1 uSamuweli 26:7-11
1 uSamuweli 26:7-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide no-Abhishayi baya kubantu ebusuku. Bheka, uSawule wayelele zwi enkanjini, umkhonto wakhe ugxunyekwe emhlabathini ngasekhanda lakhe. U-Abhineri nabantu bakaSawule babelele bemzungeze nxazonke. U-Abhishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu usinikele esandleni sakho isitha sakho namuhla, ngakho-ke mangimbhokode kanye ngomkhonto ngimhlanganise nomhlabathi, ngingamphindi.” UDavide wathi ku-Abhishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelula isandla sakhe amelane nogcotshiweyo kaSimakade, angabi nacala na?” UDavide wathi: “Ngifunga ngiyagomela, uSimakade uyakumshaya, noma afikelwe wusuku lokufa, ehlele empini, abhubhe. Mawungabi bikho nhlobo kimi lowo mcabango wokuba uSimakade angivumele ukuba ngelule isandla ngimelane nogcotshiweyo kaSimakade. Wena thatha umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi, sihambe.”
1 uSamuweli 26:7-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ODavide no-Abishayi bafika kubantu ebusuku; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni, umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke. U-Abishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; ngalokho mangimgwaze kanye ngomkhonto uze udle umhlabathi, ngingamphindi.” UDavide wathi ku-Abishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova, angabi nacala, na?” UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe. UJehova makenqabe ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova; ake uthathe umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi, sihambe.”
1 uSamuweli 26:7-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide no-Abishayi bafika kubantu ebusuku, bheka, uSawule wayelele ubuthongo emgodini, nomkhonto wakhe ugxunyekwe emhlabathini ngasemgodleni wakhe, kepha u-Abineri namadoda belele nxazonke zakhe. U-Abishayi wayesethi kuDavide: “UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; mangimgwaze phansi ngomkhonto kanye nje, ngingaphinde ngimehlule okwesibili. UDavida wasesithi kuAbishayi: Ungambulali, ngoba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo weNkosi, angabi lecala? UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya; ukuthi usuku lwakhe lokufa luyafika yini; noma ehle empini abhubhe. UJehova wangenqabela ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova; kepha thatha umkhonto ongasemgodleni wakhe nesiphambano samanzi, sihambe.