1 kuThimothewu 6:1-9
1 kuThimothewu 6:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bonke abangaphansi kwejoka mabathi abaninizo bafanele ukutuswa konke, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa. Labanenkosi abakholwayo, kababedeleli, ngoba bengabazalwane; kodwa kunalokho bakhonze, ngoba bathembekile nabathandekayo, abahlanganyeli bosizo. Fundisa lezizinto, ukhuthaze. Uma umuntu efundisa enye into, engavumelani namazwi aphilileyo, amazwi eNkosi yethu uJesu Kristu, nesifundiso esivumelana nokumesaba uNkulunkulu; Uyazidla, engazi lutho, kodwa ukuhaha ngemibuzo lengxabano yamazwi, okuvela kukho umhawu, ukuxabana, ukuthuka, ukucabanga okubi; Imibango ehlanekezelayo yabantu abangqondo eyonakeleyo, abaswele iqiniso, bethi inzuzo ingukumesaba uNkulunkulu; Kodwa ukumesaba uNkulunkulu kanye lokwaneliseka kuyinzuzo enkulu. Ngoba kasilethanga lutho emhlabeni, njalo kasilakuphuma lalutho. Futhi sinokudla nezambatho masaneliswe yikho. Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasogibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekubhujisweni nasekubhujisweni.
1 kuThimothewu 6:1-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

1 kuThimothewu 6:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bonke abaphansi kwejoka lobugqila mababazise abanumzane babo njengabafanelwe yinhlonipho yonke, ukuze igama likaNkulunkulu nemfundiso kungahlanjalazwa. Izigqila ezinabanumzane abakholwayo, mazingabedeleli, ngokuba bangabazalwane njengazo, kodwa mazibasebenzele kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo, labo abasizakala ngokusebenza kahle kwazo. Fundisa lezi zinto futhi ugqugquzele. Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, ephikisana namazwi aqinisileyo eNkosi yethu uJesu Khristu nemfundiso enokwesaba uNkulunkulu; esekhukhumele, ebe engaqondi lutho, enelukuluku lokuphikisana nokuba nengxabano okuvela kukho umona, umbango, ukuhlambalaza, ukudlinza okubi, ukuxabana okungapheliyo kwabantu abangqondo yabo yonakalisiwe, futhi abaphucwe iqiniso, abathi ukuzenzela inzuzo kungubuNkulunkulu. Yebo, ukumesaba uNkulunkulu nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, ngokuba asilethanga lutho emhlabeni, kusobala futhi ukuthi asiyukumuka nalutho. Kepha masaneliswe uma sinokudla nokokwembatha. Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni
1 kuThimothewu 6:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bonke abayizigqila phansi kwejoka mabathi abanumzane babo bafanele ukutuswa impela, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa. Abanabanumzane abakholwayo bangabadeleli, ngokuba bengabazalwane, kodwa kube yikhona bebakhonza kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo labo abasizakala ngomsebenzi wabo. Wofundisa lezo zinto, uyale ngazo. Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, engawalandeli amazwi aphilileyo eNkosi yethu uJesu Kristu nesifundiso esiya ngokumesaba uNkulunkulu, ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi, nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo. Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho. Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.