1 kuThimothewu 4:11-16
1 kuThimothewu 4:11-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Yala lezi zinto ufundise. Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka. Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike. Ungasideleli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngesiprofetho ngokubekwa izandla zabadala. Zindla ngalezizinto; zinike ngokuphelele kuzo; ukuze ukuqhubeka kwakho kubonakale kubo bonke. Ziqaphele wena nesifundiso; hlala kuzo, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.
1 kuThimothewu 4:11-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yala ngalezi zinto, futhi ufundise ngazo. Makungabi bikho muntu owedelela ubusha bakho, kodwa yiba yisibonelo kwabakholwayo ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokukholwa nangokuhlanzeka. Qikelela ukuba ufunde, uyale, ufundise, ngize ngifike. Ungasidebeseli isiphiwo sakho, owasiphiwa ngezwi elaphrofethwa, nangokubeka izandla ngamalunga. Yenza lezi zinto, uzinikele kuzo, ukuze ukuqhubekela phambili kwakho kubonwe yibo bonke. Ziqaphele wena nemfundiso, uphikelele kukho, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nalabo abakuzwayo.
1 kuThimothewu 4:11-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Woyala ngalezo zinto, ufundise ngazo. Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka. Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike. Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga. Nakekela lezo zinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke. Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezo zinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.
1 kuThimothewu 4:11-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)