1 uSamuweli 27:1-7
1 uSamuweli 27:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.” Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangama-600 ayehamba nabo, waya ku-Akhishi, indodana kaMahokhi, inkosi yaseGathi. UDavide wahlala no-Akhishi eGathi, yena nabantu bakhe, kwaba yilowo nalowo nabendlu yakhe, uDavide nomkakhe ababili, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abhigayili waseKharimeli, umkaNabali. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGathi; akabe esamfuna futhi. UDavide wathi ku-Akhishi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, mabanginike indawo komunye wemizi ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?” U-Akhishi wamnika iZikilagi ngalolo lusuku, ngalokho-ke iZikilagi lingelamakhosi akwaJuda kuze kube namuhla. UDavide wahlala unyaka nezinyanga ezine ezweni lamaFilisti.
1 uSamuweli 27:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.” Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, waya ku-Akhishi indodana kaMahoki, inkosi yaseGati. UDavide wahlala no-Akhishi eGati, yena nabantu bakhe, kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe, uDavide enawomkakhe bobabili, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili waseKarmeli umkaNabali. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGati; akabe esamfuna futhi. UDavide wathi ku-Akhishi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, mabanginike indawo komunye wemizi yasemaphandleni ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?” U-Akhishi wamnika iSikilagi ngalolo suku; ngalokho iSikilagi lingelamakhosi kuze kube namuhla. Umumo wezinsuku zokuhlala kukaDavide ezweni lamaFilisti wawungumnyaka nezinyanga ezine.
1 uSamuweli 27:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavida wasesithi enhliziyweni yakhe: Ngolunye usuku ngizabhubha ngesandla sikaSawuli; uSawule uyakudangala ngami ukungifuna ezindaweni zonke zakwa-Israyeli; ngakho ngiyakuphunyuka esandleni sakhe. UDavida waseqeda yena, njalo yena labantu abangamakhulu ayisithupha ababelaye wasuka waya kuAkhishi indodana kaMagogi inkosi yeGathi. UDavide wahlala no-Akhishi eGati, yena namadoda akhe, kwaba yilowo nalowo nendlu yakhe, noDavide enabafazi bakhe ababili, o-Ahinohama waseJizreyeli, no-Abigayili waseKarmeli, umkaNabali. USawule watshelwa ukuthi uDavide ubalekele eGati, wayengasamfuni. UDavida wasesithi kuAgisi: Khathesi-ke, uba ngifumene umusa emehlweni akho, kanginike indawo emzini osemaphandleni, ukuze ngihlale khona; ngoba kungani inceku yakho izahlala lawe emzini wenkosi? U-Agi wamnika iSikilagi ngalolo suku; ngalokho iZikilagi lingelamakhosi akwaJuda kuze kube namuhla. Isikhathi sokuhlala kukaDavide ezweni lamaFilisti sasingumnyaka nezinyanga ezine.