1 kuThimothewu 6:11-20
1 kuThimothewu 6:11-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kodwa wena muntu kaNkulunkulu, zibaleke lezizinto; futhi ulandele ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukubekezela, ubumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma isivumo esihle phambi kofakazi abaningi. Ngiyakuyala emehlweni kaNkulunkulu ophilisa zonke izinto, naphambi kukaKristu Jesu owafakaza isivumo esihle phambi kukaPontiyu Pilatu; ukuze ugcine lomlayo ungelasici, ungelacala, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu; Eyakuyibonakalisa ngezikhathi zayo, obusisiweyo nowedwa uMbusi, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi; Onguye yedwa onokungabhubhi, ehlezi ekukhanyeni okungenakusondela kukho; okungekho muntu owake wambona, nongakwazi ukumbona: makube kuye udumo namandla aphakade. Amen. Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele; ukuba benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nokwaba, bahlanganyele nabanye; bazibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambisise ukuphila okuphakade. Thimothi, gcina lokho okuphathisiweyo, uxwaye inkulumo eziyize leze, lokuphikisa okubizwa ngokuthi yisayensi engamanga
1 kuThimothewu 6:11-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi. Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu onika ukuphila kukho konke, naphambi kukaKhristu uJesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPhontiyu Pilatu, ukuba uwugcine lo myalo ungenasisihla, nakusoleka, kuze kube ngukubonakaliswa kweNkosi yethu uJesu Khristu, ngesikhathi ayakubonakaliswa ngaso obongekayo nokunguYena ongaphezu kwakho konke, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi. Nguye kuphela ongafiyo, ohlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongakaze abonwe muntu, futhi ongebonwe. Makube kuye udumo namandla aphakade. Amen. Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho. Bayale ukuba benze okuhle, bacebe ngokwenza imisebenzi emihle, baphane, futhi babelane. Ngalokho bazibekela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze bazuze ukuphila okuyikho. Thimothewu, londa lokhu okubekwe kuwe, ukugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana okuthiwa ulwazi kube kungesilo
1 kuThimothewu 6:11-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi. Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke, naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu, ukuba ugcine umyalo ungenabala, ungenakusoleka, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu ayakukubonakalisa ngezikhathi zakhe uSomandla obongekayo, oyedwa, iNkosi yamakhosi, uMbusi wababusi, yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen. Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho, benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane, bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho. Thimothewu, londa kahle okubekiweyo kuwe, ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa ukwazi kungesikho
1 kuThimothewu 6:11-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)