2 iziKronike 17:1-6
2 iziKronike 17:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe, wamqinisa ngokumelene no-Israyeli. Wamisa impi emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, wamisa amakhanda ezweni lakwaJuda nasemizini yakwa-Efrayimi u-Asa uyise ayithathileyo. UJehova wayenaye uJehoshafati, ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akabafunanga oBali; kepha wafuna uJehova uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungenjengokwenza kuka-Israyeli. Ngakho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda waletha izipho kuJehoshafati; wayenengcebo nodumo ngokuchichimayo. Inhliziyo yakhe yathokoza ngezindlela zikaJehova, wasusa izindawo eziphakemeyo nemithi engcwele kwaJuda.
2 iziKronike 17:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJehoshafathi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe, waziqinisa ukuba alwe no-Israyeli. Wakanisa impi kuyo yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo, wabeka amabutho kwaJuda nasemizini yakwa-Efrayimi eyayinqotshwe nguyise u-Asa. USimakade wayenaye uJehoshafathi, ngokuba wahamba ngezindlela zakuqala zikakhokho wakhe uDavide, akazange afune oBhali, kepha wamfuna uNkulunkulu kayise, wahamba emthethweni wakhe, akaze alingisa okwenziwa ngu-Israyeli. Ngakho-ke uSimakade wawusimamisa umbuso esandleni sakhe, wonke uJuda wathela intela kuJehoshafathi; waba nodumo olukhulu nengcebo eningi. Inhliziyo yakhe yashisekela izindlela zikaSimakade, wazisusa izindawo eziphakemeyo, no-Ashera kwaJuda.
2 iziKronike 17:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe, waziqinisa ukulwa no-Israyeli. Wabeka amabutho emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, wabeka amakhanda ezweni lakwaJuda, nasemizini yakwa-Efrayimi u-Asa uyise ayithathileyo. UJehova wayenaye uJehoshafati, ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akafunanga oBali, kepha wafuna uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungengakwenza kuka-Israyeli. Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu. Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera* kwaJuda.