2 iziKronike 19:4-11
2 iziKronike 19:4-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJehoshafathi wahlala eJerusalema, kodwa kamuva wabuye waphuma wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBheri Sheba kuya kwelezintaba kwa-Efrayimi; wababuyisela abantu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo. Wabeka abehluleli ezweni nasemizini yonke yakwaJuda ebiyelweyo, imizi ngemizi. Wathi kubehluleli: “Kubhekisiseni enikwenzayo, ngokuba anihluleleli abantu, kodwa uNkulunkulu onani ekwehluleleni. Ngakho-ke hlalani nimesaba uSimakade, niqaphele enikwenzayo, ngokuba akukho ukungalungi kuSimakade uNkulunkulu wethu, akakhethi buso bamuntu futhi akafunjathiswa.” NaseJerusalema, uJehoshafathi wabeka abanye babaLevi nabaphristi, nezinye zezinhloko zoyise bakwa-Israyeli ukuze behlulele egameni likaSimakade, bathethe amacala. Babuyela eJerusalema. Wabayala wathi: “Niyokwenza kanjalo, nimesabe uSimakade ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo. Wonke amacala afika kini evela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezehlulelo, niyakubaxwayisa ngawo ukuba bangabi nacala kuSikamade, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu. Niyokwenza kanjalo, ningabi nacala. “Bheka, u-Amariya, umphristi, nguye onengamele nazo zonke izindaba zikaSimakade. UZebadiya, indodana ka-Ishmayeli, umholi wendlu yakwaJuda, uyokwengamela zonke izindaba eziqondene nenkosi. AbaLevi bayakuba yizikhulu eziniholayo. Yenzani ngesibindi, uSimakade uyakuba nabalungileyo.”
2 iziKronike 19:4-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehoshafati wahlala eJerusalema, kepha wabuye waphuma, wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni, wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise. Wamisa abahluleli ezweni emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, imizi ngemizi, wathi kubahluleli: “Bhekani enikwenzayo, ngokuba anahluleleli umuntu kepha uNkulunkulu, onani ekwahluleleni. Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.” Futhi uJehoshafati wamisa eJerusalema kumaLevi nakubapristi nasezinhlokweni zawoyise bakwa-Israyeli abokwahlulela kukaJehova nabombango. Sebebuyela eJerusalema, wabayala wathi: “Niyakwenze njalo ngokumesaba uJehova, ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo. Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo, niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala. “Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka-Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda, kuzo zonke izindaba zenkosi; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.”
2 iziKronike 19:4-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehoshafati wahlala eJerusalema, wabuye waphuma phakathi kwabantu kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni zakwa-Efrayimi, wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise. Wamisa abahluleli ezweni emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, umuzi ngemizi; Wathi kubahluleli: “Qaphelani enikwenzayo, ngokuba anahluleli abantu, kodwa uJehova onani ekwahluleleni.” Ngakho ukumesaba uJehova makube phezu kwenu; Qaphelani, nikwenze, ngokuba akukho bubi kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso nokwamukela izipho. Ngaphezu kwalokho, uJehoshafati wamisa eJerusalema emaLevi, nakubapristi, nasezinhloko zezindlu zawoyise bakwa-Israyeli, ukuba kube ngukwahlulela kukaJehova nokubambana, lapho sebebuyele eJerusalema. Wabayala wathi: “Niyakwenza kanjalo ngokumesaba uJehova, ngokwethembeka nangenhliziyo epheleleyo. Futhi noma yisiphi isizathu enisithola sivela kubafowenu abahlala emizini yabo, phakathi kwegazi negazi, phakathi komthetho nomyalo, izimiso nezahlulelo, kumelwe ubaxwayise ukuba bangaphambuki kuJehova, bese nifikelwa ulaka, mayelana nabafowenu: yenzani lokhu, futhi aniyikweqa. Bhekani, umpristi omkhulu u-Amariya uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova; noZebadiya indodana ka-Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda, kuzo zonke izindaba zenkosi; namaLevi ayakuba phambi kwakho. Yiba nesibindi, futhi uJehova uyakuba nabahle.