1 kuThimothewu 2:1-4
1 kuThimothewu 2:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokunxusa, nokubonga kwenzelwe abantu bonke; Ngeyamakhosi, nakubo bonke abakhulu; ukuze siphile impilo ezolileyo lenokuthula kukho konke ukuhlonipha uNkulunkulu lobuqotho. Ngokuba lokhu kuhle, kuyabongeka phambi kukaNkulunkulu uMsindisi wethu; Othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele olwazini lweqiniso.
1 kuThimothewu 2:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke okokuqala nje, ngigqugquzela ukuba ukunxusa, ukukhuleka, ukucela nokubonga kwenzelwe abantu bonke; amakhosi nazo zonke iziphathimandla, ukuze sihlale kahle ngokuthula, ngokwesaba uNkulunkulu, nangakho konke ukuhlonipheka. Lokhu kuhle, futhi kwamukelekile emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu, othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.
1 kuThimothewu 2:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke, amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo. Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.
1 kuThimothewu 2:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)