1 uSamuweli 25:1-39

1 uSamuweli 25:1-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USamuweli wafa; u-Israyeli wonke wahlangana, wamlilela, wawusummbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wayesesuka, ehlela ehlane ePharanu. Kwakukhona umuntu eMahoni owayenemfuyo eKharmeli. Lowo muntu wayecebe kakhulu, enezimvu eziyizi-3 000 nezimbuzi eziyi-1 000. Izimvu zakhe wayezigundela eKharmeli. Igama lalowo muntu kwakunguNabali, umkakhe kungu-Abhigayili, engowesifazane okhaliphile, futhi emuhle, kodwa indoda yakhe yayilukhuni, inenkohlakalo emisebenzini yayo; yayingeyomndeni kaKhalebhu. UDavide esesehlane wezwa ukuthi uNabali ugunda izimvu zakhe. UDavide wathumela izinsizwa ezilishumi, wathi kuzo: “Khuphukelani eKharmeli, niye kuNabali, nifike ningikhonzele kuye, nithi kumfowethu: ‘Ukuthula makube kuwe, ukuthula makube sendlini yakho, ukuthula makube kukho konke onakho. “ ‘Manje ngizwile ukuthi unabagundi bakho lapho. Abelusi bakho bebenathi, asibalimazanga, abalahlekelwanga yilutho ngazo zonke izinsuku beseKharmeli. Buza izinsizwa zakho, zizokutshela; ngakho-ke izinsizwa zami mazifumane umusa emehlweni akho, ngokuba sifike ngosuku oluhle. Ake uziphe izinceku zakho nendodana yakho uDavide, noma yini onayo.’ ” Izinsizwa zikaDavide zahamba, zawasho kuNabali wonke lawo mazwi njengoba enjalo egameni likaDavide, zase zilinda. UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo. Ngisithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nenyama engikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi na?” Izinsizwa zikaDavide zaphenduka kuleyo ndlela ezaziyithathile zabuyela emuva, zabika kuye wonke lawo mazwi. UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe. Kwakhuphuka abantu kungathi abangama-400 belandela uDavide, kwathi abangama-200 basala nempahla. Enye yezinsizwa yamtshela umkaNabali u-Abhigayili, yathi: “Bheka, uDavide uthumele izithunywa zisuka ehlane ukuzobingelela inkosi yethu, kepha yona yazithukuthelela. Labo bantu basiphatha kahle, asilimalanga, asilahlekelwanga yilutho zonke izinsuku sihambisana nabo sisendle; babe lugange kithi ubusuku nemini, sonke isikhathi sinabo salusa izimvu. Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.” U-Abhigayili waphangisa, wathatha izinkwa ezingama-200, izimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, amaseya ayisihlanu otshwele, izigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingama-200 zamakhiwane, wakukhweza ezimbongolweni. Wathi ezincekwini zakhe: “Hambani phambi kwami; ngiyanilandela.” Kepha akayitshelanga lutho indoda yakhe, uNabali. Kwathi esagibele embongolweni, ehla endaweni esithekileyo esentabeni; kwase kwehlela kuye uDavide nabantu bakhe ukuba bahlangane naye, nembala wahlangana nabo. UDavide wayethe: “Impela konke kuyize ukuthi mina ngakuvikela konke lo muntu anakho, manje usengibonga ngokwenza into embi kanje kimi. UNkulunkulu makenze kanjalo kuzo zonke izitha zikaDavide, anezelele kulokho, uma ekuseni ngakusasa ngizoshiya noma oyedwa wesilisa ongowakhe.” Lapho u-Abhigayili embona uDavide, washesha wehla embongolweni yakhe, wakhothama wathi mbo ngobuso phambi kukaDavide. Wayewele ngasezinyaweni zikaDavide, wayesethi: “Sale usulethwesa mina lelo cala nkosi yami, ngicela uyivumele incekukazi yakho ikhulume nawe, uyilalele ukuthi ithini incekukazi yakho. Inkosi yami mayingabeki inhliziyo yayo kulo muntu okhohlakele, uNabali, ufuze igama lakhe, unjalo nje yena; nguNabali igama lakhe, uyisiwula. Kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami eyayizithumile. “Nkosi yami, ngiyafunga ngoSimakade, nangempilo yakho uqobo, njengoba uSimakade ekuvimbele ukuba ube necala legazi nokuba uziphindiselele ngesandla sakho; mazibe njengoNabali izitha zakho nalabo abafuna ukubulala inkosi yami. Manje-ke lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami. Thethelela, ngiyakucela, icala lencekukazi yakho, ngokuba uSimakade uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaSimakade; ububi abuyukufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho. Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana. Kuyothi lapho uSimakade esekwenzile konke okuhle enkosini yami njengoba ekhulumile ngawe, akumise ube ngumbusi kwa-Israyeli. Lokhu akuyukuba yisikhubekiso kuwe, kungabi nesazela enhliziyweni yenkosi yami ukuthi uchithe igazi ngeze nokuthi inkosi yami iziphindiselele. Kuyothi lapho uSimakade eseyenzele inkosi yami okuhle, iyikhumbule incekukazi yakho.” UDavide wayesethi ku-Abhigayili: “Makadunyiswe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli okuthume namuhla ukuba ungihlangabeze. Makubusiswe ukuhlakanipha kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele namuhla ukungena ecaleni legazi nokuziphindiselela ngesandla sami. Impela ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbile ukuba ngingakulimazi, uma bewungazange usheshe uze ukuzongihlangabeza, impela ngabe akusalanga nakunye okukaNabali okwesilisa okungokwakhe, ekuseni kusasa.” UDavide wemukela esandleni sika-Abhigayili lokho ayemlethele khona; wayesethi kuye: “Buyela endlini, uphephile, ngikuzwile okushoyo, ngiyasemukela isicelo sakho.” U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni. Ekuseni, selidamukile iwayini kuNabali, umkakhe wamtshela ngalezo zinto, inhliziyo yakhe yaphelelwa ngamandla, waba njengetshe. Kwathi emveni kwezinsuku ezilishumi uSimakade wamshaya uNabali, wafa. UDavide wezwa ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makadunyiswe uSimakade omele indaba yehlazo lami lapho uNabali engihlazisa, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali kuye.” UDavide wathumela wakhuluma no-Abhigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.

1 uSamuweli 25:1-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

USamuweli wafa; wahlangana wonke u-Israyeli, wamlilela, wammbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wasuka, wehlela ehlane lasePharanu. Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli. Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi. UDavide wezwa ehlane ukuthi uNabali ugunda izimvu zakhe. UDavide wathuma izinsizwa eziyishumi; uDavide wathi kuzo izinsizwa: “Khuphukelani eKarmeli, niye kuNabali, nimbingelele egameni lami, nithi kumfowethu: ‘Ukuthula makube kuwe, ukuthula nakube kuyo indlu yakho, ukuthula makube kukho konke onakho. “ ‘Manje sengizwile ukuthi unabagundi; abelusi bakho babe nathi, asibalimazanga, abalahlekelwa lutho zonke izinsuku beseKarmeli. Buza izinsizwa zakho, ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle; ake unike izinceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.’ ” Sezifikile izinsizwa zikaDavide zakhuluma kuNabali njengawo onke lawo mazwi egameni likaDavide, bese zilinda. UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese na? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo. Ngithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nengikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi, na?” Zase ziphenduka izinsizwa zikaDavide endleleni yazo, zabuyela, zamtshela onke lawo mazwi. UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe; kwakhuphuka emva kukaDavide abantu kungathi abangamakhulu amane, kepha abangamakhulu amabili bahlala empahleni. Kodwa enye yezinsizwa yamtshela u-Abigayili umkaNabali, yathi: “Bheka, uDavide wathuma izithunywa zivela ehlane ukuba zibingelele inkosi yethu, kepha yazithukuthelela. Nokho labo bantu basiphatha kahle, asilimalanga, asilahlekelwanga lutho zonke izinsuku sisahambisana nabo sisendle; babe lugange kithi ubusuku nemini, sonke isikhathi sinabo salusa izimvu. Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke, lokhu engumuntu omubi kangaka, ukuze umuntu angekhulume naye.” U-Abigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya* ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni. Wathi kuzo izinsizwa: “Hambani phambi kwami; bhekani, ngiyanilandela.” Kepha akayitshelanga indoda yakhe uNabali. Kwathi esakhwele imbongolo, esehla endaweni esithekileyo yentaba, bheka, kwehlela kuye uDavide nabantu bakhe, wahlangana nabo. UDavide wayeshilo ukuthi: “Impela ngikugcinele ize konke lowo muntu anakho ehlane ukuba angalahlekelwa lutho lwakho konke okwakhe, ngokuba ungibuyisele okubi ngokuhle. UNkulunkulu makenze njalo kuzo izitha zikaDavide, enezele futhi, uma ngishiya ngasekuseni kusasa kukho konke okungokwakhe nokukodwa okungokwesilisa.” Lapho u-Abigayili embona uDavide, washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi. Wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Lobo bubi mabube phezu kwami, nkosi; incekukazi yakho mayikhulume ezindlebeni zakho, uzwe amazwi encekukazi yakho. Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali, ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali* igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo. “Ngalokho, nkosi, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi. Manje-ke, lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami. Ake uthethelele icala lencekukazi yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho. Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho, umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana. Kuyakuthi lapho uJehova esekwenzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, akubeke ube ngumbusi kwa-Israyeli, akuyikuba yisikhubekiso kuwe, kungabi nesanya enhliziyweni yenkosi yami ukuthi uchithile igazi ngeze nokuthi inkosi yami izisindisile; kepha lapho uJehova eseyenzele inkosi yami okuhle, khumbula incekukazi yakho.” UDavide wayesethi ku-Abigayili: “Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli okuthume namuhla ukungihlangabeza. Futhi makubusiswe ukuhlakanipha kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele namuhla ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sami. Ngokuba impela, kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbele ukuze ngingakulimazi, uma ungasheshanga ukuza ukuba ungihlangabeze, impela nga kungasalanga kuNabali ngasekuseni kusasa nokukodwa okungokwesilisa.” UDavide wayesamukela esandleni sakhe lokho amlethele khona; wathi kuye: “Khuphukela endlini yakho ngokuthula; bheka, ngililalele izwi lakho, ngibuvumile ubuso bakho.” U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe, linjengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayithokoza phakathi kwakhe, ngokuba wayephuze kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni. Kwathi ekuseni, lapho iwayini seliphumile kuNabali, umkakhe wamtshela lezo zinto, inhliziyo yakhe yafa phakathi kwakhe, waba njengetshe. Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa. UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe.” UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.

1 uSamuweli 25:1-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu. Kwakukhona umuntu eMahoni omfuyo yakhe yayiseKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, enezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli. Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; futhi wayengowesifazane onengqondo enhle futhi ebukekayo; wayengowendlu kaKalebi. UDavide wezwa ehlane ukuthi uNabali ugundile izimvu zakhe. UDavida wasethuma amajaha alitshumi, uDavida wathi ezincekwini: Yenyukelani eKhameli, liye kuNabali, limkhonzele ebizweni lami. Njalo lizakutsho kohlala kuhle, ukuthi: Ukuthula makube kuwe, lokuthula makube sendlini yakho, lokuthula kukho konke olakho. Manje ngizwile ukuthi unabagundi; manje abelusi bakho ababe nathi, asibalimazanga, abasweli lutho ngaso sonke isikhathi beseKarmeli. Buza izinsizwa zakho, zizokukhombisa. Ngakho-ke izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba siyeza ngosuku oluhle; kunika izinceku zakho nendodana yakho uDavide konke okusesandleni sakho. Lapho izinsizwa zikaDavide zifika, zakhuluma kuNabali njengawo wonke lawo mazwi egameni likaDavide, zema. UNabali wasephendula izinceku zikaDavida wathi: Ngubani uDavida? futhi ingubani indodana kaJese? kulezi zinsuku ziningi izinceku ezephula, kube yilowo nalowo enkosini yakhe. Ngithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nenyama yami engiyihlabele abagundi bami, ngiyinike abantu engingabaziyo ukuthi bavelaphi na? Zase ziphenduka izinsizwa zikaDavide, zabuya, zafika zamtshela onke lawo mazwi. UDavide wayesethi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe; Babhinca, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; Naye uDavide wabhinca inkemba yakhe, wenyuka wamlandela uDavide kungathi amadoda angamakhulu amane; abangamakhulu amabili basala kwabalungileyo. Kepha enye yezinsizwa yamtshela u-Abigayili umkaNabali yathi: “Bheka, uDavide uthume izithunywa zivela ehlane ukuba zibingelele inkosi yethu; wabathuka. Kodwa lawo madoda ayesiphatha kahle kakhulu, asilimalanga, futhi asiphuthelwa lutho ngesikhathi sisensimini sijwayelene nawo. Babelugange kithi, ubusuku nemini, sonke isikhathi sinabo, salusa izimvu. Yazi manje, unake lokho ozakukwenza; ngoba ngokuqinisekile ububi bumelene nenkosi yethu naphezu kwayo yonke indlu yayo, ngoba iyindodana kaBheliyali kangangokuthi akekho ongakhuluma nayo. Khona-ke u-Abigayili washesha wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili namasaka amabili ewayini nezimvu ezinhlanu ezilungisiwe namaseya amahlanu kakolweni ogaziniwe nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomisiwe namaqebelengwane amakhiwane angamakhulu amabili wakubeka ezimbongolweni. Wathi ezincekwini zakhe: “Phumani phambi kwami; bheka, ngiyakulandela. Kodwa akamtshelanga umyeni wakhe uNabali. Ekhwele imbongolo, wehlela endaweni yokucasha yentaba, bheka, uDavide nabantu bakhe behla ukumhlangabeza; wahlangana nabo. UDavida wasesithi: Isibili, mina ngalinda ngeze konke alakho lumuntu enkangala, kakuswelekanga lutho kukho konke okwakhe, wabuyisela ububi bami ngokuhle. UNkulunkulu uyakwenza lokhu futhi enezele ezitheni zikaDavide, uma ngithungela odongeni konke okwakhe ekuseni; Lapho u-Abhigayili ebona uDavide, wehla ngokushesha embongolweni wawa ngobuso phambi kukaDavide wakhothamela phansi. Wawa phansi ezinyaweni zakhe, wathi: “Lobu bubi mabufike phezu kwami, nkosi yami, incekukazi yakho mayikhulume phambi kwezilaleli zakho, uzwe amazwi encekukazi yakho.” Inkosi yami mayingamnaki lo muntu omubi, uNabali, ngokuba njengegama lakhe unjalo; nguNabali igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina nceku yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithuma. Ngakho-ke, nkosi yami, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, lokhu uJehova ukuvimbile ukuba ungezi ukuchitha igazi nokuziphindisela ngesandla sakho, izitha zakho nabenza okubi mazifune iNkosi yami, njengoNabali. Manje-ke, lesi sibusiso inceku yakho esilethe enkosini yami, masinikwe nezinsizwa ezilandela inkosi yami. Xolela isiphambeko senceku yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela inkosi yami indlu; ngokuba inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova, akufunyanwanga okubi kuwe zonke izinsuku zakho. Kodwa umuntu wasukuma ukukuxotsha lokudinga umphefumulo wakho; kepha umphefumulo wenkosi yami uyakuboshelwa emshungwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; nemiphefumulo yezitha zakho iyoyiphonsa kungathi iphakathi kwendwayimana. Kuyakuthi uma uJehova enzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, wakumisa ube ngumbusi kwa-Israyeli; kungabi kini usizi noma isikhubekiso senhliziyo enkosini yami, ukuthi nichithe igazi ngeze, noma ukuthi inkosi yami iziphindisele; kepha uma uJehova enze okuhle enkosini yami, khumbula inceku yakho. UDavida wasesithi kuAbigayili: Kayibusiswe iNKOSI, uNkulunkulu kaIsrayeli, okuthumileyo lamuhla ukungihlangabeza. Futhi ibusisiwe iseluleko sakho, futhi ubusisiwe wena ongivimbele namuhla ukuba ngichithe igazi futhi ungiphindisele ngesandla sami. Ngokuba kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owangivimbela ukuba ngikulimaze, uma ubungasheshanga ukuza ukungihlangabeza, impela, ngabe akasalanga uNabali ekukhanyeni kokusa uJehova angazange amshaye udonga. UDavide wayesethatha esandleni sakhe lokho amlethele khona, wathi kuye: “Khuphukela endlini yakho ngokuthula; bheka, ngilalele izwi lakho futhi ngathatha ubuntu bakho. U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe njengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayijabule phakathi kwakhe, ngokuba wayedakwe kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho, okukhulu noma okuncane, kwaze kwasa. Kwathi ekuseni, lapho iwayini lenyuka kuNabali, umkakhe wamtshela lokho, inhliziyo yakhe yafa phakathi kwakhe, waba njengetshe. Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa. UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova owamela icala lami lokuhlanjalazwa esandleni sikaNabali, wayisindisa inceku yakhe ebubini; ngoba uJehova ulobubi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.