1 uSamuweli 6:1-13

1 uSamuweli 6:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Umphongolo kaSimakade wahlala ezweni lamaFilisti izinyanga eziyisikhombisa. AmaFilisti ababiza abaphristi nababhulayo, athi: “Sizokwenzenjani ngomphongolo kaSimakade na? Siboniseni; sizakuwubuyisela kanjani endaweni yawo na?” Bathi: “Uma senizowuphindisela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawuphindiseli ungenalutho. Kodwa ubuyiseleni nomnikelo wecala, khona niyophiliswa; sekuyokwazeka-ke ukuthi kungani isandla sakhe singasuswa kini.” Athi: “Uyokuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kanye nawo na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide ngokwenani lamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo esisodwa esihlasele bonke, ngisho namakhosi enu. Niyokwenza imifanekiso yamathumba enu anihlasele nemifanekiso yamagundane enu ahlasele izwe, nimnike udumo uNkulunkulu ka-Israyeli, hleze asenze sibe lula isandla sakhe phezu kwenu, phezu konkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini. Nizenzeleni lukhuni izinhliziyo zenu, njengoba kwenza abaseGibhithe noFaro, abazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebashaye kanzima, ababavumelanga yini ukuba bahambe na? “Manje thathani, nenze inqola entsha nezinkomazi ezimbili ezincelisayo okungakaze kuhlale joka kuzo; zibopheleni izinkomazi enqoleni, nibuyisele emuva amankonyane azo, niwabuyisele ekhaya. Niyowuthatha umphongolo kaSimakade, niwubeke enqoleni, nifake ebhokisini eliseceleni kwawo impahla yegolide eniyiphindisela kuye, ibe ngumnikelo wecala, izinkomazi nizidedele zihambe. Bhekani, uma zenyuka nawo ngendlela esemngceleni waseBhethi Shemeshi, yazini ukuthi nguNkulunkulu ka-Israyeli osehlisele lobo bubi obukhulu. Uma kungenzeki kanjalo, kuyobe sehlelwe yingozi nje.” Abantu benza kanjalo, bathatha izinkomazi ezimbili ezincelisayo, bazibophela enqoleni, kwathi amankonyane azo bawavalela ekhaya. Babeka umphongolo kaSimakade enqoleni nebhokisi lamagundane egolide nemifanekiso yegolide yamathumba abo. Izinkomazi zangena indlela, zabheka ngaseBhethi Shemeshi, zihamba endleleni, zihamba zibhonsa, aziphambukelanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. Amakhosi amaFilisti azilandela aze afika emngceleni eBhethi Shemeshi. AbaseBhethi Shemeshi babevuna ukolo esigodini, lapho bephakamisa amehlo, babona umphongolo, bathokoza nxa bewubona.

1 uSamuweli 6:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Umphongolo kaJehova wawusezweni lamaFilisti izinyanga eziyisikhombisa. AmaFilisti abiza abapristi nababhuli, athi: “Siyakwenze njani ngomphongolo kaJehova na? Saziseni ukuthi singawubuyisela kanjani endaweni yawo.” Bathi: “Uma nimukisa umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawumukisi ze, kepha anobuyisela nokubuyisela kuye umnikelo wecala; khona niyakuphiliswa, kwazeke kini ukuthi isandla sakhe asisuswa ngani kini.” Athi: “Uyakuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kuye na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo sinye esikubo bonke nakuwo amakhosi enu. Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe, nimnike uNkulunkulu ka-Israyeli udumo; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu, naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini. Nenzeleni zibe lukhuni izinhliziyo zenu, njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenzile phakathi kwabo, ababavumelanga yini ukuba bahambe na? “Manje thathani nilungise inqola entsha nezinkomo ezimbili ezincelisayo okungafikanga joka phezu kwazo, nizibophele izinkomo enqoleni, nibuyisele ekhaya amankonyane azo, nithathe umphongolo kaJehova, niwubeke enqoleni, nifake impahla yegolide eniyibuyisela kuye ibe ngumnikelo wecala ebhokisini eliseceleni kwawo, niyimukise, ihambe. Anobona, uma yenyuka ngendlela yasemkhawulweni wayo ukuya eBeti Shemeshi, nguye osenzele lobo bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, siyakwazi ukuthi akusiso isandla sakhe esisishayileyo; sehlelwa ingozi nje.” Abantu benze njalo; bathatha izinkomo ezimbili ezincelisayo, bazibophela enqoleni, bazivalela amankonyane azo ekhaya, bawubeka umphongolo kaJehova enqoleni kanye nebhokisi lamagundane egolide nemifanekiso yamathumba abo. Izinkomo zaqonda endleleni, zaya ngaseBeti Shemeshi, zahamba ngomendo, zihamba zikhala, zingaphambukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo; amakhosi amaFilisti azilandela, aze afika emkhawulweni waseBeti Shemeshi. AbaseBeti Shemeshi babevuna ukolweni esigodini, baphakamisa amehlo abo, bawubona umphongolo, bathokoza ukuwubona.

1 uSamuweli 6:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Umphongolo kaJehova wawusezweni lamaFilisti izinyanga eziyisikhombisa. AmaFilisti abiza abapristi nabahlola imihlola, athi: “Siyakwenze njani ngomphongolo kaJehova na?” sitshele ukuthi sizoyithumela ngani endaweni yayo. Bathi: “Uma niwumukisa umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawuthumi uze; kodwa noma kunjalo nimbuyisele umnikelo wecala; khona-ke niyakuphiliswa, futhi nizokwaziwa kini ukuthi kungani isandla sakhe singasuswanga kini. Base bethi: “Uyini umnikelo wecala ukuba siwubuyisele kuye na?” Athi: Amankonjane amahlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wezikhulu zamaFilisti, ngokuba isifo sinye sasiphezu kwenu nonke namakhosi enu. Ngalokho niyakuzenzela izithombe zabagayi benu nemifanekiso yamagundane enu abhubhisa izwe; futhi kumelwe nimkhazimulise uNkulunkulu ka-Israyeli; mhlawumbe angasenza lula isandla sakhe kini, nakonkulunkulu benu, nasezweni lenu. Pho-ke niyenzelani lukhuni izinhliziyo zenu njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenza ngokuyisimangaliso phakathi kwabo, abavumelanga yini abantu ukuthi banyakaze futhi basuke? Manje yenzani inqola entsha, nithathe izinkomo ezimbili ezincelisayo ezingaboshelwa ejokeni, nizibophe enqoleni, nibuyisele amathole azo ekhaya. Thathani umphongolo kaJehova, niwubeke enqoleni; izinto zegolide enizibuyisela kuye njengomnikelo wecala, nizibeke ebhokisini eliseduze kwalo; futhi uyimukise, ukuze ihambe. Bhekani, uma ikhuphuka ngendlela isuka ogwini lwakubo, iye eBeti Shemeshi, usenze lobu bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, sizokwazi ukuthi akusona isandla sakhe esisishayileyo; kwakuyithuba elenzeke kithi. Amadoda enza njalo; athatha izinkomo ezimbili ezanyisayo, azibophela enqoleni, azivalela amathole azo endlini. Bawubeka umphongolo kaJehova enqoleni, nebhokisi elinamagundane egolide nemifanekiso yezimpondo zabo eziloliwe. Izinkomo zahamba ngendlela eqondile endleleni yaseBeti Shemeshi, zahamba ngendlela ephakeme, zisatshekile, aziphendukanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo; izikhulu zamaFilisti zawalandela, zaze zafika emkhawulweni waseBeti Shemeshi. Abantu baseBeti Shemeshi babevuna ukolweni esigodini, baphakamisa amehlo abo, bawubona umphongolo, bathokoza ukuwubona.