1 uSamuweli 24:5-22

1 uSamuweli 24:5-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Emveni kwalokho uDavide wazisola enhliziyweni yakhe, ngoba wayesike umphetho wengubo kaSawule. Wayesethi kubantu bakhe: “Akufanele neze, Simakade ukuba ngenze into enjengale enkosini yami, ogcotshiweyo kaSimakade, ngimbulale, ngokuba ungogcotshiweyo kaSimakade.” UDavide wabathiya abantu bakhe ngalawo mazwi, akaze abavumela ukuba bamvukele uSawule. USawule wasuka emgedeni, waqhubeka nohambo. UDavide naye wasuka kamuva, waphuma emgedeni, wammemeza uSawule, wathi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama wathi mbo ngobuso, wakhuleka. UDavide wayesethi kuSawule: “Uwalaleleleni amazwi abekhulunywa ngabantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’? Uyabona-ke, namuhla uzibonele ngawakho amehlo ukuthi uSimakade ubekunikele esandleni sami emgedeni. Abanye bathe mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angisoze ngiyibulale inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaSimakade.’ Futhi-ke baba, awubheke nanku umphetho wengubo yakho esandleni sami ngokuba ngiwusikile, angikubulalanga. Yazi, ubone ukuthi akukho nhloso embi kimi ngawe; angikonanga ngalutho, kodwa nguwe ozingela impilo yami ukuze ungibulale. USimakade makehlulele phakathi kwami nawe; uSimakade angiphindiselele kuwe, kodwa isandla sami asiyukuba phezu kwakho. Kunjengesaga sasendulo esithi: ‘Kwababi kuvela ububi,’ yingakho-ke nje isandla sami singeke sikubulale. “Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani? Ukuhubha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje. USimakade makabe ngumehluleli, ehlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.” Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Ngabe yizwi lakho leli, ndodana yami, Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala. Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi. Namuhla ukuveze obala ukuthi ungenzele okuhle kanjani, ngokuba uSimakade unginikele esandleni sakho, kodwa wena awungibulalanga. Ngubani owake wathi esesifumene isitha sakhe, wasiyeka sahamba siphephile na? USimakade makakuphindisele ngokuhle ngalokhu okwenze kimi namuhla. Ngakho-ke bheka, ngiyazi, ngiqinisekile ukuthi uyakuba yinkosi, nokuthi umbuso ka-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho. Ngakho-ke funga kimi ngoSimakade ukuthi awuyukulubhubhisa uzalo lwami, futhi awuyukulesula igama lami endlini kababa.” UDavide wafunga kuSawule. USawule wayesehamba, kodwa uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.

1 uSamuweli 24:5-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ngasemuva uDavide wahlabeka enhliziyweni, ngokuba wayesikile umphetho wengubo kaSawule. Wathi kubantu bakhe: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.” UDavide wabathiya ngalawo mazwi, akabavumelanga ukuba bamvukele uSawule. USawule wasuka emhumeni, wahamba. Naye uDavide wasuka ngasemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi kuSawule: “Ulalelelani amazwi abantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’? Bheka, namuhla amehlo akho abonile ukuthi uJehova wayekunikele esandleni sami emhumeni; abanye bathi mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angiyikwelulela isandla sami kuyo inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaJehova.’ Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe. UJehova makahlulele phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kuwe, kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho. Kunjengesaga sasendulo esithi: ‘Kwababi kuvela okubi;’ ngalokho isandla sami asiyikuba phezu kwakho. “Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani na? Uxosha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje. UJehova makabe ngumahluleli, ahlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.” Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala. Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi. Ulandile namuhla ukuthi ungenzele okuhle, njengokuba, lapho uJehova ebenginikele esandleni sakho, awungibulalanga. Ngokuba uma umuntu efica isitha sakhe, uyasivumela ukuba sihambe ngendlela enhle na? UJehova makakuphindisele ngokuhle ngokwenzileyo kimi namuhla. Manje bheka, ngiyazi ukuthi uyakuba yinkosi impela, nombuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho. Ngalokho ngifungele uJehova ukuthi awuyikunquma inzalo yami emva kwami nokuthi awuyikwesula igama lami endlini kababa.” UDavide wafunga kuSawule; uSawule wagoduka, kepha uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.

1 uSamuweli 24:5-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngasemuva inhliziyo kaDavide yamshaya, ngokuba wayesikile ingubo kaSawule. Wathi kubantu bakhe: “UJehova makangivimbe ukuba ngenze le nto enkosini yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.” UDavide wazibamba izinceku zakhe ngala mazwi, akazivumelanga ukuba zivukele uSawule. Kodwa uSawule wasukuma emhumeni waqhubeka. UDavide naye wasukuma emva kwalokho waphuma emhumeni, wabiza uSawule emva kwakhe, wathi: “Nkosi yami, nkosi! USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi. UDavida wasesithi kuSawuli: Kungani ulalela amazwi akho othi: Khangela, uDavida ufuna ukukulimaza? Bhekani, namuhla amehlo enu abonile ukuthi uJehova ubekunikele namuhla esandleni sami emhumeni; futhi abanye bangilaya ukuthi ngikubulale; ngathi: Kangiyikwelulela isandla sami enkosini yami; ngoba ungogcotshiweyo weNkosi. Ngaphezu kwalokho, baba, bheka, yebo, bheka isicephu sejazi lakho esandleni sami; ngenxa yokuthi nganquma isiqephu sengubo yakho, angikubulalanga, uyazi, uyabona ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, futhi angonanga kuwe; nokho nifuna umphefumulo wami ukuwuthatha. UJehova uyakwahlulela phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kini; kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho. Njengoba isaga sabadala sisithi: Komubi kuvela ububi, kodwa isandla sami kasiyikumelana lawe. Inkosi yakwa-Israyeli yaphumela kubani na? ujaha bani? enjeni efileyo, ezelezeni. UJehova makabe ngumahluleli nomahluleli phakathi kwami nawe, abheke, amele indaba yami, angisindise esandleni sakho. UDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide? USawule waphakamisa izwi lakhe, wakhala. Wathi kuDavide: “Wena ulungile kunami, ngokuba ungibuyisele okuhle, mina ngikuphindisele okubi.” Ubonisile namuhla ukuthi wenze okuhle kimi, ngokuba awungibulalanga lapho uJehova enginikela esandleni sakho. Ngokuba uma umuntu efumana isitha sakhe, uyakusikhulula na? ngalokho uJehova uyakukuvuza kahle ngalokho okwenze kimi namuhla. Manje bheka, ngiyazi kahle ukuthi uyakuba yinkosi impela, nokuthi umbuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho. Manje funga kimi ngoJehova ukuthi awuyikuqeda inzalo yami emva kwami, nokuthi awuyikuqeda igama lami endlini kababa. UDavide wafunga kuSawule. USawuli wasesiya endlini yakhe; kepha uDavide nabantu bakhe benyukela enqabeni yasezintabeni.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo