2 iziKronike 20:15-22

2 iziKronike 20:15-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)

wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, zakhamuzi zaseJerusalema, nawe nkosi Jehoshafathi: usho kanje kini uSimakade, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ingekaNkulunkulu. Kusasa yehlelani kubo; bayobe bekhuphuka ngommango waseZizi; niyakubafumana ekugcineni kwesigodi, phambi kwehlane eJeruweli. Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ” UJehoshafathi wayesekhothama, wathi mbo ngobuso emhlabathini. UJuda wonke nezakhamuzi zaseJerusalema bakhothama phambi kukaSimakade, bakhuleka kuSimakade. AbaLevi, abozalo lwamaKhohathi nolwamaKhorahi, basukuma badumisa uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu. Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane eThekhowa. Ngesikhathi bephuma, uJehoshafathi wasukuma, wathi: “Ngilaleleni, Juda nani zakhamuzi zaseJerusalema! Methembeni uSimakade uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa. Bethembeni abaphrofethi bakhe, niyakuphumelela.” Eselulekene nabantu, wabeka abayakuhlabelela kuSimakade bevunule ngobungcwele, behamba phambi kwamabutho, bethi: “Bongani uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade.” Kwathi ukuba baqale ukuhalalisa nokudumisa, uSimakade wababekela abazobalalela unyendle abakwa-Amoni, abakwa-Mowabi, nabasentabeni iSeyiri ababephumele ukumelana noJuda, banqotshwa bonke.

2 iziKronike 20:15-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wathi: “Zwanini, nonke Juda, nani enakhileyo eJerusalema, nenkosi uJehoshafati: Usho kanje uJehova kini, uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu; ngoba impi kayisiyo eyenu, kodwa ngekaNkulunkulu. Yehlani kusasa nilwe nabo; bheka, bakhuphukela eweni likaSisi; niyakubafumana ekupheleni kwesifufula, ngaphambi kwehlane laseJeruweli. Anifanele ukulwa kule mpi; sukumani nime, nibone ukukhulula kukaJehova nani Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumani kusasa niyokulwa nabo, ngokuba uJehova uyakuba nani. UJehoshafati wakhothamisa ubuso bakhe bubheke phansi; noJuda wonke nabakhileyo eJerusalema bawa phambi kukaJehova, bakhuleka kuJehova. AmaLevi, kubantwana bamaKohati nakubantwana bamaKhori, asukuma ukuba adumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu phezulu. Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela. Ngemva kokubonisana nabantu, wabeka abahlabeleli enkazimulweni kaJehova ukuze badumise inkazimulo engcwele lapho bephuma phambi kwebutho, futhi bathi: “Dumisani uJehova! ngokuba umusa wakhe umi phakade. Lapho sebeqala ukuhlabelela nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nasezintabeni zaseSeyiri ababefikele uJuda; bashaywa.