1 kuThimothewu 6:10-12
1 kuThimothewu 6:10-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi, okuthe abanye ngokuyifisa baduka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Kodwa wena muntu kaNkulunkulu, zibaleke lezizinto; futhi ulandele ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukubekezela, ubumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma isivumo esihle phambi kofakazi abaningi.
1 kuThimothewu 6:10-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
1 kuThimothewu 6:10-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
1 kuThimothewu 6:10-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)