1 uSamuweli 21:3-6
1 uSamuweli 21:3-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Manje kuyini okuphansi kwesandla sakho na? Nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu noma kuyini okukhona.” Umpristi wamphendula uDavide, wathi: “Asikho isinkwa esivamileyo nje phansi kwesandla sami, kepha kukhona isinkwa esingcwele, uma izinsizwa zizigcinile esifazaneni kuphela.” UDavide wamphendula umpristi, wathi: “Impela abesifazane bavinjelwe kithina ngalezi zinsuku; izinto zezinsizwa zazingcwele ekuphumeni kwami; noma kuyindlela evamileyo nje, izinto zazo zisengcwele nanamuhla.” Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele, ngokuba kwakungekho sinkwa lapho, isinkwa sokubukwa kuphela, ebesisusiwe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esisashisayo mhla sisuswa.
1 uSamuweli 21:3-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke yini onayo lapho? Nginike izinkwa eziyisihlanu noma yini nje ekhona.” Umphristi wamphendula uDavide, wathi: “Asikho isinkwa esijwayelekile enginaso, kodwa kukhona isinkwa esingcwele, izinsizwa zingasidla kuphela uma zizigcinile esifazaneni.” UDavide wamphendula umphristi, wathi: “Impela abesifazane abavunyelwe ukuza kithi kulezi zinsuku; izitsha zezinsizwa zazingcwele lapho ngiphuma nazo; noma lolu kuluhambo olungengcwele, izitsha zazo zisengcwele nanamuhla.” Umphristi wayesemnika isinkwa esingcwele, kwazise sasingekho esinye isinkwa lapho, kuphela esoBukhona esasisuswe phambi kukaSimakade ngesikhathi kubekwa esisha esishisayo.
1 uSamuweli 21:3-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho kuyini ngaphansi kwesandla sakho manje? nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu, noma yini ekhona. Umpristi wamphendula uDavide, wathi: “Akukho sinkwa esivamile phansi kwesandla sami, kodwa kukhona isinkwa esingcwele; uma izinsizwa okungenani beziqhelelanisa nabesifazane. UDavide wamphendula umpristi, wathi kuye: “Kuyiqiniso ukuthi kulezi zinsuku ezintathu selokhu ngiphumile abesifazane bevinjelwe kithi, nezitsha zamajaha zingcwele, nesinkwa siyinto evamile, yebo, nokho. Kuba namuhla esitsheni ungcwelisiwe. Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele, ngokuba kwakungekho sinkwa lapho, kuphela isinkwa sokubukwa esasisuswe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esifudumele ngosuku esisuswa ngalo.