixuku; bheka, babe yizidumbu nje eziwele phansi, akusindanga noyedwa. Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuqoqa impango kubo, bafumanisa phakathi kwabo ubuningi bengcebo nezidumbu nezinto ezinxanelekayo, bazihlubulela zona, kwaze kwangabakho ongazithwala; kwaba yizinsuku ezintathu beqoqa impango, ngokuba yayiningi kangaka.
2 iziKronike 20:22-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ukuba baqale ukuhalalisa nokudumisa, uSimakade wababekela abazobalalela unyendle abakwa-Amoni, abakwa-Mowabi, nabasentabeni iSeyiri ababephumele ukumelana noJuda, banqotshwa bonke. Abakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nezakhamuzi zasentabeni iSeyiri, bababhubhisa baphela nya. Kwathi sebeziqothule nya zonke izakhamuzi zaseSeyiri, base bephenduka babulalana bodwa. UJuda efika embonisweni ehlane, waphenduka wabuka ngalapho kwakunesixuku khona; bheka, kwakulele izigingqane zezidumbu zidindilize phansi, kungekho noyedwa ophunyukile. UJehoshafathi namabutho akhe kwathi lapho befika ukuba babuthe impango kubo, bafumanisa kubo ingcebo eningi kakhulu abangakwazanga ukuyithwala.
2 iziKronike 20:22-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho sebeqala ukuhlabelela nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nasezintabeni zaseSeyiri ababefikele uJuda; bashaywa. Abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi bavukela abakhileyo ezintabeni zaseSeyiri ukuba babashaye ngesiqalekiso, bababhubhise; UJuda esefika embhoshongweni wokulinda ehlane, babheka isixuku, bheka, kwakuyizidumbu eziwele phansi, kungaphunyuki muntu. Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuzothatha impango kubo, bathola phakathi kwabo ingcebo eningi kanye nezidumbu nezinto eziyigugu abazithathela zona, babengenakumuka nabo; baba yizinsuku ezintathu bebutha impango, yayiningi kakhulu.