1 kuThimothewu 6:6-19
1 kuThimothewu 6:6-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho. Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni. Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi. Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke, naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu, ukuba ugcine umyalo ungenabala, ungenakusoleka, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu ayakukubonakalisa ngezikhathi zakhe uSomandla obongekayo, oyedwa, iNkosi yamakhosi, uMbusi wababusi, yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen. Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho, benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane, bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.
1 kuThimothewu 6:6-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa ukumesaba uNkulunkulu kanye lokwaneliseka kuyinzuzo enkulu. Ngoba kasilethanga lutho emhlabeni, njalo kasilakuphuma lalutho. Futhi sinokudla nezambatho masaneliswe yikho. Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasogibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekubhujisweni nasekubhujisweni. Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi, okuthe abanye ngokuyifisa baduka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Kodwa wena muntu kaNkulunkulu, zibaleke lezizinto; futhi ulandele ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukubekezela, ubumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma isivumo esihle phambi kofakazi abaningi. Ngiyakuyala emehlweni kaNkulunkulu ophilisa zonke izinto, naphambi kukaKristu Jesu owafakaza isivumo esihle phambi kukaPontiyu Pilatu; ukuze ugcine lomlayo ungelasici, ungelacala, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu; Eyakuyibonakalisa ngezikhathi zayo, obusisiweyo nowedwa uMbusi, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi; Onguye yedwa onokungabhubhi, ehlezi ekukhanyeni okungenakusondela kukho; okungekho muntu owake wambona, nongakwazi ukumbona: makube kuye udumo namandla aphakade. Amen. Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele; ukuba benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nokwaba, bahlanganyele nabanye; bazibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambisise ukuphila okuphakade.
1 kuThimothewu 6:6-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

1 kuThimothewu 6:6-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yebo, ukumesaba uNkulunkulu nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, ngokuba asilethanga lutho emhlabeni, kusobala futhi ukuthi asiyukumuka nalutho. Kepha masaneliswe uma sinokudla nokokwembatha. Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni, ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi. Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu onika ukuphila kukho konke, naphambi kukaKhristu uJesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPhontiyu Pilatu, ukuba uwugcine lo myalo ungenasisihla, nakusoleka, kuze kube ngukubonakaliswa kweNkosi yethu uJesu Khristu, ngesikhathi ayakubonakaliswa ngaso obongekayo nokunguYena ongaphezu kwakho konke, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi. Nguye kuphela ongafiyo, ohlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongakaze abonwe muntu, futhi ongebonwe. Makube kuye udumo namandla aphakade. Amen. Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho. Bayale ukuba benze okuhle, bacebe ngokwenza imisebenzi emihle, baphane, futhi babelane. Ngalokho bazibekela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze bazuze ukuphila okuyikho.