1 uSamuweli 9:1-27

1 uSamuweli 9:1-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwakukhona umuntu kwaBhenjamini ogama lakhe kunguKishi, indodana ka-Abhiyeli kaZerori kaBhekhorathi ka-Afiya, indodana yowakwaBhenjamini, iqhawe elinamandla. Wayenendodana igama layo kunguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantu bakwa-Israyeli. Kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu. Izimbongolo zikaKishi, uyise kaSawule, zalahleka. UKishi wathi kuSawule, indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku uvuke nihambe niyofuna izimbongolo.” Wadabula kwelezintaba kwa-Efrayimi, wadabula eShalisha, kodwa abazifumananga, base bedabula eShahalimi; nalapho zazingekho. Wadabula kwaBhenjamini, kepha kabazitholanga. Kwathi lapho befika eZufi, uSawule wathi encekwini yakhe eyayihamba naye: “Woza, siphindele emuva, funa ubaba ayeke ukukhathazeka ngezimbongolo, bese ekhathazeka ngathi.” Yathi kuye: “Bheka, kukhona umuntu kaNkulunkulu kulo muzi, umuntu ohloniphekile; konke akukhulumayo kuyakwenzeka impela. Masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.” USawule wayesethi encekwini yakhe: “Uma siya lapho, siyakumnikani lowo muntu na? Isinkwa siphelile emigodleni yethu, akusekho sipho esingasiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sisenani na?” Inceku yabuye yamphendula uSawule, yathi: “Uyabona-ke, ngiphethe esandleni sami okwesine kweshekeli lesiliva; lokhu ngiyakumnika khona lowo muntu kaNkulunkulu ukuba asitshele mayelana nendlela yethu.” Inceku yathi, kudala kwa-Israyeli noma ngubani owayeya ukuyobuza kuNkulunkulu, wayethi: “Woza siye kumboni.” Ngokuba lowo okuthiwa ngumphrofethi manje kuqala wayebizwa ngomboni. USawule wayesethi encekwini yakhe: “Lihle izwi lakho, woza sihambe.” Baya emzini lapho kwakukhona umuntu kaNkulunkulu. Besakhuphuka ummango bephikelele emzini bahlangana namantombazane eyokukha amanzi, bathi kuwo: “Ukhona yini umboni na?” Abaphendula athi: “Ukhona, bhekani nangu phambi kwenu. Nokho sheshani ngokuba ufike namuhla emzini, ngoba abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo. Lapho ningena nje emzini niyomfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba nabantu abayukudla engakafiki, ngoba nguye obusisa umhlatshelo andukuba abamenyiweyo badle. Khuphukani khona manje, nizomthola ngalesi sikhathi.” Benyukela emzini; kuthe besangena khona, uSamuweli wazithela kubo, lapho ephuma enyukela endaweni ephakemeyo. USimakade wayemambulele ngayizolo uSamuweli, engakafiki uSawule, wathi: “Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.” USamuweli esembonile uSawule, uSimakade wathi kuye: “Nangu-ke umuntu engikhulume ngaye kuwe, ngathi: ‘Lo uyakubusa abantu bami.’ ” USawule wayesesondela kuSamuweli esangweni, wathi: “Ake ungitshele ukuthi iphi indlu yomboni.” USamuweli wamphendula uSawule, wathi: “Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwami, uye endaweni ephakemeyo, ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukudedela uhambe, ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho. Mayelana nezimbongolo zakho ezilahlekile ezinsukwini ezintathu ezedlule, ungabe usayibeka inhliziyo yakho kuzo, ngokuba sezitholakele. Ngokuba libekwe kubani kanti ithemba lika-Israyeli, uma kungekuwe nakubo bonke abendlu kayihlo na?” USawule waphendula wathi: “Angisiye yini owakwaBhenjamini, isizwana esincane ezizwaneni zakwa-Israyeli na? Umndeni wami awumncane yini kuyo yonke imindeni yezizwana zakwaBhenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?” USamuweli wathatha uSawule nenceku yakhe wangena nabo endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni ephambili, phakathi kwababemenyiwe; kwakungamadoda angama-30. USamuweli wathi kumpheki: “Letha isabelo engakunika sona engasho kuwe ngaso ukuthi: ngigcinele sona.” Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: “Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi, njengalokhu ngithe ngimeme abantu.” USawule wayesedla noSamuweli ngalolo lusuku. Sebehlile endaweni ephakemeyo, bangena emzini. USamuweli waxoxa noSawule besophahleni lwendlu. Bavuka ekuseni kuseluvindi, uSamuweli wambiza uSawule ophahleni lwendlu, wathi kuye: “Vuka khona ngizokumukisa.” Wavuka-ke uSawule. Baphuma bobabili baya phandle, uSamuweli noSawule. Kwathi besehlela ngasemaphethelweni omuzi, uSamuweli wathi kuSawule: “Tshela inceku yakho ukuba yedlule ihambe phambi kwethu.” Yase yedlula. “Yima wena ukuze ngikutshele izwi elikhulunywe nguNkulunkulu.”

1 uSamuweli 9:1-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwakukhona umuntu wakoBhenjamini ogama lakhe linguKishi, indodana ka-Abiyeli, indodana kaSerori, indodana kaBegorati, indodana ka-Afiya, umBenjamini, iqhawe. Wayenendodana igama layo linguSawule, insizwa enhle nebukekayo; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu. Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zabhubha. UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku, uzilungise, uye ukufuna izimbongolo; Wadabula izintaba zakwa-Efrayimi, wadabula izwe laseSalisa, kepha abazitholanga; badabula izwe laseSalimi, kepha zazingekho; wadabula izwe lakwaBenjamini, kepha abawafumananga. Lapho sebefikile ezweni laseSufi, uSawule wathi encekwini yakhe eyayinaye: “Woza sibuyele emuva; ukuthi ubaba akayeki ukunakekela izimbongolo nokusicabangela. Wathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, ungumuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyenzeka impela; asihambe siye khona manje; mhlawumbe angasikhombisa indlela okufanele sihambe ngayo. USawuli wasesithi encekwini yakhe: Kodwa khangela, uba sihamba, sizalethani kulowomuntu? ngoba isinkwa sezitsheni zethu sesiphelile, njalo kakukho sipho esingasiletha kumuntu kaNkulunkulu yini esinayo. Inceku yabuye yamphendula uSawule, yathi: “Bheka, ngisesesandleni sakho okwesine kweshekeli lesiliva; lokhu ngiyakumnika umuntu kaNkulunkulu ukuba asitshele indlela yethu. (Esikhathini sokuqala kwa-Israyeli, lapho umuntu eyobuza kuNkulunkulu, wayethi: “Woza, siye umboni; ngokuba lowo othiwa umprofethi manje wayethiwa uMboni kuqala.) USawuli wasesithi encekwini yakhe: Ukhulume kuhle; woza sihambe Basuka baya emzini lapho kwakunomuntu kaNkulunkulu. Kwathi bekhuphuka intaba beya emzini, bafumana amantombazane aphuma ukuyokha amanzi, athi kuwo: “Umboni ukhona na?” Baphendula bathi: “Ukhona; bhekani, uphambi kwenu; sheshani, ngokuba ifikile namuhla emzini; ngoba namuhla kukhona umhlatshelo wabantu phezulu. Ngokushesha nje lapho ningena emzini, niyomthola masinyane ngaphambi kokuba akhuphukele endaweni ephakeme ukuze adle; ngoba abantu abayikudla aze afike, ngoba ubusisa umhlatshelo; ngasemuva badla abamenyiweyo. Sukuma manje; ngoba ngalesisikhathi lizamthola. Base benyukela emzini, bengena emzini, uSamuweli waphuma ukuwahlangabeza ekhuphukela endaweni ephakemeyo. UJehova wamtshela uSamuweli endlebeni yakhe ngosuku olwandulela ukufika kukaSawule, wathi: Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini, umgcobe abe ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli, ukuze asindise abantu bami esandleni samaFilisti; ngoba ngikubonile. Lapho uSamuweli ebona uSawule, uJehova wathi kuye: “Nangu umuntu engangikhulume ngaye kuwe! Uyobusa phezu kwabantu bami. USawule wayesefika kuSamuweli esangweni, wathi: “Ngitshele ukuthi iphi indlu yomboni; USamuweli wamphendula uSawule, wathi: “Ngingumboni; khiphani phambi kwami endaweni ephakemeyo; ngoba namuhla uzodla Nami, futhi kusasa ngizokukhulula futhi ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho. Izimbongolo zakho esezikulahlekile ezinsukwini ezintathu ezedlule, ungazinaki; ngoba zatholwa. Futhi phezu kukabani zonke izifiso zika-Israyeli? Akukhona kuwe nakuyo yonke indlu yakho? USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, omncane wezizwe zakwa-Israyeli na? nesizukulwane sami sibe sincane kuzo zonke izizukulwana zesizwe sakwaBenjamini? pho kungani ukhuluma nami kanjalo? USamuweli wayesemthatha uSawule nenceku yakhe, wabangenisa endlini yokuphumula, wabahlalisa endaweni ephakemeyo phakathi kwabamenyiweyo, kungathi abantu abangamashumi amathathu. USamuweli wasesithi kumpheki: Letha isabelo engakunika sona, engakutshela ngaso: Sibeke kuwe. Umpheki wathatha ihlombe nalokho okwakuphezu kwalo, wakubeka phansi phambi kukaSawule. USamuweli wathi: “Bheka, okusele; Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kuze kube manje kugcinelwe wena kusukela ngathi: Ngimemile abantu. Ngakho uSawule wadla noSamuweli ngalolo suku. Behla endaweni ephakemeyo beza emzini, uSamuweli wakhuluma kuSawule phezu kwendlu. Basebevuka ekuseni kakhulu, kwathi sekuntsukwini uSamuweli wabiza uSawuli phezu kwendlu, wathi: Vuka, ukuze ngikuyeke uhambe. USawule wayesemqeda, baphuma bobabili, yena noSamuweli. Kwathi behlela ekupheleni komuzi, uSamuweli wathi kuSawule: UNkulunkulu.

1 uSamuweli 9:1-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwakukhona umuntu wakwaBenjamini ogama lakhe lalinguKishi indodana ka-Abiyeli kaSerori kaBekhorati ka-Afiya, indodana yowakwaBenjamini, iqhawe elinamandla. Wayenendodana egama layo lalinguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu. Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zalahleka. UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku, usuke, uye kufuna izimbongolo.” Wadabula izintaba zakwa-Efrayimi, wadabula izwe laseShalisha, kepha abazifumananga; base bedabula izwe laseShahalimi, nalapho zazingekho; wadabula izwe labakwaBenjamini, kepha kabazifumana. Sebefikile ezweni laseSufi, uSawule wathi kuyo inceku yakhe eyayinaye: “Woza sibuye, funa ubaba aziyeke izimbongolo, enqene ngathi.” Yathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, umuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyakwenzeka impela; masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.” Wayesethi uSawule kuyo inceku yakhe: “Kepha bheka, uma siya khona, siyakulethani kulowo muntu na? Ngokuba isinkwa siphelile ezitsheni zethu; akukho nto esingayiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sinani, pho, na?” Inceku yabuye yamphendula uSawule, yathi: “Ngiphethe esandleni sami okwesine kweshekeli* lesiliva; lokhu ngiyakumnika khona lowo muntu kaNkulunkulu ukuba asitshele indlela yethu.” Endulo kwa-Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu, washo wathi: “Woza siye kumboni;” ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni. USawule wayesethi kuyo inceku yakhe: “Lihle izwi lakho; woza sihambe.” Base beya emzini lapho lowo muntu kaNkulunkulu wayekhona. Besakhuphuka ummango womuzi bafumana amantombazana eyakukha amanzi; bathi kuwo: “Umboni ukhona na?” Abaphendula athi: “Ukhona; nangu ngaphambi kwakho; shesha kodwa, ngokuba ufikile namuhla emzini, lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo; ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba abantu abayikudla engakafiki, lokhu nguye obusisa umhlatshelo, andukuba abamenyiweyo badle. Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.” Benyukela emzini; besangena emzini, bheka, uSamuweli waphumela kubo ukuyakwenyukela endaweni ephakemeyo. UJehova wayemambulele uSamuweli ngayizolo, uSawule engakafiki, ethi: “Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibonile abantu bami, lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.” USamuweli esembonile uSawule, uJehova wathi kuye: “Nangu umuntu engakhuluma ngaye kuwe, ngathi: ‘Lo uyakubusa abantu bami.’ ” USawule wayesesondela kuSamuweli esangweni, wathi: “Ake ungitshele ukuthi iphi indlu yomboni.” USamuweli wamphendula uSawule, wathi: “Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwami, uye endaweni ephakemeyo, ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa, ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho. Izimbongolo zakho esezinezinsuku ezintathu zilahlekile, ungabeki inhliziyo yakho kuzo, ngokuba zitholiwe. Ngokukabani konke okunxanelekayo kwa-Israyeli na? Akusikho okwakho nokwendlu yonke kayihlo na?” USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, owesincane sezizwe zakwa-Israyeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?” USamuweli wamthatha uSawule nenceku yakhe, wabangenisa endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni engumqoka phakathi kwabamenyiweyo, kungathi abangamashumi amathathu. USamuweli wathi kumpheki: “Letha isabelo engakunika sona engasho kuwe ngaso ukuthi: Sibeke ngakuwe.” Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: “Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi, njengalokho ngithe ngimemile abantu.” USawule wayesedla noSamuweli ngalolo suku. Sebehlile endaweni ephakemeyo bangena emzini; wakhuluma noSawule ophahleni lwendlu. Bavuka ekuseni; kwathi kusantwela, uSamuweli wabiza uSawule esophahleni lwendlu, wathi: “Vuka ukuba ngikumukise.” Wayesevuka uSawule, baphuma bobabili, baya phandle, yena noSamuweli. Besehlela ngasekugcineni komuzi, uSamuweli wathi kuSawule: “Yisho kuyo inceku ukuba idlule phambi kwethu – yadlula-ke – kepha yima wena manje ukuba ngikuzwise izwi likaNkulunkulu.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo