1 kwabaseThesalonika 4:16-18
1 kwabaseThesalonika 4:16-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala; Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo. Ngakho duduzanani ngalawamazwi.
1 kwabaseThesalonika 4:16-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ngokuba iNkosi uqobo iyakukwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu; abafileyo kuKhristu bayakuvuka kuqala. Lapho-ke, thina esisaphila, sisele, siyakuhlwithwa kanye nabo emafini, sihlangane neNkosi emoyeni. Siyakuhlala nayo njalo iNkosi. Ngakho-ke duduzanani ngalawa mazwi.
1 kwabaseThesalonika 4:16-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo. Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi.
1 kwabaseThesalonika 4:16-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)