1 uSamuweli 20:41-42
1 uSamuweli 20:41-42 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide. UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube phakade.’ ” Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.
1 uSamuweli 20:41-42 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhala, yilowo nalowo ekhalela umngani wakhe, uDavide wakhala kakhulu. UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sobabili sifunge igama likaSimakade, sathi: ‘USimakade uzokuba phakathi kwami nawe naphakathi kozalo lwami nozalo lwakho kuze kube phakade.’ ” Wayesesukuma uDavide, wahamba, uJonathani wangena emzini.
1 uSamuweli 20:41-42 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide. UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube phakade.’ ” Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.
1 uSamuweli 20:41-42 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi umfana esehambile, uDavida wasukuma endaweni ebheke eningizimu, wawa ngobuso emhlabathini, wakhothama kathathu; UJonathani wasesithi kuDavida: Hamba ngokuthula, ngoba safunga sobabili ebizweni le Nkosi, sathi: I Nkosi izakuba phakathi kwami lawe kuze kube nininini laphakathi kwenzalo yami lenzalo yakho. Wasuka wahamba, uJonathani wangena emzini.