2 iziKronike 20:14-19
2 iziKronike 20:14-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMoya kaSimakade wafika kuJahaziyeli kaZakhariya kaBhenaya kaJehiyeli kaMathaniya, umLevi, omunye wozalo luka-Asafa, ephakathi kwebandla, wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, zakhamuzi zaseJerusalema, nawe nkosi Jehoshafathi: usho kanje kini uSimakade, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ingekaNkulunkulu. Kusasa yehlelani kubo; bayobe bekhuphuka ngommango waseZizi; niyakubafumana ekugcineni kwesigodi, phambi kwehlane eJeruweli. Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ” UJehoshafathi wayesekhothama, wathi mbo ngobuso emhlabathini. UJuda wonke nezakhamuzi zaseJerusalema bakhothama phambi kukaSimakade, bakhuleka kuSimakade. AbaLevi, abozalo lwamaKhohathi nolwamaKhorahi, basukuma badumisa uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu.
2 iziKronike 20:14-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kufika uMoya kaJehova phezu kukaJahaziyeli kaZakariya kaBenaya kaJehiyeli kaMathaniya umLevi, emadodaneni ka-Asafa phakathi kwebandla, wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema, nawe nkosi Jehoshafati: usho kanje kini uJehova, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ngekaNkulunkulu. Yehlelani kubo kusasa; bhekani, bayakukhuphuka ngommango waseSisi; niyakubafumana ekugcineni kwesigodi ngaphambi kwehlane laseJeruweli. Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.’ ” Wayesekhothama uJehoshafati, ubuso bakhe bubheke phansi; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bawa phambi kukaJehova bekhuleka kuJehova. AmaLevi abantwana bamaKohati nawabantwana bamaKorahi asukuma ukumdumisa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu.
2 iziKronike 20:14-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMoya weNkosi wehlela phezu kukaJahaziyeli indodana kaZakariya indodana kaBenaya indodana kaJehiyeli indodana kaMathaniya umLevi wamadodana ka-Asafa, uMoya weNkosi phakathi kwebandla weza; Wathi: “Zwanini, nonke Juda, nani enakhileyo eJerusalema, nenkosi uJehoshafati: Usho kanje uJehova kini, uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu; ngoba impi kayisiyo eyenu, kodwa ngekaNkulunkulu. Yehlani kusasa nilwe nabo; bheka, bakhuphukela eweni likaSisi; niyakubafumana ekupheleni kwesifufula, ngaphambi kwehlane laseJeruweli. Anifanele ukulwa kule mpi; sukumani nime, nibone ukukhulula kukaJehova nani Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumani kusasa niyokulwa nabo, ngokuba uJehova uyakuba nani. UJehoshafati wakhothamisa ubuso bakhe bubheke phansi; noJuda wonke nabakhileyo eJerusalema bawa phambi kukaJehova, bakhuleka kuJehova. AmaLevi, kubantwana bamaKohati nakubantwana bamaKhori, asukuma ukuba adumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu phezulu.